Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 3/15 k. 32
  • Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 3/15 k. 32

Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele

“Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele” zehla zivela kuNkulunkulu, uBaba wethu osezulwini. (Jakobe 1:17) Isipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu aye wasinikeza isintu esinesono ilungiselelo lokuba sisindiswe ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. Ukufa kukaJesu njengoMhlengi wethu kwenza ukuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi kube nokwenzeka. KuLuka 22:19, siyalwa ukuba sigubhe isikhumbuzo sokufa kwakhe.

OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekulaleleni lomyalo kaJesu. Lomkhosi waminyaka yonke uyoba ngemva kokushona kwelanga ngosuku oluqondana no-Nisan 14 ekhalendeni leBhayibheli lezinyanga, oluyoba ngoLwesibili, ngo-April 2, 1996. Luphawule lolu suku ukuze ungalukhohlwa. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bangakutshela indawo eqondile okuyohlanganwa kuyo nesikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela