Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 6/15 k. 3
  • Ingabe Ngempela Ungamthanda UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ngempela Ungamthanda UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhamba NoNkulunkulu
  • “Thandanani Omunye Nomunye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Kusho Ukuthini Ukuthanda UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukufunda Indlela Yothando Ezedlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 6/15 k. 3

Ingabe Ngempela Ungamthanda UNkulunkulu?

“AKUKHO-MUNTU ongangibona, aphile,” kusho uNkulunkulu. (Eksodusi 33:20) Ngaphezu kwalokho, kusukela ngemva kwezikhathi zeBhayibheli akukho bufakazi bokuthi kukhona umuntu owake wakhulumisana naye ngokuqondile. Akubonakali yini kunzima—futhi kungenakwenzeka—ukuhlakulela uthando olujulile ngomuntu ongakaze umbone ngokuqondile noma umuzwe? Ingabe kungenzeka ngempela ukuba ube nobuhlobo bothando noMdali wendawo yonke?

Akufanele kungabazeke ukuthi kungenzeka ukuhlakulela ukusondelana okufudumele komuntu siqu noNkulunkulu. KuDuteronomi 6:5, sifunda ukuthi isizwe sakwa-Israyeli sayalwa: “Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.” Kamuva uJesu Kristu waphinde wawugcizelela lomthetho kubalandeli bakhe wabe esenezela: “Lona umyalo omkhulu kunayo yonke nowokuqala.” (Mathewu 22:37, 38) Ingabe iBhayibheli belingasikhuthaza ukuba sithande uNkulunkulu uma ubuhlobo obunjalo bungenakufinyeleleka?

Kodwa ingabe uJehova ulindele ukuba simthande ngenxa nje yokuthi uyala kanjalo? Cha. UNkulunkulu wadala umbhangqwana wokuqala ongabantu unamandla okumthanda. U-Adamu no-Eva abaphoqwanga ukuba babe nobuhlobo bothando noMdali wabo. Kunalokho, uNkulunkulu wababeka esimweni esivumela ukuba bahlakulele uthando olujulile ngaye. Kwakufanele bazikhethele—ukusondela kuNkulunkulu noma ukudeda kuye.

U-Adamu no-Eva bakhetha ukuhlubuka. (Genesise 2:16, 17; 3:6, 7) Nokho, inzalo yabo yayiyokwazi ukuhlakulela ubuhlobo obunothando noMdali.

Ukuhamba NoNkulunkulu

Ngokwesibonelo, eBhayibhelini kukhulunywa ngo-Abrahama ‘njengomngane’ kaNkulunkulu. (Jakobe 2:23) Nokho ngokuqinisekile u-Abrahama wayengeyena ukuphela komuntu owajabulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. IBhayibheli likhuluma ngabaningi abanye abantu abangaphelele ababonisa uthando lweqiniso ngoJehova futhi ‘bahamba noNkulunkulu.’—Genesise 5:24; 6:9; Jobe 29:4; IHubo 25:14; IzAga 3:32.

Izinceku zikaNkulunkulu zasendulo azizalwanga zinothando ngoNkulunkulu. Kwadingeka ziluhlakulele. Kanjani? Ngokumazi ngegama lakhe, elithi Jehova. (Eksodusi 3:13-15; 6:2, 3) Ngokuqaphela ukuba khona nobuNkulunkulu bakhe. (Heberu 11:6) Ngokuzindla njalo ngezenzo zakhe zothando. (IHubo 63:6) Ngokuzwakalisa kuNkulunkulu imicabango yabo ejulile ngomthandazo. (IHubo 39:12) Ngokufunda ngobuhle bakhe. (Zakariya 9:17) Ngokuhlakulela ukwesaba okunempilo ukumona.—IzAga 16:6.

Ungaba yini umngane kaNkulunkulu futhi uhambe naye? Yiqiniso, awunakumbona uNkulunkulu noma uzwe izwi lakhe. Nakuba kunjalo, uJehova ukumema ukuba ‘uzohlala etendeni lakhe,’ ube umngane wakhe. (IHubo 15:1-5) Ngakho, kungenzeka ukuba uthande uNkulunkulu. Kodwa ungabuhlakulela kanjani ubuhlobo obuseduze nobunothando naye?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela