Imibuzo Evela Kubafundi
Imibiko yeminye iminyaka ibonisa ukuthi inani labadla izifanekiselo zeSikhumbuzo liye lanyuka kancane. Ingabe lokhu kusikisela ukuthi kunabaningi abasha abagcotshwa ngomoya ongcwele?
Kunesizathu esihle sokukholelwa ukuthi inani lamaKristu agcotshiwe elingu-144 000 lahlangana emashumini amaningi eminyaka adlule.
KweyezEnzo 2:1-4, sifunda ngabokuqala kulelo qembu elilinganiselwe: “Manje ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste luqhubeka babendawonye bonke besendaweni efanayo, futhi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguzane esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Futhi kwabonakala kubo okunjengamalangabi futhi kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, futhi bonke bagcwala umoya ongcwele baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.”
Ngemva kwalokho, uJehova wakhetha abanye, wabe esebagcoba ngomoya wakhe ongcwele. Ngayo kanye iminyaka yokuqala yobuKristu kwanezelwa izinkulungwane. Emkhosini weSikhumbuzo osukwini lwethu, isikhulumi sivame ukudonsela ukunakekela emazwini omphostoli uPawulu akweyabaseRoma 8:15-17, aphawula ukuthi abagcotshiwe ‘bamukela umoya wokutholwa njengamadodana.’ UPawulu wanezela ukuthi umoya ongcwele abawamukelayo ‘ufakazelana nomoya wabo, ukuthi bangabantwana bakaNkulunkulu, izindlalifa ezikanye noKristu.’ Labo abaye bagcotshwa ngempela ngomoya bayaqiniseka ngakho. Akusona nje isifiso noma ukubonakalisa ukuthatheka nombono ongewona ongokoqobo abanawo ngabo ngokwabo.
Siyaqonda ukuthi lolu bizo lwasezulwini lwaqhubeka emakhulwini amaningi eminyaka alandela, nakuba phakathi nalokho okuthiwa iNkathi Yobumnyama, kungenzeka kwaba nezikhathi lapho inani labagcotshiwe lalilincane kakhulu.a Lapho ubuKristu beqiniso bumiswa kabusha ngasekupheleni kwekhulu leminyaka elidlule, kwabizwa futhi kwakhethwa abengeziwe. Kodwa kubonakala sengathi maphakathi nawo-1930, inani eligcwele labangu-144 000 ngokuyisisekelo lahlangana. Ngakho iqembu lamaKristu athembekile anethemba lasemhlabeni laqala ukubonakala. UJesu wabiza laba ngokuthi “ezinye ezimvu,” ezihlanganyela nabagcotshiwe ekukhulekeleni njengomhlambi owodwa owamukelwayo.—Johane 10:14-16.
Amaqiniso emashumini eminyaka adlule abonisa kokubili ukuphela kobizo lwabagcotshiwe nesibusiso sikaJehova ‘esixukwini esikhulu’ esandayo, esinethemba lokusinda “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9, 14) Ngokwesibonelo, emkhosini weSikhumbuzo ngo-1935, owawethanyelwe abangu-63 146, abadla izifanekiselo befakazela ukusho kwabo ukuthi bagcotshiwe baba ngu-52 465. Eminyakeni engu-30 kamuva, noma ngo-1965, inani lababekhona lalingu-1 933 089, kuyilapho abadla bancipha baba ngu-11 550. Uma sisondela ngeminyaka engu-30, ngo-1995 inani lababekhona lanyuka kakhulu laba ngu-13 147 201, kodwa baba ngu-8 645 kuphela abadla isinkwa newayini. (1 Korinte 11:23-26) Kuyacaca ukuthi njengoba amashumi eminyaka edlula, inani lalabo abathi bangabensali lalincipha kakhulu—kuba abangaba ngu-52 400 ngo-1935; 11 500 ngo-1965; no-8 600 ngo-1995. Nokho, labo abanamathemba asemhlabeni baye babusiswa, futhi inani labo liye lanyuka kakhulu.
Umbiko wamuva kunayo yonke onyathelisiwe ngowonyaka ka-1995, futhi ubonisa ukuthi kunabangu-28 abengeziwe abadla kunangonyaka owandulele nakuba empeleni isilinganiso sabahlanganyela uma siqhathaniswa nalabo ababekhona sehla. Uma sekucatshangelwe konke, akufanele kusikhathaze ukuthi kunabambalwa abengeziwe abakhetha ukuhlanganyela ezifanekiselweni. Phakathi neminyaka edlule abanye, ngisho nabasanda kubhapathizwa, baye baqala ukudla kungazelelwe. Ezimweni eziningana, ngemva kwesikhashana baye bavuma ukuthi bekuyiphutha. Abanye baye baqaphela ukuthi baye badla ngenxa yokusabela okungokomzwelo mhlawumbe ekucindezelekeni okungokomzimba noma okungokwengqondo. Kodwa bagcina bebonile ukuthi empeleni ababizelwanga ekuphileni kwasezulwini. Bacela ukuba uNkulunkulu abaqonde ngesihe. Futhi bayaqhubeka bemkhonza njengamaKristu amahle, athembekile, anethemba lokuphila okumi phakade emhlabeni.
Asikho isidingo sokuba noma ubani kithi akhathazeke uma umuntu eqala ukudla izifanekiselo noma eyeka ukwenza kanjalo. Akukhona neze okwethu ukuthi othile ugcotshwe ngempela yini ngomoya ongcwele futhi wabizelwa ekuphileni kwasezulwini noma cha. Khumbula isiqinisekiso sikaJesu esiqinile: “Mina ngingumalusi omuhle, futhi ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi.” Ngokuqiniseke ngendlela efanayo, uJehova uyabazi labo aye wabakhetha njengamadodana angokomoya. Kunesizathu esihle sokukholelwa ukuthi inani labagcotshiwe lizoqhubeka lincipha njengoba ukukhula ngeminyaka nezenzakalo ezingalindelekile kuqeda ukuphila kwabo kwasemhlabeni. Nokho, njengoba nje laba abagcotshwe ngempela bezibonakalisa bekholekile kuze kube sekufeni, belindele ukwamukela umqhele wokuphila, ezinye izimvu, eziye zahlanza izivatho zazo egazini leWundlu, zingabheka phambili ekusindeni osizini olukhulu olusondelayo.—2 Thimothewu 4:6-8; IsAmbulo 2:10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-March 15, 1965, amakhasi 191-2.