Ukuhlonishwa Kwamalungelo Eziguli
‘Ayikho indlela engingakwenza ngayo lokhu kuhlinza ngaphandle kwegazi. Uma ufuna ukuhlinzwa, kuzodingeka uvume ngisebenzise indlela yami yokwelapha. Ngalé kwalokho, kuzodingeka uthole omunye udokotela.’
LAMAZWI kadokotela awazange aluzamazamise ukholo lukaCheng Sae Joo, omunye woFakazi BakaJehova ohlala eThailand. Njengoba kwakutholakale ukuthi une-meningioma, uhlobo oluthile lwesimila ebuchosheni, uCheng wayedinga ukuhlinzwa ngokuphuthumayo. Kodwa wayezimisele ukulalela umyalo weBhayibheli: ‘Qhubekani nideda egazini.’—IzEnzo 15:28, 29.
UCheng waya kwezinye izibhedlela ezimbili, ethanda ukwelashwa ezweni lakubo uma kwakungenzeka. Kwamdumaza ukuthi nalapho futhi odokotela benqaba ukuhlinza ngaphandle kwegazi. Ekugcineni, uMnyango Wezokwaziswa Ngezezibhedlela (HIS [Hospital Information Services]) eThailand waxhumanisa uCheng ne-Neurological Institute of the Tokyo Women’s Medical College. Leso sibhedlela sase selaphe iziguli ezingaphezu kuka-200 ezinezimila ebuchosheni sisebenzisa ummese wemisebe ye-gamma, enye yezindlela zamuva nje zokwelapha ngemisebe.
Kwenziwa amalungiselelo okuba uCheng ahlale noFakazi baseJapane abahlala eduze nalesi sibhedlela. Wahlangatshezwa iqembu labo esikhumulweni sezindiza, kuhlanganise noFakazi BakaJehova ababili abakhuluma ulimi lwaseThailand nommeleli we-HIS. Ngemva kokuhlolwa okwaqhubeka cishe isonto, uCheng walaliswa esibhedlela lapho elashwa khona kusetshenziswa ummese wemisebe ye-gamma. Lenqubo yathatha cishe ihora elilodwa kuphela. Esephumile esibhedlela ngakusasa, uCheng wayeselibangise emuva eThailand ngosuku olulandelayo.
“Ngangingacabangi ukuthi leli lungiselelo linganikeza usizo olukhulu kangaka,” kusho uCheng. “Lwangihlaba umxhwele ngempela uthando olwaboniswa kanye nokubambisana phakathi kwamaqembu amaningi ayehilelekile.”
Libika ngalendaba, iphephandaba laseJapane i-Mainichi Shimbun laphawula: “Kuze kube manje, kuye kwaqokonyiswa izizathu ezingokwenkolo zokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Nokho, ukumpontshelwa igazi kunemiphumela engathandeki enjengengculaza, ingozi yokungenwa amagciwane anjenge-hepatitis C, nokugula okubangelwa izinto ezithile. Ngenxa yalesi sizathu kuneziguli ezingafuni ukumpontshelwa igazi kungakhathaliseki ukuthi izinkolelo zazo ezingokwenkolo ziyini.”
Leli phephandaba laqhubeka lathi: “Iziguli eziningi eziye zenqaba ukumpontshelwa igazi ziye zaphoqeleka ukuba zishintshe izibhedlela, kodwa kunesidingo sokuba izikhungo zezokwelapha zibone ngelinye iso ngokuphathelene nokuhlonipha ukukhetha kwesiguli. Kudingeka sinikezwe ulwazi ngaphambi kokuba kuvunywe (isiguli sithole incazelo egcwele yalokho okuhilelekile bese siyivuma leyo ndlela yokwelapha), futhi izindaba zokumpontshelwa igazi azishiyiwe ngaphandle kulokhu. Kufanele kuqashelwe ukuthi lena akuyona indaba ehilela inkolo ethile kuphela.”
NjengoCheng Sae Joo, abaningi abakhetha ukwelashwa ngaphandle kwegazi kudingeka bashintshele kwezinye izibhedlela. Noma kunjalo, bayayazisa imizamo yodokotela abazimisele ukuhlonipha amalungelo eziguli zabo.
UMnyango Wezokwaziswa Ngezezibhedlela wamiswa oFakazi BakaJehova emagatsheni e-Watch Tower Society ukuze usebenzelane nodokotela abahlonipha izinkolelo zabo. Emhlabeni wonke, i-HIS yakha ubuhlobo obuwusizo nezibhedlela, odokotela, izisebenzi zezempilo, abameli, namajaji.