Ukumpompela Igazi Kucatshangelwa Kabusha
KULENKATHI yefu elimnyama yengculaza, usongo olukhulu kunazo zonke empilweni yesiguli esisesibhedlela lungase lube segumbini lokuhlinza. “Ayikho indlela yokwenza igazi libe elingenamagciwane ngokuphelele,” kusho uDkt. Richard Spence, oye waqondisa i-Center for Bloodless Surgery iminyaka engaphezu kweyishumi edlule, eCooper Hospital-University Medical Center eCamden, eNew Jersey, e-U.S.A.
Akumangalisi ukuthi lesi sikhungo selapha oFakazi BakaJehova abaningi, abakunqaba kwabo ukumpontshelwa igazi okusekelwe eBhayibhelini kwaziwa kakhulu. (Levitikusi 17:11; IzEnzo 15:28, 29) Nokho, iziguli eziningi ezingebona oFakazi nazo ziyeza kulesi sikhungo zikhathazeke ngezingozi ezingaba khona zokumpontshelwa igazi, ezihlanganisa ukungenwa isifo sokusha kwesibindi, ingculaza, nezinye izifo. “Ukuvela kwengculaza kuye kwabonisa isidingo sokuhlola igazi,” kuphawula i-Courier-Post Weekly Report on Science and Medicine. “Kodwa ezinye izinto zingase ziphunyuke zidlule enqubweni yokuhlola ngoba umuntu angaba naleli gciwane ngaphambi kokuba libonakale ekuhlolweni.”
Ngenxa yezingozi ezinjalo, i-Center for Bloodless Surgery isebenzisa izindlela ezihlukile kunokumpompela igazi, kuhlanganise nokubuyiselwa kwegazi lesiguli uqobo—okuyindlela abanye oFakazi abangenakuyenqaba ngaphansi kwezimo ezithile.a Enye indlela yokwelapha ihilela ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezakha igazi lesiguli. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi kusetshenziswa imikhiqizo yamakhemikhali ethatha indawo yegazi ukuze isekele ukufakwa komoya-mpilo egazini ngaphandle kwesidingo segazi elimpontshelwe. “OFakazi BakaJehova bafuna ukunakekelwa kwempilo okungcono kakhulu,” kusho uDkt. Spence, “kodwa bafuna izindlela ezihlukile kunokumpompela igazi.”
OFakazi BakaJehova bayabonga ngokubambisana nangosizo abaluthola kodokotela abahlonipha izinkolelo zabo ezingokwenkolo. Ngenxa yalokho, baye bakuthola ngempela “ukunakekelwa kwempilo okungcono kakhulu” futhi baye balondoloza unembeza ohlanzekile phambi kukaJehova uNkulunkulu.—2 Thimothewu 1:3.
[Umbhalo waphansi]
a Ingxoxo eningiliziwe yalenqubo nezici ezihilelekile ekwenzeni isinqumo somuntu siqu, esivunyelwa unembeza itholakala ku-Nqabayokulinda ka-March 1, 1989, amakhasi 30-1.