Umhlangano Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo”—Ingabe Uyoba Khona?
INJABULO! Ingabe lelogama lizwakala lingavamile kulesisikhathi esigcwele izinkinga? Ngokuqinisekile amaphephandaba awanikezi izizathu eziningi zokujabula. Impi yezinhlanga, indlala esakazekile, ukuntuleka kwemisebenzi, ukungcola okuyingozi, ukungasimami kwezombangazwe, ubugebengu—lezi akuzona izinto ezijabulisa inhliziyo, akunjalo?
Iningi labantu namuhla libamba noma iyiphi intokozo elingase likwazi ukuyibamba ekuphileni. Kodwa kuthiwani ngenjabulo? Injabulo iye yachazwa ngokuthi “isimo sokwenama; ukwethaba.” Ababaningi abaye baba nenjabulo yangempela, futhi lapho beba nayo, ngokuvamile ingeyesikhashana.
Nokho, libheke phambili osukwini lwethu, iBhayibheli labikezela: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza. Bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo.’ (Isaya 65:13, 14) Kungenzeka kanjani lokho?
Ukuze uthole impendulo, sikumema ukuba ube khona komunye wemihlangano yesigodi yoFakazi BakaJehova ezoqhutshwa ngo-1995. Isihloko salemihlangano sithi “Abadumisi Abajabulayo,” futhi kungenwa mahhala. Isimiso somhlangano wezinsuku ezintathu siyobe sinezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini, imiboniso, izingxoxo, nokwengeziwe. Phakathi naso sonke isimiso, kuyoqokonyiswa isihloko senjabulo.
Lemihlangano iqala e-United States ngo-June futhi iyoqhubeka kuwo wonke amadolobha emhlabeni wonke kuze kube sekuqaleni kuka-1996. Ngokunokwenzeka, uyoba khona oseduze nalapho uhlala khona. Kungani ungabuzi oFakazi BakaJehova abahlala endaweni yakini? Sikumema ngokufudumele ukuba ube khona.