Kuyophela Nini Ukwesaba?
INGABE bekuyokumangaza ukwazi ukuthi ukulondeka kwangempela kuhlangene nomuntu owayephila eminyakeni engu-2 000 edlule? Ebonisa isidingo sothando, uJesu Kristu walandisa umfanekiso ophawulekayo: “Umuntu othile wayehla evela eJerusalema eya eJeriko futhi wazithela phakathi kwabaphangi, labo kokubili abamhlubula futhi bamshaya amagalelo, bahamba, bamshiya kusele umndondo.” Nakuba abahambi ababili bengasinakanga lesi sisulu, umSamariya othile onomusa wabonisa isihe. Nokho, ubani onakekela izisulu zobugebengu namuhla? Ikuphi ukukhululeka ekwesabeni esingakulindela?—Luka 10:30-37.
Nakuba bethi bayakholelwa kuNkulunkulu, abaningi bacabanga ukuthi umthetho nokuhleleka kumelwe kuphoqelelwe umuntu. Kodwa ingabe izigwebo zejele eziqine kakhudlwana noma amaphoyisa engeziwe nakhokhelwa kangcono kuyobuqeda ubugebengu obunobudlova? Ingabe ukholelwa ngempela ukuthi izikhungo zokugcinwa komthetho, naphezu kwemizamo eqotho yokwenza kube nesilinganiso esithile sokulondeka, ziyoziqeda izinto ezinjengokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ubugebengu obuhleliwe, nobumpofu? Nokho, ukulambela nokomela kwethu ukulunga ngeke kube yize.—Mathewu 5:6.
IHubo 46:1 lithi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.” Sizobona ukuthi lamazwi awayona inkondlo emnandi nje kuphela.
Njengoba wazi, nsuku zonke imithombo yezindaba ibika ngokubulawa kwabantu okunonya ezimpini zombango nasekuhlaseleni kwabashokobezi. Kwezinye izingxenye zezwe, kuye kwaba into evamile ukuqothulwa kwezingane ezingafunwa muntu noma kofakazi bokuzibonela. Kungani ukuphila kuye kwaphelelwa ukubaluleka kangaka? Nakuba kungase kube nezimbangela ezihlukahlukene zobudlova obunjalo, kunesizathu esisodwa okungafanele singasinaki.
NgokweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Eqinisweni, uJesu Kristu wabonisa ukuthi uSathane uDeveli akayena umqambimanga nje kuphela kodwa futhi ‘ungumbulali wabantu.’ (Johane 8:44) Njengoba lesi sidalwa somoya esinamandla sithonya isintu ngezindlela ezihlukahlukene, sikhuthaza ukwanda kobudlova kwanamuhla. IsAmbulo 12:12 sithi: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” Nokho, ngokujabulisayo lesi simiso esibi siyothathelwa indawo “amazulu amasha nomhlaba omusha . . . , futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:13.
Ngaphezu kwaleli themba elimangalisayo lezwe elisha, yiluphi usizo esinalo manje?
Ngaphambi kokubheka impendulo eqondile yalokho, kuhle ukukhumbula ukuthi ngisho namaKristu angempela awanasiqinisekiso sokuthi ayovikelwa ebugebengwini. Umphostoli uPawulu wachaza ezinye zezingozi yena ngokwakhe abhekana nazo. Wayeke wangena “ezingozini emifuleni, ezingozini ezinswelaboyeni, ezingozini kwabohlanga [lwakubo] siqu, ezingozini ezizweni, ezingozini emzini, ezingozini ehlane, ezingozini olwandle.” (2 Korinte 11:26) Nokho uPawulu wasinda kulezi zingozi. Kungokufanayo nanamuhla; ngokuba abaqaphile, sisengaqhubeka sifeza imisebenzi yethu ngendlela evamile ngangokunokwenzeka. Ake sicabangele izinto ezithile eziyosiza.
Uma umuntu ehlala endaweni eyingozi, ukuziphatha kahle kungaba yisivikelo, njengoba abantu beqaphelisisana. Nakuba abaphangi behlela futhi benze ubugebengu, abaningi bazibheka njengabantu abavamile. Gwema ukugxeka lokho abakwenzayo, futhi ungazami ukuthola ukuthi yini abahileleke kuyo. Ngaleyo ndlela, unganciphisa ithuba lokuba isisulu sokuphindisela. Khumbula ukuthi amasela azama ukuthola ukuthi ubani othenge into entsha noma obani abazovakasha futhi ngenxa yalokho abazobe bengekho emakhaya, ngakho yiba nokuqonda ngokuphathelene nalokho okwambulela abanye.
Iningi loFakazi BakaJehova liye lathola ukuthi idumela labo lokuba izikhonzi liye labanikeza isilinganiso esiphawulekayo sokuvikeleka. Ngokuvamile izigebengu ziye zabonisa ukuthi ziyawahlonipha amaKristu anjalo, lawo azidelayo ukuze asize abantu emphakathini ngokungakhethi. OFakazi ababona ababulali noma amasela, ababona futhi ‘ogaxekile ezindabeni zabanye abantu,’ ngalokho abalona usongo.—1 Petru 4:15.
Ukulondeka Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
Siyadabuka ngenxa “yokwanda kokungabi namthetho” okwabikezelwa uJesu Kristu, kodwa kunokuba sikhathazeke ngokweqile, singaqiniseka ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzosibhubhisa lesi simiso esibi. Ngaphandle kokubikezela ukushunyayelwa ‘kwalezizindaba ezinhle zombuso’ emhlabeni wonke, uJesu wakhumbuza abalandeli bakhe: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 24:12-14.
Singaqiniseka ukuthi labo abaphanga abanye, ngezinye izikhathi ngonya olungakholeleki, bayosuswa. IzAga 22:22, 23 zithi: “Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni, ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.” UJehova uyobasusa abenzi bobubi, njengabaphangi, ababulali, nabaphendukezeli bobulili. Ngaphezu kwalokho, ngeke angazinaki izisulu zobugebengu obunjalo. Uyobuyisela okubalahlekele futhi abuyisele impilo yabo ngokugcwele.
Ngempela, labo ‘abadedayo kokubi, benze okuhle’ bayozuza ukuphila okumi phakade ngokusinda osizini olukhulu oluzayo noma ngokuvuswa kwabafileyo. “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:27-29) Izinzuzo ezinjalo ziyotholakala ngenxa yomhlatshelo wesihlengo sikaJesu. (Johane 3:16) Kodwa kuyoba njani ukuphila ePharadesi elibuyiselwe?
Ukuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu kuyojabulisa ngempela. UJehova uyabikezela: “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” (Isaya 32:18) Bonke abazuza ukuphila okumi phakade bayobe belungise ubuntu babo. Akekho oyobe emubi noma engenakho ukulunga, futhi akekho oyoba isisulu somuntu onjalo. Umprofethi uMika uthi: “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa.” (Mika 4:4; Hezekeli 34:28) Yeka ukuthi lokhu kuyobe kuhluke kanjani ezindaweni eziyingozi zanamuhla!
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6]
QAPHELA
Izigebengu eziningi zisebenza isikhathi esigcwele, zenza ubugebengu bube umsebenzi. Zingase zisebenze ngamaqembu ababili noma abathathu, ngisho noma kungoyedwa kuphela okukhomba ngesibhamu. Kuya kuba sobala nakakhulu ukuthi lapho isigebengu singumuntu osemusha, siyingozi kakhulu. Yini ongayenza uma uba isisulu?
Zola ukuze ungenzi isela lethuke—ukungabi kwalo nokuhlangenwe nakho kungakubulala. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, zichaze ukuthi unguye. Nokho, kulungele ukunikeza isela lokho elikufunayo. Uma wephuza, ingozi iyakhula. Kamuva, ungase ube nomuzwa wokuthi kuphephile ukucela ukuba libuyise umazisi noma imali yokugibela.
Ngokuvamile awunakusho ukuthi ubani oyisigebengu. Amanye amasela ayimilutha yezidakamizwa noma izigebengu ezingochwepheshe, amanye amane nje afuna ukudla. Noma ngabe yikuphi, ungaphathi imali eningi. Gwema ukuveza obala izinto eziyigugu, izindandatho zegolide, noma amawashi abizayo. Hamba ngendlela evamile, ungabonisi kwesaba. Ungagqolozeli abantu ngabanye njengokungathi uyabasola. Endabeni yokudubula kwasemgwaqweni, ziphonse phansi; izingubo zingase zihlanzwe kamuva.—Owayeyiphoyisa eRio de Janeiro.
[Isithombe ekhasini 5]
Zola futhi unikeze isigebengu lokho esikufunayo. Uma wephuza, ingozi iyakhula