Ukugibela Intaba Ephakeme Kunezintaba ZaseHimalaya
IZINTABA zaseHimalaya! Akukhumbuzani lawomazwi? Ingabe akukhumbuza iziqongo zezintaba ezisabekayo, ezineqhwa nezivunguvungu ezinamandla? Ingabe akukhumbuza injabulo yokunqoba, njengoba umi esiqongweni sentaba ephakeme kunazo zonke emhlabeni? Ngabaningi bethu, ukugibela iMount Everest, ezintabeni zaseHimalaya eNepal, akunakwenzeka. Nokho, namuhla, abantu abaningi eNepal bagibela intaba ephakeme kunezintaba zaseHimalaya! Ngaphambi kokuba sihlole loluhambo oluya entabeni ephakeme, ake sibheke iZwe laseNepal elihle elincane.
INepal—IZwe Lezintaba
IZwe laseNepal alivamile ngenxa yokuthi lingelinye lamazwe ambalwa kwasekhona emhlabeni asabuswa inkosi nangenxa yokuthi alilona izwe eligxile ezindabeni zezwe, kodwa ligxile kwezenkolo. INepal iwukuphela kwezwe lamaHindu emhlabeni. Iningi labantu bakhona abayizigidi ezingu-20 amaHindu. Nokho, abantu bakhona bangabezinhlanga eziningi ezihlukahlukene. Labo abahlala esifundeni esingasenyakatho esinezintaba eziningi badabuka ngokuyinhloko kubantu abakhuluma isiTibet-Burma, kuyilapho abantu abasemathafeni angaseningizimu, ngezinga elikhulu bengabesizinda sama-Indo-Aryan. IsiNepali siwulimi olungokomthetho lwalelozwe nolukhulunywa amaphesenti angaba ngu-60 abantu bakhona. Abanye bakhuluma izilimi zezinhlanga ezingaphezu kuka-18.
INepal imise okukanxande, ingamakhilomitha angu-880 ukusuka empumalanga kuya entshonalanga namakhilomitha angu-200 ukusuka enyakatho kuya eningizimu. Izintaba zaseHimalaya ezisabekayo, ezakha umngcele ongasenyakatho, zihlanganisa iMount Everest, isiqongo esiphakeme kunazo zonke emhlabeni ngamamitha angu-8 848, nezinye iziqongo ezingu-8 eziphakeme ngamamitha angaphezu kuka-8 000. Maphakathi neNepal kunezintaba ezincane namachibi nezigodi. Ukuya ngaseningizimu, emngceleni waseNdiya, kuneTarai evundile, isifunda esiyinhloko sezokulima.
IKathmandu, inhlokodolobha, esesifundeni esimaphakathi, ngempela iyindawo ejabulisayo kubantu abayizihambi ezibuka amazwe. Inelungiselelo lezindiza ezindiza ngaphezu kwezintaba ezinhle, uhambo oluya eziqiwini zezilwane zasendle, nasezindaweni eziningi zokubukwa ezikulendawo. Ngezinye izikhathi iNepal ibizwa ngokuthi isigodi sawonkulunkulu ngenxa yokuthi inkolo inendima enkulu ekuphileni kwabantu bakulendawo. Inkolo ingesinye futhi isizathu sokuba izigidi emhlabeni wonke zigibele ‘intaba’ ephakeme kunezintaba zaseHimalaya.
Eminyakeni engaba ngu-2 700 edlule, umprofethi ongumHeberu u-Isaya waphefumulelwa ukuba abikezele ukuthi “ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova [iyoqiniswa] esiqongweni sezintaba . . . Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova . . . Uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” (Isaya 2:2, 3) Lapha, ukukhulekelwa okuphakeme okumsulwa kukaJehova, uMdali noMbusi Ophakeme wembulunga yonke, kufaniswa nentaba, ephakanyiswe ngaphezu kwazo zonke ezinye izinhlobo zokukhulekela ezinjengentaba. Kuyindaba yomsebenzi wokufundisa womhlaba wonke esiza abantu abalambele iqiniso ukuba bafunde ngezindlela zikaJehova. Waqala kanjani lomsebenzi eNepal?
Iziqalo Ezincane
Isosha elithile eMbuthweni Wezempi WaseBrithani ngeMpi Yezwe II lalifuna inkolo yeqiniso. Abazali balo baseNepal abangamaHindu babephendukele enkolweni yamaKatolika. Njengoba likhula, labona ubuwula bokukhonza izithombe, lalahla izimfundiso ezinjengeyesihogo somlilo, futhi laqala ukuhlola izinkolelo zamasonto amaProthestani. Kodwa alizange laneliseke.
Njengoba lalivalelwe amaJapane ejele ezweni okwakuthiwa iRangoon, eBurma, lelisosha lathandazela ukuba lisinde ekamu okusetshenzwa kanzima kulo ukuze liqhubeke lifuna ukukhulekela kweqiniso. Kamuva, lakwazi ukubalekela abathumbi balo futhi lasizwa uthisha wesikole elathola emzini wakhe incwajana ethi Where Are the Dead?, eyabhalwa uJ. F. Rutherford. Libona iqiniso, lavuma ngentshiseko ukufunda lapho oFakazi BakaJehova belivakashele eRangoon ngo-1947. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, labhapathizwa, ngokushesha kwalandela umkalo osemusha. Banquma ukuphindela eNdiya, bazinze ezweni lakubo lendabuko iKalimpong, ezintabeni ezisenyakatho-mpumalanga. Yilapha lapho izingane zabo ezimbili zazalelwa futhi zafunda khona. Ngo-March 1970, bathuthela eKathmandu.
UMthetho-sisekelo waseNepal wawukwenqabela ukuphendulela abanye kwenye inkolo. Noma ubani owayetholakala esakaza lokho okuthiwa inkolo engaziwa wayengaboshwa iminyaka efinyelela kwengu-7, futhi umuntu owayezihlanganisa nenkolo enjalo wayengagwetshwa iminyaka emithathu ejele kanye nenhlawulo enkulu. Ngakho ukufakaza kwakufanele kwenziwe ngokuqapha. Inkonzo yendlu ngendlu yayisho ukuhambela ikhaya elithile, bese kuyiwa kwenye indawo futhi senze ukuhambela khona. Ngokuqondakalayo, ukufakaza ngokwethukela kwakunendima enkulu ekusakazeni izindaba ezinhle.
Imiphumela yayiza kancane. Ngenxa yenani labantu elicishe libe izigidi eziyishumi, lensimu yayibonakala iqeda amandla. Imbewu yeqiniso yatshalwa njengoba lomkhaya ongawodwa wawufakaza kubangane, labo owawujwayelene nabo, abaqashi, nabantu owawusebenza nabo. Wawuba nemihlangano yasikhathi sonke emzini wawo futhi umema abathakazelayo ukuba nabo babe khona. Ekugcineni, ngo-March 1974, ngemva kweminyaka emine yokutshala nokunisela ngokuphikelelayo, kwavela isithelo sokuqala eNepal—futhi sasivela emthonjeni owawungacatshangwa!
Lapho ehambela umuzi othile, ummemezeli othile wakhuluma nendoda ecebile eyayingunobhala welungu lomkhaya wasebukhosini. “Khuluma nendodana yami,” kusho lendoda. Lendodana yasamukela isifundo seBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi yashintsha umsebenzi eyayiwenza, njengoba yayisebenza e-casino yokugembula. Uyise, umHindu oshisekayo, wayiphikisa. Noma kunjalo, lensizwa yammelela uJehova. Waba yini umphumela? Kamuva uyise wayeka ukuyiphikisa, futhi iqembu lezihlobo eziseduze lamukela iqiniso leBhayibheli. Lensizwa manje isikhonza njengomdala ebandleni lobuKristu.
Ukuze lihlale liqinile ngokomoya futhi lilalela umyalo ongokomBhalo wokungakuyeki ukubuthana kwalo ndawonye, iqembu elincane laseKathmandu laliba nemihlangano yasikhathi sonke emzini othile. Kodwa ngokwezinga elikhulu, abazalwane babephuthelwa imibuthano emikhulu. Labo ababekwazi ukwenza kanjalo babeya eNdiya uma kunomhlangano—okuwuhambo olude nolubizayo olunqamula ezintabeni zokhahlamba.
Yeka ukuthi kwaba isenzakalo esijabulisa kanjani lapho sonke isimiso somhlangano wesigodi siqhutshwa kulowomuzi ababeqhubela kuwo imihlangano! Cabanga ngabazalwane abane, kuhlanganise nelungu legatsha laseNdiya, besingatha sonke isimiso! Ngisho nedrama yeBhayibheli yadlalwa. Kanjani? Kwathathwa izithombe zama-slide esiteji esilungiselelwe umdlalo kusengaphambili eNdiya. ENepal, lama-slide adlalwa esihenqweni, ehambisana nekhasethi eliqoshiwe. Izilaleli zayijabulela. Zaziziningi kangakanani izilaleli? Abantu abangu-18!
Usizo oluvela emazweni angaphandle ngokuqondene nomsebenzi wokushumayela lwaluluncane. Umsebenzi wezithunywa zevangeli wawungenakucatshangwa, futhi kwakungelula ngabantu bakwamanye amazwe ukuba bathole umsebenzi wokuziphilisa. Nokho, oFakazi ababili abangamaNdiya bawuthola umsebenzi eNepal ngezikhathi ezihlukene, bahlala iminyaka eminingana eKathmandu futhi basiza ekwakheni ibandla elalisanda kumiswa. Ngo-1976 kwakunabamemezeli boMbuso abangu-17 eKathmandu. Ngo-1985 abazalwane bakha elabo iHholo LoMbuso. Lapho seliphelile, imihlangano yesigodi yaminyaka yonke, kanye neminye imihlangano, yaqala ukuqhutshelwa khona njalo. Ngempela lelihholo laliyisikhungo sokukhulekela kweqiniso kuleyonsimu ekude, esezintabeni.
Ukwanda Naphezu Kobunzima
Kuleyominyaka yokuqala, umsebenzi wokushumayela, owawenziwa ngokuqapha okukhulu, awuzange ukudonse ukunaka kweziphathimandla. Nokho, ngasekupheleni kuka-1984 ukuvinjelwa kwaqala. Umzalwane othile nodade abathathu baboshwa futhi bagcinwa esitokisini izinsuku ezine ngaphambi kokuba bakhululwe ngemva kokuba bexwayiswe ukuba bangaqhubeki nemisebenzi yabo. Komunye umuzana, kwaboshwa abantu abangu-9 beqhuba izifundo zeBhayibheli emizini yabo. Abayisithupha bavalelwa ejele izinsuku ezingu-43. Okunye ukuboshwa okuningana kwalandela, kodwa akukho sinyathelo esingokomthetho esathathwa.
Muva nje ngo-1989, bonke abazalwane nodade kwesinye iSifundo Sencwadi Sebandla baboshwa, bavalelwa izinsuku ezintathu, base bekhululwa. Ngezinye izikhathi babecelwa ukuba basayine incwadi ethi babengasenakushumayela. Benqaba. Abanye babekhululwa kuphela ngemva kokusayina incwadi yokuthi babezimisele ukubhekana nemiphumela uma bephinda betholakala beshumayela.
Naphezu kobunzima obunjalo, laba bazalwane baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko. Ngokwesibonelo, ngo-1985, unyaka owalandela ukungenela kukahulumeni, kwakunokwanda kwamaphesenti angu-21 enanini labashumayelayo. Abamemezeli abangu-35 benza isilinganiso samahora angu-20 ngenyanga bekhuluma nabanye ngokukhulekela okumsulwa.
Njengoba isikhathi siqhubeka, kwaqala ukuba khona kwezinguquko zezombangazwe eNepal. Izikhulu zikahulumeni zaqala ukuqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova babengelona usongo. Eqinisweni, umsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli wawubé nethonya elihle, elakhayo kubantu, ubenza babe izakhamuzi ezingcono. Izikhulu zabona ukuthi ukwethembeka, ukuzikhandla, nokuziphatha okuqondile kwakugcizelelwa njengezimfuneko eziyisisekelo kubakhulekeli bakaJehova.
Kwanikezwa ubufakazi obuhle lapho owesifazane owayengumHindu oshisekayo eba uFakazi futhi enqaba ukwamukela ukumpontshelwa igazi. Odokotela bamangala ngokuma kwakhe okuqinile, okusekelwe olwazini. Lona wesifazane wasizwa ukuba athole iqiniso ngosizo lwencwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! Naphezu kokuphikisa nokubhuqa komkhaya wakhe, wabhapathizwa ngo-1990 njengoba ayesondela eminyakeni engu-70 ubudala. Kamuva waphuka umlenze, futhi njengoba ayehlushwa nangokunye ukugula, kwadingeka abhekane nokuhlinzwa okukhulu. Amasonto amabili wamelana nokucindezela kodokotela nezihlobo kokuba amukele igazi. Ekugcineni, iqembu elihlinzayo lahlinza ngokuphumelelayo ngaphandle kwegazi. Nakuba manje engasakwazi ukuhamba kahle, lodade othembekile uhlala esangweni lakwakhe njalo ekuseni futhi ameme abadlulayo ukuba bahlale naye futhi bezwe izindaba ezinhle ezijabulisayo.
INepal Namuhla
Kunjani eNepal namuhla? OFakazi BakaJehova bajabulela inkululeko enkulu yokukhulekela njengabafowabo emhlabeni wonke. Kusukela esikhathini lapho oyedwa noma ababili abagibeli bezintaba abangokomfanekiso beqala ukuzihlanganisa nalabo abagibela intaba yokukhulekela kweqiniso, inani labantu elandayo liye lathi, “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova.” Ngo-1989 kwakunesilinganiso sabangu-43 ababehlanganyela emsebenzini wokushumayela inyanga ngayinye, futhi abangu-204 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngalowonyaka.
Khona-ke, njengoba kwathenjiswa, uJehova waqala ukusheshisa ukubuthelwa kwabafuni beqiniso endlini yakhe. (Isaya 60:22) Muva nje kuye kwamiswa ibandla lesibili eKathmandu, futhi manje kunamaqembu amabili angawodwa ngaphandle kwenhlokodolobha. Ngo-April 1994, amaKristu angu-153 abika umsebenzi wokushumayela—ukwanda ngamaphesenti angu-350 esikhathini esingaphansi kweminyaka emihlanu! Baqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-386 nabantu abathakazelayo. ESikhumbuzweni ngo-1994, kwakunenani elihle labangu-580 ababekhona. Ngosuku lomhlangano okhethekile, abangu-635 bagcwala ehholo, futhi abangu-20 babhapathizwa. Ngakho ukwanda okukhulu okujatshulelwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kuyenzeka naseNepal encane.
Eminyakeni yamuva inani lezincwadi ezikhiqizwa ngolimi lwesiNepali liye landa kakhulu, lisiza abathobekile ukuba babambisise iqiniso. Abahumushi abaqeqeshwe ehhovisi legatsha laseNdiya ngezindlela zokuhumusha nokusetshenziswa kwe-computer manje bakhonza isikhathi esigcwele eKathmandu. Behlonyiselwe ukwanda, abagibeli bezintaba abangokwasezulwini eNepal bayathuthuka!
Gibela Ufinyelele Ngaphezu Kwezintaba ZaseHimalaya
Nawe ungakujabulela ukugibela intaba ephakeme kunezintaba zaseHimalaya. Ngokwenza kanjalo, uyobe ungazihlanganisi nalabo abahlala eNepal nje kuphela kodwa nezigidi ‘eziphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.’ (IsAmbulo 7:9) Kanye nalezo zigidi, uyojabulela ukufundiswa uMdali wezintaba ezinhle ezinjengalezo eziseNepal. Uyobona lapho uMdali ‘eqondisa izindaba,’ futhi uyokwazi ukubheka phambili ekuphileni phakade emhlabeni ohlanzekile nomuhle.—Isaya 2:4, NW.
[Ibalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Kathmandu
Mount Everest
[Isithombe ekhasini 25]
Ngaphandle kweHholo LoMbuso eKathmandu
[Isithombe ekhasini 26]
Abantu abaningi baseNepal bayazuza ezifundweni zeBhayibheli