Imibuzo Evela Kubafundi
Eyoku-1 Johane 4:18 iyasitshela: “Akukho ukwesaba othandweni, kodwa uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle.” Kodwa uPetru wabhala: “Yibani nothando ngayo yonke inhlangano yabafowethu, mesabeni uNkulunkulu.” (1 Petru 2:17) Singawavumelanisa kanjani lamavesi amabili?
Bobabili uPetru noJohane babengabaphostoli ababefundiswe uJesu Kristu ngokuqondile. Ngakho singaqiniseka ukuthi lokho abakubhala kuyavumelana. Ngokuphathelene namavesi acashunwe ngenhla, isihluthulelo siwukuthi laba baphostoli ababili babekhuluma ngezinhlobo ezingafani zokwesaba.
Ake sihlole iseluleko sikaPetru kuqala. Njengoba umongo ubonisa, uPetru wayenikeza amaKristu ayekanye nawo iseluleko esiphefumulelwe ngesimo sawo sengqondo kulabo ababesegunyeni. Ngamanye amazwi, wayekhulumela umbono ofanele wokuzithoba ezindaweni ezithile. Ngaleyo ndlela, watshela amaKristu ukuba azithobe kubantu ababesezikhundleni zamagunya kohulumeni babantu, njengamakhosi noma ababusi. (1 Petru 2:13, 14) Eqhubeka, uPetru wabhala: “Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo, yibani nothando ngayo yonke inhlangano yabafowethu, mesabeni uNkulunkulu, bonisani udumo ngenkosi.”—1 Petru 2:17.
Uma kucatshangelwa lomongo, kuyacaca ukuthi lapho uPetru ethi amaKristu kufanele ‘esabe uNkulunkulu,’ wayesho ukuthi kufanele sibe nenhlonipho ejulile ngoNkulunkulu, ukwesaba ukudumaza igunya eliphakeme kunawo wonke.—Qhathanisa namaHeberu 11:7.
Kuthiwani ngamazwi omphostoli uJohane? Ngaphambili kweyoku-1 Johane isahluko 4, lomphostoli wasingatha isidingo sokuhlola “izinkulumo eziphefumulelwe” njengalezo ezishiwo abaprofethi bamanga. Ngokuqinisekile lezo zinkulumo azisuki kuJehova uNkulunkulu; zivela noma zibonakala zivela ezweni elibi.
Ngokuphambene, amaKristu agcotshiwe ‘asuka kuNkulunkulu.’ (1 Johane 4:1-6) Ngenxa yalokho, uJohane wanxusa: “Bathandekayo, masiqhubekeni sithandana, ngoba uthando luvela kuNkulunkulu.” UNkulunkulu wathatha isinyathelo kuqala ekuboniseni uthando—“wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 4:7-10) Kufanele sisabele kanjani?
Ngokucacile, kufanele sihlale sinobunye noNkulunkulu wethu onothando. Akufanele sivevezele noma sithuthumele uma sicabanga ngokusondela kuye ngomthandazo. Ngaphambili uJohane weluleka: “Uma izinhliziyo zethu zingasilahli, kuNkulunkulu sinenkululeko yokukhuluma; futhi noma yini esiyicelayo siyayamukela kuye, ngoba sigcina imiyalo yakhe.” (1 Johane 3:21, 22) Yebo, unembeza omuhle usinikeza inkululeko yokusondela kuNkulunkulu singenakho ukwesaba okukhwantabalisayo noma okuvimbelayo. Ngenxa yothando, sizizwa sikhululekile ukukhuluma noJehova, noma ukusondela kuye ngomthandazo. Ngokuphathelene nalokhu, “akukho ukwesaba othandweni.”
Khona-ke, ake sihlanganise lemibono emibili. UmKristu kumelwe ngaso sonke isikhathi abe nokwesaba okunenhlonipho ngoJehova, okusekelwe ekuhlonipheni ngokujulile isikhundla sakhe, amandla, nobulungisa. Kodwa siyamthanda futhi uNkulunkulu njengoBaba wethu futhi sizizwa sisondelene naye futhi sikhululekile ukusondela kuye. Kunokuba sivinjelwe yinoma ikuphi ukumesaba, siyethemba ukuthi singasondela kuye, njengengane ezizwa ikhululekile ukusondela kumzali onothando.—Jakobe 4:8.