Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 9/1 k. 29
  • Usizo ‘Ngabomile’ ERussia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo ‘Ngabomile’ ERussia
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Imisebenzi Emihle Ekhazimulisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izimvu ZikaJesu Zilalela Izwi Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 9/1 k. 29

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Usizo ‘Ngabomile’ ERussia

“BAYAJABULA abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa,” kusho uJesu. (Mathewu 5:6) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa indlela oFakazi BakaJehova abasiza ngayo ukuze banelise ukoma okungokomoya kwabaningi eRussia, lapho inkululeko engokwenkolo yayivinjelwe khona iminyaka engaphezu kuka-70.

▪ Owesifazane obizwa ngokuthi uValentina wayenemibuzo yeBhayibheli engathi sína okwase kuyiminyaka eminingi ingaphendulwa. Ngokwesibonelo, wayezibuza: ‘UJesu wayethandaza kubani?’ Wayecabanga ukuthi kumelwe ukuba uJesu wayethandaza kothile ophakeme kunaye futhi wayezibuza ukuthi kazi lingubani igama laLowo.

Wavakashela eSontweni Lobu-Orthodox LaseRussia. Nokho, akazitholanga izimpendulo zemibuzo yakhe kuleyo nkolo. Enganelisekile, waya esontweni lamaProthestani kodwa nalapho akatholanga mpendulo ecacile. Engasazi ukuthi kufanele ayephi, uValentina waqala ukufunda iBhayibheli, ezama ukuzitholela izimpendulo—kwanhlanga zimuka nomoya. Wathandazela usizo.

Ngemva kwesikhathi esithile kamuva kwafika oFakazi BakaJehova kwakhe. Bambonisa eBhayibhelini ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova. Ekugcineni, wathola ukuthi uJesu wayethandaza kubani! Waqala ukutadisha iBhayibheli njalo noFakazi. Wayevame ukuhlala ubusuku bonke efunda izincwadi ezinyatheliswa i-Watch Tower Society ebheka nemibhalo yeBhayibheli. Ngokushesha uValentina waphetha ngokuthi wayeselitholile iqiniso. Ngezinyanga ezintathu waqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, kwathi ngemva kwezinyanga ezimbili ezengeziwe wabhapathizwa. Ukufuna kwakhe iqiniso ngomthandazo kwavuzwa.

▪ UFakazi othile wayehamba ngebhasi eyoshumayela endaweni ekude. Phakathi nalolu hambo wakhuluma nowesifazane othile osemusha ngezithembiso zeBhayibheli, kodwa lona wesifazane wayengenasithakazelo. Ezinyangeni ezimbili kamuva loFakazi waphindela endaweni efanayo eyonikeza inkulumo yeningi. Ngemva kwenkulumo waya kothile owayevakashile wabe esembuza: “Ukhona oseke wakhuluma nawe ngezindaba ezinhle zeBhayibheli?” Lendoda yaphendula, “Yebo, nguwe.” LoFakazi wacabanga ukuthi iyancokola. Kodwa lensizwa yachaza ukuthi ezinyangeni ezimbili ngaphambili yayizwe ingxoxo yaloFakazi nowesifazane othile osemusha, besohambweni ngebhasi. “Ngangifuna ukwazi okwengeziwe, kodwa wena wehla ebhasini, ngase ngicabanga ukuthi ngeke ngiphinde ngibabone oFakazi BakaJehova. Khona-ke emsebenzini ngahlangana nendoda etadisha iBhayibheli noFakazi. Yingakho-ke ngilapha!”

Lendoda nomkayo baqala ukutadisha iBhayibheli. Ngemva kwesikhashana, yakwazi ukubona ukuthi umsebenzi wayo wawungqubuzana nezimiso zeBhayibheli. Njengoba yayifuna ukulondoloza unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu, yashintsha umsebenzi wayo. Manje isitshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu ngawo wonke amathuba. Umkayo naye uyathuthuka ekutadisheni kwakhe iBhayibheli.

OFakazi BakaJehova endaweni enkulu yaseRussia bayakujabulela ukuba nengxenye ekutsheleni bonke abantu abaqotho ukuthi: “‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.”—IsAmbulo 22:17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela