Bheka! IHholo LoMbuso ENiue
INIUE isiqhingi esincane esinamatshe e-coral eSouth Pacific, ebangeni elingamakhilomitha angu-2 160 enyakatho-mpumalanga yeNew Zealand. Ngokwencwajana yezohambo, igama elithi Niue livela emagameni amabili, elithi Niu, elisho “isihlahla sikakhukhunathi,” nelithi e, elisho ukuthi “bona,” noma “bheka.” Lencwajana ithi: “Indaba yasendulo ithi abantu bokuqala abayizifiki basePolynesia basho lamazwi ekufikeni kwabo lapho bebona izihlahla zikakhukhunathi ezimila kulelizwe.”
Namuhla, oFakazi BakaJehova baseNiue bayaziqhenya ukutshela izihambeli ukuthi, “E! Fale he Kautu ha mautolu!” okusho ukuthi, “Bhekani! IHholo Lethu LoMbuso!” Kungani benemizwa ejule kangaka ngaleli hholo? Yonke indawo oFakazi BakaJehova bayaziqhenya ngamaHholo abo oMbuso, ikakhulukazi uma bezakhele ngokwabo. Kodwa ukwakha iHholo LoMbuso esiqhingini esisemajukujukwini enkabeni yeSouth Pacific enkulukazi kuyindaba ehluke ngempela. Ngaphezu kwalokho, iNiue ihlanganisa amakhilomitha-skwele angu-260 nje kuphela, futhi kulesi siqhingi sisonke kunabantu abangu-2 300 kuphela.
Kwakunombuzo wokuthi ubani ozokwakha iHholo LoMbuso. Ibandla okuwukuphela kwalo eNiue linoFakazi abangu-32 kuphela. Yonke impahla esemqoka eyayidingeka, njengamaloli, imishini yokukha inhlabathi, nemishini yokuphakamisa izinto ezisindayo, ingekahulumeni. Ngaphezu kwalokho, cishe zonke izinto ezisemqoka zokwakha—insimbi, izitini zikakhonkolo, okokufulela, izinto zokufaka ugesi namapayipi amanzi, umshini we-sound, nezihlalo—kwakuzodingeka zithunyelwe zisuka eNew Zealand ngomkhumbi osebenza kanye nje njalo emasontweni amahlanu. Okokugcina, ukuba namadwala kwalesi siqhingi kwakuzokwenza ukwakha kube nzima, futhi ihholo kwakuzodingeka lakhiwe ngendlela yokuba likwazi ukumelana neziphepho zasezindaweni ezishisayo. Umsebenzi omkhulu ngempela kunoma ubani!
Nokho, kwakunomehluko omkhulu lapha. KoFakazi BakaJehova, iHholo LoMbuso liyisikhungo sokukhulekela kweqiniso kulendawo, futhi babheka kuJehova uNkulunkulu ukuze bathole isiqondiso nosizo. (IHubo 56:11; 127:1) Abafowethu abangamaKristu baseNew Zealand, kuhlanganise namalungu ebandla laseNiue e-Auckland, basiza leli qembu elincane loFakazi eliseNiue, belisekela ngenhliziyo yonke emsebenzini wokwakha.
Isinqumo Sokuqhubeka
Ngo-June 1994 esizeni sesakhiwo seHholo LoMbuso laseRotorua, eNew Zealand, kwanxuswa labo abanesithakazelo sokuhlanganyela emsebenzini wokwakha waseNiue. Ngokumangalisayo, abafowethu nodadewethu abangamaKristu abangu-200 basabela ngokuzithandela. Kulaba, kwakhethwa abangu-80, kuhlanganise nababazi, abasebenza ngezinsimbi, abasebenza ngamapayipi amanzi, abafulelayo, abapulasitelayo, abapendayo, abasebenza ngogesi, abanolwazi nge-sound, abasebenza ngokhonkolo, ababeka izitini, nabenza imisebenzi engadingi amakhono.
Abafowethu badweba amapulani futhi baqhubekela phambili, bethembela kuJehova. Omunye wabadala ababili bebandla laseNiue, ongusomabhizinisi wendawo, waqala ukwenza amalungiselelo okuthunyelwa kwazo zonke izinto ezidingekayo ngomkhumbi. Kwavunyelwana ngokukhokhisa izisebenzi zaphesheya imali ekhethekile yohambo lwendiza nendawo yokuhlala, ezazivume ngokuzithandela ukukhokhela izindleko zazo, futhi kwabekwa nezinsuku zokwakha. Lomsebenzi kwakumelwe uqedwe ngezinsuku ezingu-20, kusukela ngo-March 4 kuya ku-March 23, 1995, ngesikhathi iHholo LoMbuso elaliyonikezelwa ngaso.
“Ngashaywa uvalo olwalungakaze lungishaye lapho ngibona isiza,” kusho umqondisi womsebenzi, owafika evela eNew Zealand kusasele isonto elilodwa ukuze azohlela izinto. “Phansi ngamadwala wodwa. Kuzothatha amasonto amabili ukumba imigodi nje yesisekelo.” Kodwa kamuva wavuma ukuthi wayebeyile oFakazi bendawo. “Abazalwane baseNiue bayakwazi ukufunda amadwala,” esho. “Bayazi ukuthi kumelwe balishayephi idwala ukuze kuqhekeke izingxenye ezinkulu zalo.” Isisekelo saqedwa ngezinsuku ezimbili!
Ngo-March 4 indiza yokuqala egcwele oFakazi baseNew Zealand yafika, futhi kwenziwa umsebenzi odinga ukhonkolo. Njengoba amaqembu ezisebenzi ayefika elandelana, kwakuqedwa izingxenye ezihlukahlukene zomsebenzi. Izinsuku zokusebenza zaziqala ngo-7:00 ekuseni ngengxoxo emfushane yetekisi losuku leBhayibheli. Abanye abazalwane babesebenza amahora angu-12 ngosuku ezingeni lokushisa elifinyelela ku-36° C. Ekugcineni, ngo-March 23, igceke lase lilungisiwe. Uphawu olukhangayo olwenziwe ngesihlahla sikamango lwachaza lesi sakhiwo ngokuthi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.”
Umoya Wokubambisana Nowokungenisa Izihambi
Isici esisemqoka esaba nengxenye ekuphumeleleni kwalomsebenzi saba ukubambisana kwabantu baseNiue. Izakhamuzi zendawo, zithathekile ngenxa yalesi senzakalo, zanikela ngokudla nemali. Iningi labheka lokhu kwakhiwa kwehholo njengomsebenzi walo. Izikhulu zikahulumeni nosomabhizinisi benikela ngezinkonzo ezazingaphezu kwezazilindelekile. Imishini eyayidingeka nemboni eyenza izinto zokhuni kwenziwa kwatholakala. Inkampani yemikhumbi yaze yashintsha ngisho nomzila womkhumbi wayo ukuze iqiniseke ukuthi izinto ezidingekayo zifika ngaso kanye isikhathi esifanele.
Izihambeli zakwazisa ngempela ukuzikhandla nomoya wokungenisa izihambi woFakazi baseNiue, abahlanganyela amakhaya abo nempahla yabo nabanye. “Odade bendawo babesebenza ngendlela emangalisayo,” kusho omunye umakhi. Ngaphezu kwesidlo sasemini esishisayo nsuku zonke, odade babelungiselela ukudla kwasekuseni okuphekiwe njalo ngo-6:30 ekuseni. Abanye babevuka ngo-4:30 ekuseni ukuze balungise ukudla. Omunye wabakhi wathi: “Ngicabanga ukuthi siphilé kangcono lapha eNiue kunasemakhaya ethu.”
Ngo-March 10 i-Niue Star yabika ngalesi senzakalo endabeni esekhasini lokuqala eyayinesihloko esithi “IHholo LoMbuso Lokuqala ENiue” nesithombe sabaseNew Zealand nabaseNiue besebenza esizeni. Yachaza ukuthi leli hholo linobukhulu obungamamitha-skwele angu-280 futhi lihlalisa abantu abasukela kwabangu-70 kuya kwabangu-100. Lesi sihloko sanezela: “Empeleni lomsebenzi ungaqedwa [ngamasonto] amabili, kodwa kulokhu isikhathi sizokwandiswa. Kuleli qophelo, ngemva kwezinsuku ezimbili nje umsebenzi uqaliwe, isisekelo, izinhlaka, imishayo nophahla sekufakiwe, ngaphambi kwesikhathi esimisiwe.”
Usomabhizinisi wendawo wazwakalisa isifiso sokuba bonke abantu esiQhingini saseNiue bayobheka lomsebenzi futhi bafunde isifundo kuwo. Wathi wethemba ukuthi kuzobonisa bonke abantu lokho okungase kwenziwe uma kunothando nokubambisana.
Isixuku sabangu-204 seza lapho kunikezelwa leli hholo. Okwaba okuhlangenwe nakho okushukumisa kakhulu kubo bonke ababekhona kwakuwumboniso okhethekile lapho abazalwane, odade, nabantwana baseNiue, bebonisa ukwakhiwa kweHholo LoMbuso ngokuhlabelela nokudansa. Kwazwakaliswa amazwi okubonga eqenjini labakhi nakuJehova, omoya wakhe ushukumise izingqondo, izinhliziyo, nezandla ukuze kufezwe lomsebenzi.—Isaya 40:28-31.