Ziqeqeshe Kusukela Ziseyizinsana
UKUCWANINGA kosuku lwanamuhla kubonisa ukuthi “izitho zemibungu ziyasabela emazwini.” Abacwaningi base-University of North Carolina “bathola ukuthi ngemva kokuba omama befundele izingane zabo zisesesizalweni, ngenkathi zisanda kuzalwa zazisabela lapho lezo zindima ziphinde zifundwa,” kusho i-Winnipeg Free Press. Lapho abesifazane befunda ngokuzwakalayo ngenkathi bekhulelwe, lokhu kungaba nengxenye ekugxiliseni izindinganiso zokuziphatha ezinhle enganeni. IBhayibheli lithi uThimothewu ‘wayazi imibhalo engcwele kusukela ewusana.’ (2 Thimothewu 3:14, 15) Kusobala ukuthi unina nogogo wakhe babekuqonda ukubaluleka kokumqeqesha kusukela ewusana, okungenzeka ukuthi kwakuhlanganisa nokufunda ngokuzwakalayo.
Ukufunda “ikhono elinamandla kakhulu ekuphileni esinalo emphakathini wethu namuhla,” kusho umlobi uJim Trelease. Ukufunda ngokuzwakalayo kuthuthukisa ulimi nolwazi lwamagama.
Kuwukuhlakanipha ukuqala ukufunda ngokuzwakalayo okungenani lapho nje uqala ukukhuluma nosana lwakho. Nakuba ingane yakho engakazalwa noma esanda kuzalwa ekuqaleni ingeke iqonde ukuthi uthini, izinzuzo ezingaba khona esikhathini eside esizayo zikwenza kufaneleke. IzAga 22:6 zithi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”
Iyiphi into ongayifunda ewusizo nezuzisayo? Usuku ngalunye fundela ingane yakho iBhayibheli ngokuzwakalayo. Futhi funda ezinye izincwadi ezifanelekile, njengethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, nezihloko ezikomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
Yiqiniso, ukuzinikela ngalendlela kuhilela isikhathi, kodwa lesi isikhathi esisetshenziswa kahle. Kuyindlela engokoqobo ongabonisa ngayo ukuthi uyayikhathalela futhi uyayithanda ingane yakho.