Benza Intando KaJehova
UMose No-Aroni—Abamemezeli Abanesibindi Bezwi LikaNkulunkulu
CABANGA ngalesi simo: UMose oneminyaka engu-80 nomfowabo, u-Aroni, bami phambi komuntu onamandla amakhulu kunabo bonke emhlabeni—uFaro waseGibithe. KwabaseGibithe lomuntu ungaphezu kommeleli wonkulunkulu. Bakholelwa ukuthi yena ngokwakhe ungunkulunkulu. Ubhekwa njengaye kanye uHorus, unkulunkulu onekhanda likaklebe owenziwe waba umuntu. Ekanye no-Isis no-Osiris, uHorus wayakha uziqu-zintathu oyinhloko phakathi konkulunkulu nonkulunkulukazi baseGibithe.
Noma ubani osondela kuFaro ngokuqinisekile wayengabona umfanekiso wekhanda lemfezi obangela amashwa ongaphambili emqheleni wakhe. Kwakucatshangwa ukuthi lenyoka ingakhafulela umlilo nembubhiso kunoma iziphi izitha zikaFaro. Manje uMose no-Aroni beze phambi kwalenkosi engunkulunkulu benesicelo esiyinqaba—sokuthi avumele ama-Israyeli ayizigqila ukuba ahambe ukuze enzele uNkulunkulu wawo, uJehova, umkhosi.—Eksodusi 5:1.
UJehova wayesebikezele kakade ukuthi inhliziyo kaFaro yayizoba lukhuni. Ngakho-ke, uMose no-Aroni abazange bamangazwe impendulo yakhe yokwedelela: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke uIsrayeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela uIsrayeli ukuba ahambe.” (Eksodusi 4:21; 5:2) Ngakho, lokho kwalungiselela inkundla yokubhekana ngeziqu zamehlo okuvusa amadlingozi. Phakathi nokuhlangana okwalandela, uMose no-Aroni banikeza uFaro ubufakazi obushaqisayo bokuthi babemelele uNkulunkulu weqiniso nongumninimandla onke.
Kwenzeka Isimangaliso
Njengoba ayeyalwe uJehova, u-Aroni wenza isimangaliso esafakazela ubukhulu bukaJehova phezu konkulunkulu baseGibithe. Waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro, futhi masinyane yaphenduka inyoka enkulu! Edidwe yilesi simangaliso, uFaro wabiza abapristi bakhe abenza imilingo.a Ngosizo lwamandla amademoni, lamadoda akwazi ukwenza okuthile okufanayo ngezinduku zawo.
Uma uFaro nabapristi bakhe benama, kwakungokwesikhashana nje. Ake ubone ngeso lengqondo ubuso babo lapho inyoka ka-Aroni igwinya izinyoka zabo, ngayinye ngayinye! Bonke ababekhona babengabona ukuthi onkulunkulu baseGibithe babengenakuqhathaniswa noNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Eksodusi 7:8-13.
Nokho, ngisho nangemva kwalokhu, inhliziyo kaFaro yayisalokhu ilukhuni. Kwaba ngemva kokuba uNkulunkulu elethe izishayo, noma izinhlupho eziyishumi phezu kweGibithe, lapho uFaro, ekugcineni, atshela khona uMose no-Aroni: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwaIsrayeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.”—Eksodusi 12:31.
Izifundo Esizitholayo
Yini eyenza ukuba uMose no-Aroni bakwazi ukuya kuFaro onamandla waseGibithe? Ekuqaleni, uMose wazwakalisa ukungalethembi ikhono lakhe, ethi ‘umlomo wakhe unzima, unamalimi.’ Ngisho nangemva kokuqinisekiswa ngokusekelwa uJehova, wancenga: “Ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.” Ngamanye amazwi, uMose wacela ukuba uNkulunkulu athume omunye umuntu. (Eksodusi 4:10, 13) Noma kunjalo, uJehova wasebenzisa uMose omnene, emnika ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze afeze isabelo sakhe.—Numeri 12:3.
Namuhla, izinceku zikaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu zifeza umyalo ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Ukuze senze ingxenye yethu ekufezeni lokhu kuthunywa, kufanele silusebenzise ngokugcwele ulwazi lwemiBhalo nolwanoma imaphi amakhono okungenzeka sinawo. (1 Thimothewu 4:13-16) Kunokuba sigxile ekubeni abangafaneleki, masamukele ngokholo noma isiphi isabelo uNkulunkulu aye wasinika sona. Angasenza sifaneleke futhi asiqinisele ukwenza intando yakhe.—2 Korinte 3:5, 6; Filipi 4:13.
Njengoba uMose ayebhekene nokuphikisa kwabantu nokwamademoni, ngokuqinisekile wayedinga usizo olungaphezu kolwabantu. Ngenxa yalokho, uJehova wamqinisekisa: “Bheka, ngikwenzé ube-njengonkulunkulu kuFaro.” (Eksodusi 7:1) Yebo, uMose wayenokusekelwa kwaphezulu negunya. Enomoya kaJehova, uMose wayengenaso isizathu sokwesaba uFaro noma abasizi balowo mbusi oqhoshayo.
Nathi kumelwe sincike emoyeni ongcwele noma amandla asebenzayo kaJehova, ukuze sifeze inkonzo yethu. (Johane 14:26; 15:26, 27) Ngokusekela kwaphezulu singenanela amazwi kaDavide, owahlabelela: “Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”—IHubo 56:11.
Ngesihawu sakhe uJehova akazange amshiye yedwa uMose esabelweni sakhe. Kunalokho, uNkulunkulu wathi: “UAroni umfowenu uyakuba-ngumprofethi wakho. Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; uAroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro.” (Eksodusi 7:1, 2) Yeka ukuthi kubonisa uthando kanjani ngoJehova ukuba asebenze ngokuvumelana nokulinganiselwa kukaMose ngalokho ayengase akwazi ukukuthwala!
UNkulunkulu usinikeza inhlangano yamaKristu esikanye nawo amukela inselele yokuba oFakazi BakaJehova, oPhezukonke. (1 Petru 5:9) Ngakho-ke, naphezu kwezithiyo esingase sihlangabezane nazo, masibe njengoMose no-Aroni—abamemezeli abanesibindi bezwi likaNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “abapristi abenza imilingo” (NW) libhekisela eqenjini labathakathi ababezisholo ukuthi banamandla angaphezu kwawemvelo adlula awamademoni. Kwakucatshangwa ukuthi lamadoda ayengabangela ukuba amademoni alalele nokuthi amademoni ayengenamandla phezu kwalaba bathakathi.
[Isithombe ekhasini 25]
UMose no-Aroni bamelela uJehova ngesibindi phambi kukaFaro