Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 5/15 kk. 8-9
  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—ISweden

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—ISweden
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwanda Kudinga Ukwakha
  • Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1995 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
  • Sisendleleni Eya Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 5/15 kk. 8-9

OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—ISweden

ISWEDEN ingasempumalanga yenhlonhlo yaseScandinavia futhi yeqela ngalé kwe-Arctic Circle. Njengoba idunyiswa emhlabeni wonke ngesembozo sayo esivundile samahlathi ahlala eluhlaza kanye namachibi ayo nezintaba, iSweden ingelinye lamazwe anabantu abambalwa kakhulu eYurophu. Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova baye baphumelela ekufuneni abathandi beqiniso lapho, kusukela ngasekupheleni kwawo-1800. Cabangela isibonelo samuva.

Owesifazane othile wayefunda iBhayibheli noFakazi, kodwa umyeni wakhe akazange akuthande lokhu. Watshela umkakhe ukuba ayeke ukufunda, futhi wayeka. Lendoda yayisebenza enqolobaneni yemikhiqizo yotshwala. Ngolunye usuku umshayeli othile weloli wafika nomzukulu wakhe oneminyaka eyishumi ubudala kulenqolobane. Umkhulu wacela lendoda ukuba ibheke lomfana lapho yena esalayisha iloli lakhe. Ukuze nje iqale ingxoxo, lendoda yabuza lomfana ukuthi iziphi izipho azithole lapho kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa lwamuva nje. Okwamangaza lendoda ukuthi lomfana wayitshela ukuthi yena nomkhaya wakubo babengazigubhi izinsuku zokuzalwa ngenxa yokuthi babengoFakazi BakaJehova. Lomfana wabuye wayitshela ukuthi wayethola izipho ngezinye izikhathi zonyaka futhi wayengalahlekelwa yilutho, njengoba ayenomkhaya ofudumele ngempela nonothando. Azikho izipho ezazidlula lokho, enezela.

Lomfana waphindela lapho nomkhulu wakhe izikhathi eziningana. Isikhathi ngasinye, lendoda yayibuza lomfana imibuzo eminingi, futhi yahlabeka umxhwele ngokujulile ngendlela lomfana ayenikeza ngayo izimpendulo zokwethembeka, eziqondile ngaphandle kokungabaza. Yashukunyiswa nawukwazisa kwalomfana izindinganiso zeqiniso. Ngobunye ubusuku ngemva kokuba lendoda ibukele uhlelo lwethelevishini olwalubonisa izimo zosizi ezweni, yaqaphela ukuthi kwakumelwe ihlole izinto ezingokomoya ngokungathi sína ngokwengeziwe. Yashayela uFakazi owayekade efunda nomkayo ucingo futhi yamcela ukuba aphinde abuye. Ngokushesha, lendoda yayisiqhutshelwa isifundo uFakazi othile, futhi yathuthuka ngokushesha. Yabhapathizwa ngo-April 10, 1994. Umkayo manje naye usebhapathiziwe.

Ukwanda Kudinga Ukwakha

ISweden iyikhaya lababaleki abaningi abavela kwamanye amazwe, futhi oFakazi baseSweden baye baphumelela kakhulu ekushumayeleni kubo. Ngokuvamile umsebenzi wokushumayela uye waphumelela kangangokuthi kuye kwadingeka amaHholo OMbuso amasha ukuze kuhlangatshezwane nokwanda. Kusukela ngo-1986 kuya ku-1993, kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-37 ngendlela yokwakha esheshayo, kuyilapho amahholo angu-8 akhuliswa futhi alungiswa kabusha. Ngo-1994 kuphela, kwakhiwe amaHholo OMbuso angu-7, futhi amathathu alungiswa kabusha.

Okwamanje, kunamabandla angu-65 alindele usizo lokwakha iHholo LoMbuso elisha noma akhulise noma alungise kabusha lelo asenalo kakade. Izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-2 500 zisiza ezakhiweni ezinjalo, futhi amabandla alwazisa kakhulu usizo lwazo lothando.

Ingxenye engasenyakatho yeSweden, eyeqela ngalé kwe-Arctic Circle, ngezinye izikhathi ibizwa ngokuthi izwe lelanga elikhanya phakathi kwamabili. Lokhu kunjalo ngenxa yokuthi phakathi nengxenye yehlobo ilanga alishoni lapho. Nokho, kulo lonke elaseSweden, ukukhanya kweqiniso nakho kuyaqhubeka kukhanya kakhulu. Ngesibusiso sikaJehova, lokhokukhanya okungokomoya akusoze kwafiphala kodwa kuyoqhubeka kukhanya kakhulu ngokwengeziwe.

[Ibhokisi ekhasini 8]

UMBIKO WEZWE

Unyaka Wenkonzo Ka-1994

INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 24 246

ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-362

INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 40 372

ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 2 509

ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 11 306

INANI LABABHAPATHIZWA: 850

INANI LAMABANDLA: 358

IHHOVISI LEGATSHA: I-ARBOGA

[Isithombe ekhasini 9]

Ihhovisi legatsha neKhaya LaseBethel e-Arboga

[Isithombe ekhasini 9]

OFakazi bokuqala eHjo babesebenzisa lelibhasi elincane ukuze bahlanganise insimu engamakhilomitha-skwele angu-5 000

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela