Ungaba ‘Nenhliziyo Yengonyama’
NGEZINYE izikhathi iBhayibheli lisebenzisa ingonyama njengophawu lwesibindi nokuzethemba. Amadoda angamaqhawe noma anesibindi achazwa ngokuthi ‘anenhliziyo yengonyama,’ futhi abalungile kuthiwa “banesibindi njengengonyama.” (2 Samuweli 17:10; IzAga 28:1) Ingonyama izibonakalisa ikufanele ukwaziwa ‘njengeqhawe ezilwaneni,’ ikakhulukazi lapho icelwa inselele.—IzAga 30:30.
UJehova uNkulunkulu ufanisa ukuzimisela kwakhe ukuvikela abantu bakhe nokungesabi kwengonyama. U-Isaya 31:4, 5 uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova-Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni . . . Uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.” Ngakho uJehova uqinisekisa izinceku zakhe ukuthi uyozinakekela ngokuthatha isinyathelo, ikakhulukazi lapho zibhekene nosizi.
IBhayibheli lifanisa isitha sesintu esikhulu, uSathane uDeveli, nengonyama ebhongayo eshwabadelayo. Ukuze sigweme ukuba izisulu zakhe, siyatshelwa emiBhalweni: “Hlalani nisangulukile, lindani.” (1 Petru 5:8) Enye yezindlela esingakwenza ngazo lokhu ingokugwema ukozela ngokomoya okuholela ekufeni. Ngokuqondene nalokhu uJesu wathi: “Zinakeni ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila.” (Luka 21:34-36) Yebo, ukuba abaphapheme ngokomoya kulezi ‘zinsuku zokugcina’ kungasenza sibe ‘nenhliziyo yengonyama,’ inhliziyo ‘eqinile, eyethemba uJehova.’—2 Thimothewu 3:1; IHubo 112:7, 8.