Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 4/15 kk. 22-27
  • Ukwanda Ngenxa Yesibusiso SikaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwanda Ngenxa Yesibusiso SikaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Isimiso Esimnandi
  • Izakhiwo Ezazinikezelwa
  • Okwenza Kudingeke Indawo Yokuhlala Eyengeziwe
  • Indlela I-90 Sands Eyatholakala Ngayo
  • Isibusiso SikaJehova Sisobala
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 4/15 kk. 22-27

Ukwanda Ngenxa Yesibusiso SikaJehova

ISIMISO sokunikezela sakusihlwa ngo-September 18, 1995, sagcizelela ukuthi uJehova uNkulunkulu ngempela uye wabusisa umsebenzi woFakazi bakhe wokwandisa endlunkulu yabo yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York.

Babengaphezu kuka-6 000 ababelalele lesi simiso. Babebuthene eBrooklyn, lapho isimiso sasiqhutshelwa khona, kanye nakwezinye izindawo, kuhlanganise nasezakhiweni zoFakazi BakaJehova ezinkulu eziseduze nePatterson neWallkill, eNew York, nasegatsheni labo elingaseToronto, eCanada. Labo ababekwezinye izindawo ngaphandle kweBrooklyn babexhunywe ngezintambo zikagesi ukuze bezwe okwakuqhubeka.

Isimiso Esimnandi

Izikhonzi zaseBethel, njengoba zibizwa kanjalo lezi zisebenzi zokuzithandela, ezazilalele lesi simiso zazakha ingxenye enkulu yomkhaya waseBethel womhlaba wonke onamalungu angu-16 400. Lawo malungu akhonza emazweni angaba yikhulu, lapho enyathelisa khona izincwadi zeBhayibheli futhi enze izinkonzo ezisekelayo ukuze kukhonzwe amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-78 600 emhlabeni wonke.

Abantu babelindele lukhulu lapho isimiso sokunikezela siqala ngengoma ngo-6:30 ntambama, okwathi ngemva kwayo kwalandela umthandazo owenziwa uKarl Klein. Usihlalo wesimiso, uLloyd Barry, wamukela bonke ngokufudumele ebeka amabalengwe ngokubaluleka kwesenzakalo. U-Albert Schroeder wabukeza isifundo se-Nqabayokulinda salelo sonto, ngemva kwalokho uDaniel Sydlik wakhuluma ngesihloko esithi “Inkonzo Yethu Engcwele EBethel.” Bonke laba abakhuluma kuqala esimisweni babengamalungu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova.

Izingxenye ezimbili zesimiso ezalandela—ethi “Ukuhlangabezana Nezidingo Zethu Zezindawo Zokuhlala Ezengeziwe, 1974-1995,” nethi “Okuvelele Ngokuvuselelwa Nokwakhiwa KweBethel YaseBrooklyn”—zaqokomisa amaphuzu ayinhloko ngokuqondene nokwakhiwa noma ukutholakala kwezakhiwo ezazinikezelwa. Amaphuzu agxila esakhiweni sokuhlala esisanda kuqedwa manje esihlala izikhonzi zaseBethel ezingaba yinkulungwane. Lesi sakhiwo esingamamitha angu-115 ukuphakama esiku-90 Sands Street sincikene nesakhiwo sefektri yokunyathelisa.

Lesi simiso saba nenkulumo yokunikezela eyabekwa uMilton Henschel, umongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society. Wagcizelela izibonelo zeBhayibheli zangaphambili zokunikezelwa kwezakhiwo ezazizosetshenziswa enkonzweni kaJehova. Ngemva kwengoma konke okwakuqhubeka kwaphethwa ngomthandazo owenziwa uCarey Barber, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo. Kodwa yimaphi amaphuzu ambalwa alesi simiso ayevelele?

Izakhiwo Ezazinikezelwa

UGeorge Couch, owengamele iKhaya LaseBethel, wachaza ukuthi kusukela ngesikhathi sokunikezelwa kokugcina kwesakhiwo saseBethel eBrooklyn ngo-May 2, 1969 kuye kwanezelwa izakhiwo zokuhlala ezingu-17.a Lezi zakhiwo kwakuba amakhaya asanda kwakhiwa noma izakhiwo ezazithengiwe zase zivuselelwa. Empeleni kwakunikezelwa zona lezi zakhiwo ezingu-17, izakhiwo ezimbili ezincane—ezathengwa ngawo-1940 kodwa zaguqulwa zenziwa izakhiwo zokuhlala zaseBethel—kanye nezakhiwo zefektri namahhovisi eziye zakhiwa noma zathengwa kusukela kwanikezelwa amahhovisi okuqondisa oFakazi BakaJehova ngo-March 15, 1982.b

Isakhiwo esikhulu kunazo zonke ezazinikezelwa ngesiku-360 Furman Street. Njengoba sakhiwa okokuqala ngo-1928, sathengwa oFakazi BakaJehova ngo-March 15, 1983, futhi savuselelwa ngokuphelele. Sinendawo yaphansi engamamitha-skwele angu-93 000, noma ecishe ibe amahektare angu-9. Ezinye izakhiwo ezazinikezelwa kwakuyifektri eku-175 Pearl Street namagalaji amakhulu aye akhiwa eminyakeni yamuva.

Okwenza Kudingeke Indawo Yokuhlala Eyengeziwe

Ngo-1969, lapho kunikezelwa isakhiwo sokuhlala sokugcina eBethel yaseBrooklyn, kwakunenani eliphakeme loFakazi abangu-1 336 112 ababeshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Kodwa ngo-1995 kwakunabangu-5 199 895 ababenza kanjalo, abaningi ngaphezu kokuphindwe kathathu nengxenye! Ngakho, ukuze kuhanjiswane nesidingo esikhulayo sezincwadi zeBhayibheli, umkhaya waseBethel eBrooklyn uye wanda usuka kumalungu asikhathi sonke angu-1 042 ngo-1969 waya kwangaphezu kuka-3 360 manje ahlala ezakhiweni ezingu-22!

UGeorge Couch waxoxa ngendlela okwahlangatshezwana ngayo nesidingo sendawo yokuhlala eyengeziwe kusukela ngo-1974 kuya ku-1995. Ekuqaleni kwawo-1970, oFakazi BakaJehova baqasha izitezi eziningana eTowers Hotel eseduze ukuze bahlalise umkhaya waseBethel okhulayo. Ngo-December 1973, uNathan Knorr, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, wabhalela kokubili iBethel Office nabaphathi beTowers, ethi iNhlangano ihlela ‘ukuphuma kuyiTowers Hotel engakadluli u-October 1, 1974.’

UMfoweth’ uCouch wathi wamangala ngoba yayingekho indawo yokuhlalisa izikhonzi zaseBethel ezihlala eTowers. Abaphathi beTowers nabo bamangala, njengoba babethembele emalini yeNhlangano yokuthelela indawo ukuze bakhokhe izindleko zabo. Umphumela waba ukuthi abaphathi beTowers banxuse oFakazi BakaJehova ukuba bathenge leli hhotela. “Selokhu saba kulendawo benilokhu nanda,” besho, “futhi niyasidinga lesi sakhiwo.”

“Sigcwele abaqashi,” kuphendula abameleli beNhlangano. “Uma sisithenga, siyofuna ukufaka abantu bethu kuso.”

“Sizobakhipha abaqashi kulesi sakhiwo,” kuthembisa abaphathi beTowers. Ngemva nje kwalokho oFakazi BakaJehova bathenga lesi sakhiwo iTowers ngenani elikahle. “Kungani uMfoweth’ uKnorr abhala lencwadi?” uCouch ebuza izilaleli zakhe ezithathekile. “Cishe naye ngokwakhe wayengazi, kodwa kwenzeka kanjalo ukuba iTowers Hotel ithengiselwe i-Watch Tower Society.”

Lesi sikhulumi sabuye sachaza indlela oFakazi BakaJehova abathenga ngayo i-97 Columbia Heights, okwakwakhiwe kuyo iMargaret Hotel yodumo, ngaphesheya nje komgwaqo ukusuka eKhaya LaseBethel lokuqala. Lendawo ikahle, njengoba yayingaxhumana kalula nesakhiwo saseBethel ngomhubhe ohamba ngaphansi komgwaqo. Ngo-February 1980, lapho lesi sakhiwo silungiswa, sasha. Khona-ke, ngenxa yokuthi umnikazi waso waba nobunzima bokwakha isakhiwo esisha kulesi siza, wasithengisela oFakazi BakaJehova.

UMfoweth’ uCouch waphawula: “Cishe ngasinye salezi zakhiwo sinendlela ethakazelisayo esatholakala ngayo ekhomba ephuzwini elilodwa—ukuthi uJehova uNkulunkulu owaqondisa inhlangano ebonakalayo ukuba ithole ngasinye salezo zakhiwo.”

Indlela I-90 Sands Eyatholakala Ngayo

Isakhiwo sokuhlala esisha ceke nesikhulu kunazo zonke esiku-90 Sands Street. Lapho lendawo ithengwa oFakazi BakaJehova ngo-December 1986, yayinefektri enkulu ku-160 Jay Street.c Lefektri yadilizwa, kwathi ngo-August 30, 1990, umkhaya waseBethel watshelwa ukuthi kuye kwakhishwa imvume yokwakha isakhiwo sokuhlala esinezitezi ezingu-30 kulesi siza.

Engxoxweni eyayisingethwe ilungu leNdikimba Ebusayo uTheodore Jaracz, uMax Larson, owengamele ifektri yeNhlangano yaseBrooklyn, wachaza indlela imvume yokwakha isakhiwo sokuhlala ku-90 Sands Street eyatholakala ngayo. UMfoweth’ uLarson wachaza ukuthi okwenzeka emuva ngo-1965, kwakubucayi.

Emuva ngaleso sikhathi iNhlangano yayifuna ukwakha ifektri enezitezi eziyishumi endaweni eseduze namanye amafektri ayo, kodwa leyo ndawo yayabelwe isakhiwo esinezitezi ezimbili kuphela. Umklami wezakhiwo wavuma ukudweba amapulani esakhiwo sefektri entsha eyayihlongozwa, kodwa wathi: “Ngeke ngizifake enkingeni ngokuwahambisa emkhandlwini ophethe.” Wayeqiniseka ukuthi i-Board of Standards and Appeals yayingeke ishintshe injongo eyayiyabele lendawo. Lapho amapulani evunywa, wababaza emangele: “Nikwenze kanjani lokhu!”

ULarson wachaza ukuthi isizathu siwukuthi lapho lendawo yabiwa kabusha ukuze sakhe kuyo ifektri yethu enezitezi eziyishumi, izindawo eziseduze nayo nazo zabiwa kabusha, kuhlanganise naleyo enesakhiwo esiku-160 Jay Street. Futhi okumangalisayo ukuthi lendawo yabiwa kabusha ukuze ikwazi ukuba nehhotela. Kodwa uLarson waphawula ukuthi akekho owakuqaphela lokhu—okungenani kwaze kwaba seminyakeni engu-25 kamuva, ngemva kokuba sesiqale ukufuna isiza sokwakha ikhaya laseBethel elisha. Khona-ke injongo eyayabelwe lendawo yaphinde yatholakala!

UMfoweth’ uLarson uchaza lokho okwenzeka: “Lapho silungisa amapulani ethu esakhiwo sokuhlala esinezitezi ezingu-30 futhi siwahambisa emnyangweni wokwakha, satshelwa: ‘Anikwazi ukwakha indawo yokuhlala lapho. Indawo yezimboni yonke leyo, futhi ngeke bashintshe injongo eyayabelwe lendawo ngenxa yenu.’

“‘Akudingekile ukuba bayishintshe,’ sitshela iziphathimandla. ‘Kakade yabelwe ukuba nehhotela.’ Lapho bebheka amafayili abazange bakholwe! Sasithola kanjalo-ke isakhiwo sethu esinezitezi ezingu-30,” kuphetha uLarson.

Isibusiso SikaJehova Sisobala

Umhubi waseBhayibhelini wabhala: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.” (IHubo 127:1) Ngokusobala, uJehova uye wawubusisa umsebenzi wokwakha woFakazi BakaJehova ukuze benze lula umsebenzi womhlaba wonke wokushumayela nokufundisa uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawenze.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

Labo ababa nelungelo lokuzwa lesi simiso ngo-September 18, 1995, bajabulela ukubona ubufakazi baleso sibusiso esibangela ukwanda okusendlunkulu yomhlaba wonke yezinceku zikaJehova. Abantu bakaJehova bangaqiniseka ngesibusiso sakhe esiqhubekayo njengoba beqhubeka benza lokho akuyalayo.

[Imibhalo yaphansi]

a INqabayokulinda (yesiNgisi), June 15, 1969, amakhasi 379-82.

b INqabayokulinda, December 1, 1982, amakhasi 24-32.

c I-Phaphama! (yesiNgisi) ka-December 22, 1987, amakhasi 16-18.

[Isithombe ekhasini 23]

90 Sands st. • 1995

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Ezinye izakhiwo zokuhlala ezazinikezelwa

97 Columbia Hts. • 1986

Bossert Hotel, 98 Montague St. • 1983

34 Orange St. • 1945

Standish Hotel, 169 Columbia Hts. • 1981

67 Livingston St. • 1989

108 Joralemon St. • 1988

Towers Hotel, 79-99 Willow St. • 1975

[Izithombe ekhasini 26]

175 Pearl St. • 1983

69 Adams St. • 1991

360 Furman St. • 1983

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela