Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 10/15 kk. 25-29
  • Isimo Esenza Kube Nokwanda E-Equatorial Guinea

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimo Esenza Kube Nokwanda E-Equatorial Guinea
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Ukuhlwanyela Imbewu Esikhathini Sangaphambili
  • “Baqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”
  • Ukukhuthaza Ukukhula Ngokubuthana Ndawonye
  • Ukunisela Imbewu Ngesineke
  • Ukusiza Abantu Bathuthukise Ukuphila Kwabo
  • Ukuba Yizigqila ZikaNkulunkulu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 10/15 kk. 25-29

Isimo Esenza Kube Nokwanda E-Equatorial Guinea

UKWENA yinto yokuqala isihambi esiyibonayo lapho indiza esikhwele kuyo ithi cababa esikhumulweni sezindiza sezizwe zonke sase-Equatorial Guinea. Umgwaqo wezindiza ungungwe imithi emihle, eyenza izakhiwo zasesikhumulweni sezindiza zibonakale zizimfushane. Uhlaza lwene ukusuka ogwini lolwandle kuya eziqongweni zezintaba, lukhuliswa amathantala emvula nezinga lokushisa elingaphezu kuka-20 unyaka wonke.

Ukukhula okunamandla kolunye uhlobo nakho kuyaqhubeka e-Equatorial Guinea, ‘ukukhula uNkulunkulu akunikezayo.’ (Kolose 2:19) Njengesikhulu sikahulumeni esingumTopiya esacela usizo kuFiliphu, abaningi lapha balangazela ukuqonda imiBhalo. (IzEnzo 8:26-39) Akukhona okungavamile ukuba othile aye komunye woFakazi BakaJehova emgwaqweni futhi acele isifundo seBhayibheli. OFakazi abalinganiselwa ku-325 e-Equatorial Guinea baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwenkulungwane.

Ukuhlwanyela Imbewu Esikhathini Sangaphambili

I-Equatorial Guinea, izwe elincane kunawo wonke e-Afrika, iseningizimu yeNigeria neCameroon. (Bheka ibalazwe.) Izindaba ezinhle zalethwa okokuqala ngqá kulendawo oFakazi baseNigeria ababezofuna umsebenzi emasimini kakhokho. Nakuba kwamiswa amabandla amaningana abakhuluma isiNgisi, kamuva avalwa lapho kudingeka ukuba laba bazalwane babuyele eNigeria. Nokho, ngemva nje kokuba lelizwe livunyelwe ukuba lizimele ngo-1968, imibhangqwana emithathu yezithunywa zevangeli ze-Watchtower yabelwa lapha. Ayikwazanga ukuhlala isikhathi eside ngenxa yezinkinga zezombangazwe, kodwa ukufakaza kwayo kwaba nemiphumela emihle.

USantiago, omunye walezo zithunywa zevangeli, wahlangana noBuenaventura, indoda ende, enezikhwepha abantu bendawo ababeyazi ngokuthi usidlakela. Wayengumuntu othanda inkolo nolihloniphayo iBhayibheli, kodwa enobu-dlova. Ukweyiswa okuncane nje kwakwanele ngaye ukuba ashaye othile. Lapho ethukuthela enkantini, bonke ababesuke bekhona babehlakazeka, baphume ngisho nangamafasitela bebalekela amagalelo akhe. Empeleni, njengoba ayelalele uSantiago, wayehlose ukumshaya uma ehluleka ukunikeza ubufakazi obugculisayo obungokomBhalo balokho ayekusho. Wayezitshela ukuthi, ‘Akekho ongakhohlisa usidlakela.’ Wakhangwa yilokho akuzwa, ikakhulukazi ngethemba lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi, ngakho wasamukela isifundo seBhayibheli.

Njengoba isifundo siqhubeka, isifiso sikaBuenaventura sokuphila phakade ePharadesi saba namandla, futhi wafunda ukuthi kwakuzodingeka avumelanise ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu ukuze azuze umklomelo onjalo. Eqaphela ukuthi amaKristu eqiniso akumelwe ‘abuyisele okubi ngokubi,’ waqala ukwenza umzamo oqotho wokulawula isimo sakhe.—Roma 12:17.

Uvivinyo lwangempela lwafika ngolunye usuku lapho eshayisa ngengozi ingilazi yekhasimende enkantini. Lendoda yathukuthela futhi yamshaya. Ngaso leso sikhathi, abanye ababesenkantini bahlakazeka, belindele ukuthi kuzosuka esinamathambo. Kodwa ngokuthobeka uBuenaventura wakhokhela ingilazi ephukile, wathengela lendoda esinye isiphuzo, futhi waxolisa ngokunganaki kwakhe. Lapho omakhelwane bebona ukuthi ukufunda iBhayibheli kwakwenze ushintsho olungako kuye, abaningana bazimisela ukufunda naye. Ngesikhathi uBuenaventura ebhapathizwa, wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli ezinhlanu. Sekudlule iminyaka emihlanu ekhonza njengomdala, futhi nakuba abantu besambiza ngokuthi usidlakela, sebekusho ngokuntela.

“Baqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”

Phakathi nawo-1970 oFakazi bendawo ababembalwa baqhubeka beshumayela futhi behlangana ndawonye ngangokusemandleni abo. Kamuva, imibhangqwana embalwa yaseSpain eyizithunywa zevangeli yeza izosiza. U-Andrés Botella, osekhonze e-Equatorial Guinea iminyaka engu-12, ukhumbula ukuthi ngemva nje kokuba efikile, wahlatshwa umxhwele indlela abantu ‘ababesiqaphela ngayo ngempela isidingo sabo esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) “Kuye kwajabulisa ngempela ukufunda iBhayibheli nabantu abanokwazisa kangaka,” esho.

UMary, udade waseSpain, wayefunda iBhayibheli nowesifazane osemusha okuthiwa uMaría owamtshela ukuthi abazali bakhe, uFrancisco noFausta, nabo bathanda ukufunda. Njengoba uMary ayeqhuba izifundo ezingu-15 kakade futhi abazali bakaMaría behlala endaweni ethe ukuqhela, kwadlula amasonto amaningana ngaphambi kokuba akwazi ukubavakashela.

Lapho uMary nomyeni wakhe, uSerafín, ekugcineni bebonana nabazali bakaMaría, base benencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabenia neBhayibheli, futhi babemagange ngokuqala ukufunda. Ngakho baqala ngaso leso sikhathi. USerafín waqaphela ukuthi abazali bakaMaría babejwayelene kakhulu nalokho okwakufundwa. Kwenzeka okufanayo lapho bephindela okwesibili befunda isahluko sesibili. “Kwakucishe kufane nokufunda noFakazi ababili ababhapathiziwe,” kukhumbula uSerafín. Lapho bephindela okwesithathu, njengoba babebonakala bekwazi kahle kakhulu okwakufundwa, uSerafín wasikisela isifundo semibuzo nezimpendulo ukuze abone ukuthi kungakanani ngempela ababekuqonda. Wathola ukuthi uFrancisco noFausta base beyifunde yonke incwadi bebodwa!

Lwalubathinte kanjani ulwazi lwabo ababesanda kuluthola? Ngokuvumelana nalokho ababekufundile, base beyekile ukuya emihlanganweni yokusebenzisa imimoya futhi base benqamule ubuhlobo babo neSonto LamaKatolika. Ngaphezu kwalokho, uFrancisco wayesekuyekile ukubhema, futhi babengasayidli inyama eyayingazange ikhishwe igazi ngendlela efanele. Njengoba kwakusobala ukuthi base bekusebenzisile konke ababekufundile, bakhuthazwa ukuba baqale ukuhlanganyela ulwazi lwabo nabanye. Ngokushesha baqala ukushumayela komakhelwane babo. Ngezinyanga ezintathu nje kuphela, bafanelekela ukubhapathizwa. Manje, uFrancisco uyinceku ekhonzayo, futhi ngenxa yesibonelo esihle nentshiseko yabo ekushumayeleni, abathathu emadodakazini abo manje bangoFakazi, amadodana amabili aba khona emihlanganweni, futhi ezinye izihlobo zabo eziyisithupha ziqhutshelwa izifundo.

Ngemva nje kokuba ebhapathiziwe, uFrancisco wahlangana noPablo, umKatolika ozinikezele owayekhonza njengomnakekeli wempahla engcwele lapho ayesonta khona. UPablo wayevame ukunikeza intshumayelo lapho umpristi engekho. Uma ilungu lesonto ligula, wayelivakashela; uma othile engabonakali esontweni, uPablo wayemvakashela ukuze amkhuthaze; futhi uma kushone othile, wayenza konke okusemandleni akhe ukuze aduduze umkhaya. Ngesizathu esizwakalayo, uPablo wayethandwa kakhulu yiwo wonke amalungu esonto.

Njengoba uPablo ayelihlonipha ngokujulile iBhayibheli, wasamukela kalula isicelo sikaFrancisco sokufunda naye. Ngokushesha uPablo wabona indlela isigijimi seBhayibheli esinengqondo ngayo, futhi ngemva kwezifundo ezimbalwa, wanquma ukusebenzisa eminye yemibhalo ayeyifundile kokunye “kokuhambela kokwalusa” ayekwenza elungwini lesonto elaligula. Ngemva nje kwalokho, kwenye yezintshumayelo zakhe zangeSonto, uPablo wachaza ukubaluleka kokusebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, nokuthi kungani kungafanele sisebenzise izithombe.

Njengoba alamukela kalula kangako iqiniso, wayelindele ukuba namanye amalungu esonto labo asabele ngendlela efanayo. Kodwa ngemva kwezintathu noma ezine zalezi zintshumayelo ezisekelwe eBhayibhelini, uPablo waqaphela ukuthi abantu babengakujabuleli ukwaziswa ayekunikeza. Ngakho wanquma ukulishiya isonto futhi ahlanganyele njalo noFakazi BakaJehova. Ezinyangeni ezimbalwa, wafaneleka ukuba abhapathizwe, futhi manje ungumshumayeli wezindaba ezinhle oshisekayo. Nakuba engenakukwazi ukushumayela isikhathi esigcwele, manje uqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi.

Ukukhuthaza Ukukhula Ngokubuthana Ndawonye

OFakazi base-Equatorial Guinea basithatha ngokungathi sína isiyalo seBhayibheli sokungakuyeki ukubuthana ndawonye. (Heberu 10:25) Kusukela ngo-1994 lapho umsebenzi uphinde uqashelwa ngokomthetho uhulumeni, abazalwane baye bazimisela ukuthola amaHholo OMbuso afanelekayo. Empeleni, amabandla amaningi aye azakhela amahholo awo noma ayaqhubeka enza kanjalo.

EMongomo, lapho ababa khona emihlanganweni yangeSonto bevame ukufinyelela inani eliliphinda kabili nengxenye inani labamemezeli boMbuso, ibandla liye lazikhandla lakha indawo enkulu yokuhlangana. Ezinye izinkolo eMongomo zivame ukuqasha izisebenzi ukuze zakhe amasonto azo, ngakho umsebenzi woFakazi bendawo waphawuleka. Ngolunye usuku umfundisi we-Iglesia Nueva Apostólica (New Apostolic Church) wama ukuze abuze omunye wabadala ukuthi wayezikhokhela malini lezi zisebenzi ezikhuthele. Lomfundisi wathi ngisho noma ayeqashe abakhi abathile abangamalungu esonto lakhe, umsebenzi wawuqhubeka kancane kakhulu. Wayezibuza ukuthi wayengaziqasha yini lezi zisebenzi ezazakha iHholo LoMbuso. Lapho etshelwa ukuthi bonke laboFakazi babesebenza ngesihle, wahamba ebambe ongezansi.

Ukuba khona emihlanganweni kungase kudinge ukuzidela okukhulu ngalabo abahlala kude neHholo LoMbuso. UJuan, insizwa eyabhapathizwa ngo-1994, wabhekana nalesi simo. Wezwa ngeqiniso eGabon, lapho afunda khona ingxenye yokuqala yencwadi ethi Ungaphila Phakade. Wabe esebuyela e-Equatorial Guinea, edolobhaneni azalelwa kulo eliqhele ngamakhilomitha ayikhulu ukusuka eMongomo. Lokhu kwakwenza kwaba inselele ukuqhubeka nesifundo sakhe. Kodwa akuzange kumvimbele. Njalo ngenyanga, wayethatha uhambo lwamahora angu-8 ngebhayisikili eya eMongomo, lapho uSantiago, omunye wabadala bendawo, ayemqhubela khona isifundo. Wayehlala eMongomo izinsuku ezimbalwa futhi afunde kathathu noma kane phakathi naleso sikhathi. Ngalendlela wakwazi ukuqeda ukufunda futhi wafaneleka ukuba abhapathizwe.

UJuan uzigcina kanjani eqinile ngokomoya njengoba ehlangana izikhathi ezimbalwa kangaka namanye amaKristu? Ngaphezu kwakho konke, ngokuba umshumayeli wezindaba ezinhle oshisekayo. Useye washumayela kubo bonke abantu basedolobhaneni lakubo, futhi ngesikhathi ebhapathizwa, wayeqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-13. Abayisithupha balabo ayefunda nabo bahamba naye lapho eya emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa owawuseMongomo ukuze bambone lapho ebhapathizwa. Manje uqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke nabantu abathakazelayo abasendaweni yakubo, futhi kuvame ukuba nabantu abangaba ngu-20.

Ukunisela Imbewu Ngesineke

Ukukhula ngokomoya akusheshi ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi kudingeka isineke esikhulu ukuze ubone imbewu ekugcineni ithela isithelo. Lokhu kuyiqiniso endabeni kaPaca, owaqala ukuzwa ngezindaba ezinhle emuva ngo-1984 lapho u-Edita, udade oyiphayona, efakaza kuye emakethe. Lapho u-Edita evakashela uPaca emzini wakhe ngesonto elilandelayo, uPaca wasamukela isifundo seBhayibheli. Nakuba ayengenzi intuthuko engako, u-Edita waphikelela ngoba wayeqaphela izimfanelo ezinhle kuPaca. “Wayebonakala engumuntu onjengemvu,” kuchaza u-Edita, “futhi ngathandaza kuJehova ukuba avule inhliziyo yakhe.”

UPaca waqhubeka efunda iminyaka emine nengxenye kodwa esalokhu ebonisa intuthuko encane kakhulu. Ngakho lapho beqeda incwadi ethi Ungaphila Phakade, u-Edita waba nengxoxo engagunci noPaca ngokuphathelene nokubaluleka kokuthatha iqiniso ngokungathi sína. Emzamweni wakhe wokufinyelela inhliziyo kaPaca, u-Edita waze wakhala.

“Leso seluleko esisuka enhliziyweni sangithinta ngempela,” kukhumbula uPaca. “Kusukela ngaleso sikhathi ngaqala ukwenza izinguquko ekuphileni kwami. Ngabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi ngawo lowo nyaka ngaba ummemezeli ongabhapathiziwe. Usuku engabhapathizwa ngalo ekugcineni lwaba usuku olujabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami!” Intshiseko yamanje kaPaca ihlukile esimweni sakhe sangaphambili sokunganaki. Manje uqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-13, futhi njengoba kulindelekile unesineke kulabo abangenzi intuthuko esheshayo.

Ukusiza Abantu Bathuthukise Ukuphila Kwabo

Ngokuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova e-Equatorial Guinea baye bazuza idumela lokuba abathembekile nabaziphethe kahle. Enye indoda, ngokusobala eyayihlatshwe umxhwele ukuziphatha kwabo, yaya kumdala weBandla LaseBata futhi yabuza: “Ingabe unayo incwadi ethi Ukubonisana?b Ngikhathele ukuba umuntu wezwe. Ngithanda ukuba omunye woFakazi BakaJehova!”

U-Antonio, inceku ekhonzayo yaseBandleni LaseMalabo, uyisibonelo esivelele somuntu wezwe owaba uFakazi. Ngaphambi kokuba atadishe iBhayibheli, wayephila ukuphila kokuzitika. Imali yakhe eningi ayeyithola ngokukhanda amawashi wayeyichitha etshwaleni, futhi wayephila nokuphila kokuziphatha okubi. Yini eyamsiza ukuba ashintshe indlela yakhe yokuphila? Wathintwa ngokujulile yilokho okushiwo ngokunamandla kweyabase-1 Korinte 6:9, 10 ethi: “Ningadukiswa. Izifebe, . . . noma izidakwa, . . . ngeke [ziwuzuze] njengefa umbuso kaNkulunkulu.” Waqaphela ukuthi ukuze athole umusa kaNkulunkulu, kwakumelwe ashintshe indlela yakhe yokuphila. Ngenxa yalokho waqala ukuqaphela abantu azihlanganisa nabo. (IzAga 13:20) Lapho abangane bakhe bangaphambili beza bezommema ukuba bahambe bayophuza, wayesenqaba isimemo sabo futhi kunalokho afakaze kubo. Ngokushesha bayeka ukumkhathaza.

Ingabe kwakuwufanele wonke lowo mzamo? “Ngijabula kakhulu ngokuthi ngiye ngayishintsha indlela yami yokuphila,” kuchaza u-Antonio. “Impilo yami ingcono kakhulu nakuba sengiseminyakeni yawo-60, kuyilapho abangane bami bakudala beye bafa noma bahlushwa impilo ebuthakathaka. Manje nginabangane beqiniso kunalabo abafuna nje umuntu ozimisele ukukhokhela isiphuzo sabo esilandelayo. Okubaluleke nakakhulu, nginobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Manje ngikhonza njengephayona elivamile, futhi ngiqhubela indoda enenkinga yokuphuza isifundo seBhayibheli, ngakho ngingasebenzisa okuhlangenwe nakho kwami ukuze ngiyisize.”

Ukuba Yizigqila ZikaNkulunkulu

Eminyakeni engaba ngu-200 edlule, abantu abangasogwini lwe-Equatorial Guinea babuthwa futhi bathunyelwa emazweni aseMelika njengezigqila. Namuhla, abaningi baba izigqila ngokuzithandela—izigqila zikaNkulunkulu. Lolu hlobo lobugqila luye lwabalethela inkululeko yeqiniso, lubakhulula ezimfundisweni zobuBabiloni nasemikhubeni yokusebenzisa imimoya. Luye lwabafundisa nendlela yokuphila ukuphila okwanelisayo nokuzuzisayo. Baye bakubona lokho uJesu akuthembisa: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.

Njengoba kwaba khona abangu-1 937 emkhosini weSikhumbuzo wango-1995—abacishe baliphinde kasithupha inani labamemezeli kulelozwe—kunamathuba amahle kakhulu okwanda okungokomoya okwengeziwe. Njengoba oFakazi base-Equatorial Guinea beqhubeka betshala futhi benisela imbewu yeqiniso ngentshiseko, bayaqiniseka ukuthi ‘uNkulunkulu uzoqhubeka ekhulisa.’ (1 Korinte 3:6) Ngokungangabazeki, kunesimo esihle kakhulu esenza kube nokwanda okungokomoya e-Equatorial Guinea!

[Imibhalo yaphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

b Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela