Umkhankaso Wokufakaza Owaba Impumelelo EGreece
SEKUYISIKHATHI eside oFakazi BakaJehova bebhekene nokuphikiswa eGreece. Ezinye izikhulu zamaphoyisa, zezinkantolo, nezikahulumeni ziye zashushisa oFakazi, ngokuvamile ngenxa yokucindezela okuvela kubefundisi besonto lamaGreki lobu-Orthodox. Ngezinye izikhathi isizathu siba umthetho waseGreece onqabela ukuphendulela abantu kwenye inkolo, ngezinye izikhathi kube ukwenqaba koFakazi okusekelwe eBhayibhelini ukuya empini noma ukwamukela ukumpontshelwa igazi.—Isaya 2:2-5; IzEnzo 15:28, 29.
Bezama ukuthuthukisa ukuqonda kweziphathimandla zaseGreece ezinezinhliziyo eziqotho, oFakazi abangaba ngu-200 uhulumeni waseGreece obaqaphela njengezikhonzi ezingokwenkolo, kanye nabanye abasemkhakheni wezomthetho, muva nje baye benza umkhankaso kazwelonke. Bahambisa incwajana engangomagazini eklanywe ngokukhethekile, enesihloko esithi Jehovah’s Witnesses in Greece, kanye nencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Babelungiselele nephakethe elinezincwadi zobufakazi ezibonisa ukuthi asikho isisekelo esizwakalayo esingokomthetho sokushushiswa koFakazi BakaJehova. OFakazi bahambela abaphathi bamaphoyisa, izimeya, abashushisi bamacala omphakathi, nezinye izikhulu.
Kwaba njani ukusabela? Kwaba namakhulu okuhlangenwe nakho okuhle. Cabangela ezinye zezibonelo.
Umlawuli wesiteshi samaphoyisa eNtshonalanga Macedonia wamukela abazalwane wabe esethi: “Sekuyisikhathi eside nginazi, . . . futhi ngiyakuncoma ukuhleleka kwenu. . . . Angivumelani nomthetho onqabela ukuphendulela abantu kwenye inkolo, futhi ukube kuya ngami, bengizowusula.”
Abalawuli beziteshi zamaphoyisa ezihlukahlukene emadolobheni amaningi basho amazwi anjengokuthi: “Ngiyanitusa ngenkonzo eniyenzela umphakathi.” “Abantu benu abawabangeli umsebenzi amaphoyisa; nifeza umsebenzi wenhlala-kahle.” “Asinayo nencane inkinga ngani. Siyanihlonipha futhi siyanazisa.”
EPiraeus isikhulu esiphakeme emaphoyiseni ezokuphepha satshela abazalwane, sigcwele izinyembezi emehlweni, ukuthi siyakwazi ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu sibize igama lakhe ngoJesu Kristu. Sabamangaza ngisho nakakhulu laboFakazi lapho sibatshela ukuthi siyazi ukuthi balindele ushushiso ngaphambi kwe-Armagedoni, futhi sithemba ukuthi uNkulunkulu uyosisebenzisa ukuze sibasize ngaleso sikhathi! Sasamukela isicelo sabazalwane sokuxoxa naso ngokwengeziwe.
Izikhulu Zikahulumeni Ziyasabela
Enye imeya eThessaly yasho lokhu ngencwadi ethi Abamemezeli: “Ifanelwe ukuba semtatsheni wezincwadi kamasipala—ibekwe endaweni evelele!” Yabe isisusa izincwadi eshalofini futhi yabeka kulo incwadi ethi Abamemezeli ukuze kubonakale isembozo sayo.
Enyakatho yeGreece, lapho abazalwane befika imeya yababingelela ngemfudumalo yabe isithi: “Ningabantu abangcono engingafisa ukuba nabo edolobheni lami.” Enyakatho Euboea imeya enomusa yatshela abazalwane: “Ngangiyisikhulu sempi. Kodwa nina—nginazisa kakhulu.” Yavumelana ngentshiseko namaphuzu ayevezwa oFakazi. Lapho beyibonisa ezinye zezincwadi ezinyatheliswa i-Watch Tower Society, yathi: “Uma ngithembisa ukuthi ngizozifunda zonke, nizonginika yini zona?” Baphendula: “Ngokuqinisekile—zithathe!” Yayijabulile futhi ingasafuni ukudedela abazalwane bahambe.
Emaphethelweni edolobha lase-Attica, imeya yazamukela ngentokozo izincwadi ezazihanjiswa abazalwane futhi yabacela ukuba baqhubeke beyilethela izincwadi zeNhlangano. Lapho sebehamba, yabatshela: “Abantu badunyazwe kakhulu izazi zezombangazwe futhi balifuna kwenye indawo iqiniso langempela. Ngiyaqiniseka ukuthi kusukela manje kuya phambili nizoba matasa kakhulu ngoba nineqiniso.”
Abashushisi Bamacala Omphakathi Bayasabela
Abazalwane abahambela isekela lomshushisi wamacala omphakathi enyakatho yeGreece bayakhumbula: “Zamhlaba umxhwele izincwadi zethu nendlela esasikhuluma ngayo, kanye nemizamo esiyenzayo ukuze siqiniseke ukuthi esikhonza nabo bathola usizo lapho bebhekene nendaba engathi sína yokumpontshelwa igazi. Ekugcineni wasibonga futhi wasitusa ngokufudumele ngokuthatha kwethu isinyathelo kuqala simvakashele futhi simcobelele ulwazi. Kamuva, sathola ukuthi eminyakeni emine ngaphambili wayebize amaphoyisa wawayala ukuba abophe abazalwane ababili ababenza inkonzo yasensimini.”
Abameli ababili abangoFakazi abahambela amahhovisi omshushisi wamacala omphakathi e-Athens bamangala lapho bebona omunye umshushisi osekhulile owaziwayo nohlonishwayo eza kubo. Wababizela eceleni wabe esebatshela ukuthi umthetho onqabela ukuphendulela abantu kwenye inkolo awunasisekelo futhi ubangela isiphithiphithi esimisweni sezinkantolo saseGreece. Wababonga ngokubaxhawula ngokufudumele.
Enyakatho yeGreece, umshushisi othile wayenobungane kakhulu futhi wamukela izincwadi. Njengoba ephenya amakhasi encwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, wakhexa umlomo lapho ebona izahluko ezihlukahlukene ezisekhasini lokuphakathi. Wathi: “Izinto ezikulencwadi, angikaze ngizibone kulo lonke isonto lobu-Orthodox.”
Umshushisi wamacala omphakathi eBoeotia wavuma ukuthi esikhathini esidlule, wayekhiphe umyalo wokuba oFakazi abathile bampontshelwe igazi bengafuni. Kodwa ngemva kokuba abazalwane bebonisene naye ngalendaba, wathi: “Ngeke ngiphinde ngikhiphe umyalo onjalo!” Wathi kufanele kuthintwane neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yoFakazi BakaJehova ukuze kuhlolwe ezinye izindlela ezingalisebenzisi igazi. Wayamukela ngenjabulo incwadi ethi Intsha Iyabuza.
Abaqondisi Bemitapo Yezincwadi Bayasabela
Kwaxoxwa futhi nabaqondisi abaningi bemitapo yezincwadi. Komunye umtapo wezincwadi e-Athens, umqondisi onesizotha wamukela izincwadi wabe esethi: “Kuhle ukuthi nisilethelé izincwadi zenu ngoba izincwadi eziningi esinazo emtatsheni wethu zimelene nani. . . . Omunye umpristi ucasuke kabi lapho ebona izincwadi zenu kulomtapo. . . . Akunandaba. Kumelwe kuzwakale yonke imibono.”
Emtatsheni wezincwadi kamasipala eCrete, isikhulu esithile esasibazi kusuka ekamu lempi oFakazi BakaJehova, satshela abazalwane ukuthi sasihlatshwe umxhwele ukwenqaba koFakazi ukuhlanganyela empini. Sasilokhu sizibuza, ‘Kungani kufanele bahlupheke laba bantu?’ Samukela izincwadi kubazalwane futhi sasho lokhu ngomkhankaso ababewenza: “Nenze umsebenzi omuhle kakhulu futhi kufanele ngabe nawenza eminyakeni eminingi edlule. . . . Kunobandlululo olukhulu lapha eGreece.” Sacela laba bazalwane ukuba baphinde basivakashele ngokushesha.
Phakathi nalomkhankaso okhethekile, abazalwane bahambisa izincwadi ezithi Abamemezeli ezingaphezu kuka-1 000, izincwajana ezithi Jehovah’s Witnesses in Greece ezingu-1 600, kanye namakhulu ezincwadi nomagazini. Okuhle nakakhulu, bakhuluma umlomo nomlomo namakhulu ezikhulu zaseGreece. Manje izinceku ezikholekile zikaJehova eGreece nasemhlabeni wonke zinethemba lokuthi iziphathimandla ezinezinhliziyo eziqotho zaseGreece zizobabheka ngombono ongabandlululi oFakazi BakaJehova.