Iqiniso Ngezingelosi
Ukujwayelana nothile ngokuvamile kuhlanganisa nokufunda okuthile ngomkhaya wakhe. Kungokufanayo nangokwazi uJehova uNkulunkulu. Kuhileleke okungaphezu nje kokwazi igama lakhe. Kumelwe futhi sazi okuthile ‘ngomkhaya’ wakhe osezulwini. (Qhathanisa neyabase-Efesu 3:14, 15.) IBhayibheli libiza izingelosi ngokuthi “amadodana” kaNkulunkulu. (Jobe 1:6) Lapho sicabangela indima yazo ebalulekile eBhayibhelini, kufanele sifune ukwazi okwengeziwe ngazo ukuze siqonde indawo yazo enjongweni kaNkulunkulu.
KUNEQEMBU elisha elihlukile elakhekayo. Akukhona nje kuphela ukuthi abantu abengeziwe bathi bakholelwa ezingelosini; inani elandayo lithi ziye zalithinta ngandlela-thile. Lapho abantu baseMelika abangu-500 bebuzwa, “Ekuphileni kwakho siqu wake waba yini nomuzwa wokuthi izingelosi zikhona?” cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yaphendula ngoyebo. Liyamangalisa futhi nenani lentsha ethi ikholelwa ezingelosini—ngokokunye ukuhlola e-United States, amaphesenti angu-76 agcwele! Ngokusobala, abantu banesithakazelo ezingelosini. Kodwa lokhu kucabanga okukhona manje ngokuphathelene nezingelosi kufaneleka kanjani ngokweqiniso leBhayibheli?
Ukufiphaza Indima KaSathane
Lapho sikhuluma ngezingelosi, akufanele sizishaye indiva izingelosi ezimbi, izidalwa zasezulwini iBhayibheli elithi zahlubuka kuNkulunkulu. Ehamba phambili kulezi nguSathane. Incwadi ethile ethandwayo ebizwa ngokuthi yi-Ask Your Angels isikisela ukuthi uSathane umane nje ‘uyisici esithile sikaNkulunkulu’ osiza abantu ukuba baqinise “izicubu ezingokomoya” zabo ngokuhlala ebalinga. Naphezu ‘kwezinhloso ezinothando’ zikaSathane, kusho abalobi, ngephutha phakathi namakhulu eminyaka uye wahlanganiswa nobubi. Banezela ukuthi uSathane noJesu, “nakuba bengebona ngempela abaphelelisi bomunye nomunye, okungenani bangasohlangothini olulodwa, bayizingxenye ezidingekile zomuntu oyedwa.” Lokhu ukugomela okumangalisayo, kodwa lithini iBhayibheli?
IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uSathane akasona “isici esithile sikaNkulunkulu” kodwa uyisitha sikaNkulunkulu. (Luka 10:18, 19; Roma 16:20) Udelela ubukhosi bukaJehova, futhi izinhloso zakhe ngabantu azinalo nakancane ‘uthando.’ Ngonya ukhiphela ulaka lwakhe ezincekwini zikaNkulunkulu zasemhlabeni. Uzibeka icala phambi kukaNkulunkulu imini nobusuku!a (IsAmbulo 12:10, 12, 15-17) USathane uhlose ukuzonakalisa kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Ukushushisa kwakhe okungenasihe indoda elungile uJobe kwadalula isimo sakhe sengqondo esilukhuni ngokuhlupheka kwabantu.—Jobe 1:13-19; 2:7, 8.
Ngokuphambene kakhulu nokuba “sohlangothini olulodwa,” uSathane noJesu bayizitha ezinkulu. Phela, ngokungangabazeki kwakunguSathane owanxenxela uHerode ekubeni akhiphe izwi lokubulawa kwezinsana okukhulu—ezama ukubulala umntwana omncane uJesu! (Mathewu 2:16-18) Futhi ukuhlasela kukaSathane okuphikelelayo kwaqhubeka njalo kwaze kwaba sekufeni kukaJesu. (Luka 4:1-13; Johane 13:27) Ngakho, kunokuba babe “izingxenye ezidingekile zomuntu oyedwa,” uJesu noSathane bahluke ngokuphelele. Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi ubutha babo abunakugwenywa. (Genesise 3:15) Ngokufanelekile, nguJesu ovusiwe oyobhubhisa uSathane ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele.—IsAmbulo 1:18; 20:1, 10.
Imithandazo Iya Kubani?
Abanye abasekeli besasasa lezingelosi batusa ukuzindla nezinye izindlela ukuze uxhumane nezingelosi. “Isicelo esiqotho sokuthintana nanoma iliphi ilungu lomkhaya wasezulwini ngeke sishaywe indiva,” kusho enye incwadi. “Cela futhi uyophendulwa.” UMikayeli, uGabriyeli, u-Uriel, noRaphael baphakathi kwezingelosi lencwadi etusa ukuba kuxhunyanwe nazo.b
Nokho, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu, hhayi ezingelosini. (Mathewu 6:9, 10) Ngokufanayo, uPawulu wabhala: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Ngakho-ke, amaKristu awathandazi kunoma ubani ngaphandle kukaJehova, futhi enza kanjalo egameni likaJesu Kristu.c—Johane 14:6, 13, 14.
Ingabe Izingelosi Azinanhlangano Engokwenkolo?
Ngokuka-Eileen Elias Freeman, owengamele i-AngelWatch Network, “izingelosi zidlula zonke izinkolo, wonke amafilosofi, zonke izivumo zokholo. Eqinisweni, izingelosi azinankolo ngendlela esazi ngayo.”
Nokho, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi izingelosi ezikholekile zinayo inkolo; zikhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, ongabekezeleli ukubangiswa abanye onkulunkulu. (Duteronomi 5:6, 7; IsAmbulo 7:11) Ngaleyo ndlela, ingelosi enjalo yazichaza kumphostoli uJohane ‘njengesigqila esikanye’ nalabo abalalela imiyalo kaNkulunkulu. (IsAmbulo 19:10) Akukho ndawo eBhayibhelini lapho sifunda khona ngezingelosi ezikholekile zisekela noma iluphi olunye uhlobo lokukhulekela. Zinikeza uJehova ukuzinikela okukhethekile.—Eksodusi 20:4, 5.
‘Uyise Wamanga’
Izehlakalo eziningi okuthiwa zihlangene nezingelosi zihilela ukukhuluma nabafile. “Ngaba nomuzwa wokuthi umalume wayethole indlela yokuthintana nami futhi angazise ukuthi ekugcineni wayejabulile,” kusho owesifazane obizwa ngokuthi u-Elise ngemva kokuthola lokho aba nomuzwa wokuthi kwakuyisibikezelo. Ngokufanayo uTerri ukhumbula umngane ayemthanda owashona. “Ngemva kwesonto kudlulé umngcwabo,” esho, “wafika kimi ngento engacabanga ukuthi iphupho. Wangitshela ukuthi akufanele ngidabuke ngokuhamba kwakhe, ngoba wayejabule futhi enokuthula.”
Kodwa iBhayibheli lithi abafile “abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Lithi futhi lapho umuntu efa, “ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (IHubo 146:4, omalukeke sizenzele.) Nokho, uSathane ‘unguyise wamanga.’ (Johane 8:44) Nguye owasungula amanga okuthi umphefumulo womuntu uyasinda ekufeni. (Qhathanisa noHezekeli 18:4.) Abantu abaningi namuhla bayakukholelwa lokhu, okuvumelana nenjongo kaSathane, ngoba kuphikisa isidingo sokuba nokholo ovukweni—imfundiso yobuKristu eyisisekelo. (Johane 5:28, 29) Ngakho, ukubuza kwabafile noma ukuthola izigijimi ezibonakala sengathi zivela kubo kusengesinye isici sesasasa lezingelosi elingamukeleki kuNkulunkulu.
Ukusondela Ezingelosini Noma Emademonini?
Ingxenye enkulu yesasasa lezingelosi elikhona manje ingene shí ekulumbeni. Cabangela okuhlangenwe nakho kukaMarcia. “Kusukela ku-September kuya ku-December 1986,” esho, “ngaqala ukuthola imiyalezo evela ‘ngalé kwezwe elivamile.’ Ngabona izithunzi futhi ngaba namaphupho ‘okuphila okudlule’ angakholeleki. Ngathintana nabangane asebashona futhi ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi okuphathelene nemimoya engathola kukho izinto eziphathelene nabantu engangisanda kuhlangana nabo. Futhi ngabusiswa ngesipho sokubhala okuzenzakalelayo futhi ngadlulisela imiyalezo evela emimoyeni. Abanye, engingakaze ngihlangane nabo bephila emhlabeni, babeyidlulisela ngami imiyalezo kwabanye.”
Ukusebenzisa ukubhula njengendlela ‘yokuxhumana’ nezingelosi akukhona okungavamile. Omunye umthombo ubakhuthaza ngokuqondile abafundi bawo ukuba basebenzise amatshe omlingo, amakhadi e-tarot, izinhlamvu zemali ze-I Ching, ukufunda intende yesandla, nokufunda izinkanyezi. “Vumela ingaphakathi lakho likuholele kumboni ofanele,” kubhala abalobi, “futhi themba ukuthi ingelosi iyohlangana nawe lapho.”
Nokho, ngokweBhayibheli, noma yini ‘ehlangana nawe lapho’ ngokuqinisekile ayiyona enye yezingelosi zikaNkulunkulu. Ngani? Ngoba ukubhula kuphambene kakhulu noNkulunkulu, futhi abakhulekeli beqiniso—ezulwini nasemhlabeni—abahlangani ngalutho nakho. Phela, kwa-Israyeli ukubhula kwakuyicala elinesijeziso sokufa! UMthetho wawuthi: “Yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 13:1-5; 18:10-12.
“Ingelosi Yokukhanya”
Akufanele kusimangaze ukuthi uDeveli angenza ukubhula kubonakale kunenzuzo, futhi kusekelwa izingelosi. IBhayibheli lithi uSathane “uqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Ukwazi ngisho nokusungula imihlola abese eyenza yenzeke ngempela, akhohlise ababukele ukuze bacabange ukuthi leso sibikezelo sivela kuNkulunkulu. (Qhathanisa noMathewu 7:21-23; 2 Thesalonika 2:9-12.) Kodwa yonke imisebenzi kaSathane—kungakhathaliseki ukuthi ingase ibonakale imihle noma imibi kangakanani—ifeza enye yalezi zinjongo ezimbili: ukwenza abantu bavukele uJehova noma ukumane nje aphuphuthekise izingqondo zabo ukuze “kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu.” (2 Korinte 4:3, 4) Ngokuvamile lendlela yamuva yokukhohlisa iyona ephumelela kakhulu.
Cabangela ukulandisa kweBhayibheli ngentombazane eyinceku ekhulwini lokuqala. Izibikezelo zayo zazilethela amakhosi ayo inzuzo enkulu. Yalandela abafundi izinsuku eziningi, ithi: “Lababantu bayizigqila zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.” Amazwi ayo ayeyiqiniso. Nokho, ukulandisa kusitshela ukuthi ‘yayinedemoni lokubhula,’ hhayi ingelosi. Ekugcineni, uPawulu “waphenduka wathi kulomoya: ‘Ngikuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuye.’ Futhi waphuma ngalo kanye lelohora.”—IzEnzo 16:16-18.
Kungani uPawulu awuxosha lomoya? Ingani wawungenisela amakhosi alentombazane enedemoni imali eningi. Ngamandla angaphezu kwavamile, lentombazane eyinceku kungenzeka yayitshela abalimi ukuthi batshale nini, izintombi ukuthi zishade nini, izisebenzi zasezimayini ukuthi zilifune kuphi igolide. Phela, lomoya washukumisela lentombazane ngisho nasekubeni ikhulume amazwi athile eqiniso, itusa abafundi obala!
Noma kunjalo, ‘wawuyidemoni lokubhula.’ Njengoba wawuyidemoni, wawungenalungelo lokumemezela ngoJehova nelungiselelo lakhe lensindiso. Inkulumo yawo etusayo, mhlawumbe eyayenziwa ukuze izibikezelo zalentombazane eyinceku zikholeleke, yayichezukisa ababukele kubalandeli bakaKristu beqiniso. Ngesizathu esihle, uPawulu waxwayisa abaseKorinte: “Anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni.” (1 Korinte 10:21) Akumangalisi ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala ashabalalisa zonke izincwadi zawo ezazihlangene nokubhula.—IzEnzo 19:19.
“Ingelosi Indiza Emkhathini”
Njengoba siye sabona, iBhayibheli lidalula ingxenye enkulu yesasasa lezingelosi elikhona manje njengehlangene kakhulu neSitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli. Ingabe lokhu kusho ukuthi izingelosi ezingcwele azihilelekile ezindabeni zabantu? Ngokuphambene, njengamanje zenza umsebenzi omkhulu emhlabeni. Uyini? Ukuze siphendule, kumelwe sibheke encwadini yeBhayibheli yesAmbulo. Kulencwadi kukhulunywa kaningi ngezingelosi kunakunoma iyiphi enye incwadi yeBhayibheli.
KusAmbulo 14:6, 7, sifunda ukulandisa komphostoli uJohane kombono ongokwesiprofetho awubona: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.’”
Lombhalo uqokomisa umsebenzi oyinhloko wezingelosi namuhla. Zihileleké esabelweni esiyinto eza kuqala—sokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. UJesu wathembisa abalandeli bakhe ngokuphathelene nalomsebenzi: “Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:18-20) Kungayiphi indlela uJesu enabalandeli bakhe? Enye indlela iwukuthi ubanikeza usizo lwezingelosi ukuze kufezwe lomsebenzi omkhulukazi.
OFakazi BakaJehova basebenzisa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane minyaka yonke beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngesikhathi benza lomsebenzi, babona ubufakazi bokuqondisa kwezingelosi. Enkonzweni yabo yendlu ngendlu, kukaningi behlangana nabantu abebesanda kuthandazela ukuba othile abasize baqonde izinjongo zikaNkulunkulu. Ukuqondisa kwezingelosi, kanye nokuthatha isinyathelo kuqala kwabo siqu oFakazi, kuye kwaphumela ekubeni amakhulu ezinkulungwane afinyelele olwazini ngoJehova unyaka ngamunye!
Ingabe uyayilalela ingelosi endiza emkhathini? Lapho oFakazi BakaJehova bekuvakashela, kungani ungaxoxi nabo ngokugcwele kakhudlwana ngalesi sigijimi sengelosi?
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama athi “uSathane” nelithi “uDeveli” asho ukuthi “umphikisi” nokuthi “umnyundeli.”
b Nakuba kukhulunywa ngoMikayeli noGabriyeli eBhayibhelini, amagama uRaphael no-Uriel atholakala ezincwadini ze-Apocrypha, ezingeyona ingxenye yohlu lwezincwadi zeBhayibheli.
c Phawula ukuthi umthandazo wenziwa ngoJesu, hhayi kuye. Umthandazo wenziwa egameni likaJesu ngoba igazi lakhe elachithwa lavula indlela yokusondela kuNkulunkulu.—Efesu 2:13-19; 3:12.
[Ibhokisi ekhasini 8]
ZINGOBANI IZINGELOSI?
NGOKUPHAMBENE nalokho abaningi abakukholelwayo, izingelosi aziyona imiphefumulo ephume kubantu asebashona. IBhayibheli likusho ngokucacile ukuthi abafileyo “abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Khona-ke, zavelaphi izingelosi? IBhayibheli libonisa ukuthi zadalwa uNkulunkulu ngazinye ngaphambi kokusekelwa komhlaba. (Jobe 38:4-7) Ubukhulu bomkhaya wasezulwini kaNkulunkulu bungase bube amakhulu ezigidi, mhlawumbe izinkulungwane zezigidi noma ngaphezulu! Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kwakhe.—Daniyeli 7:10; IsAmbulo 5:11; 12:7-9.
Njengoba uJehova enguNkulunkulu wokuhleleka, akumangalisi ukuthi umkhaya wakhe omkhulu wezingelosi uhlelekile.—1 Korinte 14:33.
• Ingelosi evelele, kokubili ngamandla nangegunya, yingelosi eyinhloko, uJesu Kristu, ebizwa nangokuthi uMikayeli. (1 Thesalonika 4:16; Jude 9) Ngaphansi kwegunya lakhe kunamaserafi, amakherubi, nezingelosi.
• Amaserafi angabalindi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngokusobala isabelo sawo sihilela ukumemezela ubungcwele bukaNkulunkulu nokugcina abantu bakhe behlanzekile.—Isaya 6:1-3, 6, 7.
• Amakherubi nawo abonakala elapho kukhona khona uJehova. Njengabathwali noma abaphelezeli besihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, asekela ubukhulu bukaJehova.—IHubo 80:1; 99:1; Hezekeli 10:1, 2.
• Izingelosi (okusho “izithunywa”) zingamanxusa nabameleli bakaJehova. Zifeza intando yaphezulu, kungakhathaliseki ukuthi ihilela ukukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu noma ukubhujiswa kwababi.—Genesise 19:1-26.
[Izithombe ekhasini 7]
Ingabe uyayilalela ingelosi endiza emkhathini?