Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 8/1 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uprofetha Ngezenzakalo Eziyothinta Umhlaba Wonke
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Uphawu Lokuphela Kwesimiso Sezinto
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Izinto Esingabona Ngazo Ukuthi I-Armagedoni Iseduze
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • ISifundo Sesi-6—Umbhalo WamaKristu WesiGreki WemiBhalo Engcwele
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 8/1 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe manje uJesu useyasazi isikhathi sokufika kwe-Armagedoni?

Kubonakala kunengqondo impela ukukholelwa ukuthi useyasazi.

Abathile bangase bazibuze ukuthi empeleni kungani kuphakama lombuzo. Cishe kungenxa yamazwi kaJesu atholakala kuMathewu 24:36: “Ngokuphathelene nalolosuku nalelohora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa uBaba kuphela.” Phawula inkulumo ethi “naNdodana.”

Leli vesi liyingxenye yempendulo kaJesu embuzweni wabaphostoli othi: “Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Esiprofethweni sakhe manje esesidumile esiphathelene nobufakazi obakha “isibonakaliso,” wabikezela izimpi, ukuntuleka kokudla, ukuzamazama komhlaba, ukushushiswa kwamaKristu eqiniso, nezinye izinto emhlabeni ezaziyobonisa ukuba khona kwakhe. Ngalesi sibonakaliso abalandeli bakhe babengaqaphela ukuthi ukuphela kuseduze. Wafanisa lokhu kuba seduze nesikhathi umkhiwane oveza ngaso amaqabunga, okubonisa ukuthi ihlobo liseduze. Wanezela: “Ngokufanayo nani, lapho nibona zonke lezizinto, yazini ukuthi iseduze, eminyango.”—Mathewu 24:33.

Kodwa uJesu akazange asho ngokuqondile ukuthi ukuphela kuyofika nini. Kunalokho, washo lokho esikufunda kuMathewu 24:36. Ifundeka kanjalo INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki, futhi namaBhayibheli amaningi osuku lwanamuhla afundeka ngendlela efanayo. Nokho, izinguqulo ezithile ezindala azinayo inkulumo ethi “naNdodana.”

Ngokwesibonelo, i-Douay Version yamaKatolika ifundeka kanje: “Kodwa akekho owaziyo ngalolo suku nangalelo hora, nazingelosi zasezulwini, kodwa uBaba yedwa.” I-King James Version ifundeka ngendlela efanayo. Kungani inkulumo ethi “naNdodana” yeqiwe, nakuba itholakala kuMarku 13:32? Kungenxa yokuthi emuva ekuqaleni kwekhulu le-17 lapho lezo zinguqulo ezimbili zihlelwa, imibhalo yesandla abahumushi ababesusela kuyo yayingenayo lenkulumo. Nokho, phakathi naleso sikhathi kuye kwatholakala imibhalo yesandla yesiGreki emidala eminingi. Lemibhalo yesandla esondelene kakhulu nesikhathi sombhalo kaMathewu wokuqala, inayo inkulumo ethi “naNdodana” kuMathewu 24:36.

Kuyathakazelisa ukuthi i-Jerusalem Bible yamaKatolika inayo lenkulumo, bese iba nombhalo waphansi othi i-Vulgate yesiLatini yayeqa lenkulumo “mhlawumbe ngenxa yezizathu zemfundiso yenkolo.” Phela, kufanele! Abahumushi noma abakopishi ababekholelwa kuZiqu-zintathu babengase balingeke ukuba beqe inkulumo eyayibonisa ukuthi uJesu wayengenalo ulwazi uYise ayenalo. Kwakungenzeka kanjani ukuthi uJesu angalazi iqiniso elithile uma yena noYise babeyizingxenye zikaNkulunkulu ongumthath’ emunye?

Ngokufanayo, i-Textual Commentary on the Greek New Testament, kaB. M. Metzger, ithi: “Inkulumo ethi ‘naNdodana’ ayitholakali [emibhalweni yesandla] eminingi ewubufakazi bombhalo kaMathewu, kuhlanganise nombhalo wamuva waseByzantium. Ngakolunye uhlangothi, izibonelo ezingcono kakhulu zemibhalo yohlobo luka-Alexander, lwaseNtshonalanga, nolukaKesari zinayo lenkulumo. Kungenzeka ukuthi lenkulumo yeqiwa ngenxa yenkinga yemfundiso eyivezayo kunokuba kucatshangwe ukuthi yafakelwa” kuMarku 13:32.—Omalukeke sizenzele.

Lezo “zibonelo ezingcono kakhulu” zemibhalo yesandla yokuqala zisekela umbhalo oveza ukulandelana okunengqondo ngokuqondene nolwazi. Izingelosi zazingalazi ihora lokuphela; naNdodana; kodwa nguBaba kuphela. Futhi lokhu kuyavumelana namazwi kaJesu atholakala kuMathewu 20:23, lapho avuma khona ukuthi wayengenalo igunya lokunikeza izindawo ezivelele eMbusweni, kodwa uBaba owayenalo.

Ngakho, amazwi kaJesu ngokwakhe abonisa ukuthi lapho esemhlabeni wayengalwazi usuku ‘lokuphela kwezwe.’ Ingabe uye walwazi kusukela ngaleso sikhathi?

IsAmbulo 6:2 sichaza uJesu njengohlezi ehhashini elimhlophe ephuma “enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” Ngokulandelayo kuphuma abagibeli bamahhashi abamelela izimpi, indlala, nezifo eziwumshaya-bhuqe, okunjengalokho esiye sakubona kusukela ekuqaleni kweMpi Yezwe I ngo-1914. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ngo-1914, uJesu wabekwa esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, lowo ozohola empini ezayo emelene nobubi emhlabeni. (IsAmbulo 6:3-8; 19:11-16) Njengoba manje uJesu eseye wanikezwa amandla njengalowo oyonqoba egameni likaNkulunkulu, kubonakala kunengqondo ukuthi uYise umtshelile ukuthi ukuphela kuyofika nini, ukuthi ‘uyokuphelelisa nini ukunqoba kwakhe.’

Thina lapha emhlabeni asilutshelwanga lolo suku, ngakho amazwi kaJesu asasebenza kithi: “Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. . . . Lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke, Hlalani nilindile.”—Marku 13:33-37.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela