Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 5/1 kk. 3-4
  • UNkulunkulu, UMbuso, Nawe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu, UMbuso, Nawe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Idivosi Kufanele Ivunyelwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indlela ELobukholwa Elaba Ngayo Yingxenye Yalelizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Isehlukaniso Sinazo Izisulu
    I-Phaphama!—1991
  • AmaKristu Okuqala NoMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 5/1 kk. 3-4

UNkulunkulu, UMbuso, Nawe

“ISonto NoMbuso Kuyaphikisana Kuyinhlolo-vo Yesahlukaniso E-Ireland”

LESI sihloko se-New York Times sibonisa indlela abantu namuhla abangase babhekane ngayo nokukhetha phakathi kwalokho uMbuso okufunayo nalokho isonto labo elikufundisayo.

Indaba yalesi sihloko yayithi: “Njengoba kusele isikhathi esingaphansi kwenyanga ngaphambi kwenhlolo-vo yokuthi kufanele yini kususwe ukunqatshelwa kwesahlukaniso kumthetho-sisekelo, ngokukhungathekisayo i-Ireland eyisizinda samaRoma Katolika ibona ukungqubuzana okungavamile phakathi kwabaholi boMbuso wayo nabesonto layo.” UMbuso wahlongoza ukususa ukunqatshelwa kwesahlukaniso, kuyilapho iSonto lamaKatolika liphikisana ngokuqinile nesahlukaniso nokushada kabusha. AmaKatolika ase-Ireland kwadingeka akhethe phakathi kweSonto noMbuso. Umphumela waba ukuthi uMbuso uphumelele ngengcacamezela.

Okuphawuleka nakakhulu, sekuyiminyaka eminingi abantu baseNyakatho Ireland benengxabano eshubile ngokuphathelene nobukhosi besizwe. Sekubulewe abantu abaningi. AmaRoma Katolika namaProthestani aye aba nemibono engafani ngokuthi yimuphi uMbuso okufanele azithobe kuwo: ukuqhubeka kokubusa kweBrithani eNyakatho Ireland noma uhulumeni obumbene we-Ireland iyonke.

Ngokufanayo, lapho kwakuyiYugoslavia khona, iziphathimandla ezibusayo ziye zafuna ukuba amalungu ezinkolo ezihlukene, kuhlanganise nenkolo yamaKatolika neyobu-Orthodox, alwe empini yokulwela indawo. Kulabo abayizakhamuzi ezivamile, sasiyini isibopho sokuqala? Ingabe kwakufanele balandele labo ababethi bamelele uMbuso, noma kwakufanele balalele uNkulunkulu, othi: “Akumelwe ubulale ngokungemthetho . . . Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena”?—Roma 13:9.

Ungase ucabange ukuthi isimo esinjengalesi asinakukuthinta. Kodwa singakuthinta. Eqinisweni, kungenzeka ubhekene naso ngisho namanje. Encwadini yakhe ethi The State in the New Testament, isazi semfundiso yenkolo u-Oscar Cullmann sikhuluma ‘ngezinqumo zokufa nokuphila amaKristu anamuhla okumelwe noma okungase kudingeke azenze ezimweni ezibucayi lapho esongelwa ohulumeni bomashiqela.’ Nokho, ukhuluma ‘nangomthwalo wemfanelo ongokoqobo nobaluleke ngokufanayo wawo wonke amaKristu—nomKristu ophila ngaphansi kwezimo okuthiwa ‘ezivamile,’ futhi ‘ezansuku zonke’—wokubhekana futhi asabele enkingeni engathi sína ayithola ngenxa nje yokuthi ungumKristu.”

Ngakho ingabe kufanele ubuhlobo phakathi kwenkolo noMbuso buthakazelise kumaKristu namuhla? Ngokuqinisekile kufanele. Kusukela ezikhathini zakudala impela, amaKristu abelokhu ezama ukuhlakulela umbono olinganiselayo ngeziphathimandla zezwe. UMholi wawo, uJesu Kristu, wahlulelwa, walahlwa, futhi wabulawa uMbuso waseRoma. Abafundi bakhe kwadingeka balinganisele izibopho zabo zobuKristu nezibopho zabo eMbusweni waseRoma. Ngakho-ke, ukubukeza ubuhlobo babo neziphathimandla kuzonikeza amaKristu iziqondiso namuhla.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Tom Haley/Sipa Press

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela