Ngokushesha, Akekho Oyoba Mpofu!
“NINGESABI, ngoba, bhekani! ngimemezela kini izindaba ezinhle zenjabulo enkulu bonke abantu abazoba nayo.” (Luka 2:10) Lamazwi aqinisa idolo azwiwa abelusi ababemangele eduze kweBetlehema ngobusuku uJesu azalwa ngabo. Ngokuvumelana nalesosimemezelo, uJesu wazigcizelela kakhulu “izindaba ezinhle” phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. Namuhla, lapho sithembele kakhulu kangaka emalini ukuze sinakekele izidingo zethu, izindaba ezinhle ngoJesu zingasizuzisa kanjani?
UJesu Kristu wamemezela “izindaba ezinhle kwabampofu.” (Luka 4:18) NgokukaMathewu 9:35, “UJesu wathatha uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana, efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso.” Isigijimi sakhe sasikhuthaza ngokukhethekile kwababekhungethwe ubumpofu. “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Yiqiniso, uJesu wathi, “Abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi,” kodwa lamazwi akufanele asenze siphethe ngokuthi alikho ithemba ngabaswele. (Johane 12:8) Uma nje lesisimiso esibi sisekhona, basazoba khona abantu abampofu, kungakhathaliseki ukuthi yini ebangela usizi lwabo. IZwi likaNkulunkulu alilishayi indiva iqiniso lobumpofu, kodwa aligxili ezicini ezingezinhle. Kunalokho, linikeza abampofu usizo lokubhekana nezinkathazo zokuphila.
Usizo Kwabampofu
Kuye kwashiwo ngokuphawulekayo ukuthi: “Abukho ubunzima obungathwalwa umuntu obudlula ukwazi ukuthi akekho umuntu okhathalelayo noma oqondayo.” Nokho, nakuba iningi lintula isihawu, zisekhona izindaba ezinhle ngabampofu—manje nasesikhathini esizayo.
Ngokudabukisayo, abaningi abanasithakazelo sokusiza abampofu. Ngokwe-World Book Encyclopedia, abanye bakholelwa ukuthi “abantu emphakathini babanga ukuphila . . . futhi abantu abaphakeme baba namandla futhi bacebe.” Labo abakholelwa kulenkolelo-mbono, ebizwa ngokuthi imfundiso kaDarwin yezenhlalo, bangase babheke abampofu njengabantu abavilaphayo noma abasaphazayo. Nokho, izisebenzi zasemaphandleni, izisebenzi ezithuthela kwamanye amazwe, nezinye izisebenzi, naphezu kokukhokhelwa imali encane, ngokuvamile zisebenza kanzima ukuze zondle imikhaya yazo.
Ubumpofu buvamile emazweni amaningi. Ngakho, abampofu—iningi labo—abenziwa babe nomuzwa wokuthi bayizehluleki. Nakuba kunjalo, kulawomazwe kunabantu abaphila ngokunethezeka okukhulu phakathi kwabampofu. Kunamakhaya anethezekile, kanokusho eduze kwemijondolo eminyene, engenampilo. Abantu abahola kahle bashayela izimoto zabo ezibizayo emigwaqweni egcwele abantu abahluphekile nabaswele umsebenzi. Emazweni anjalo abampofu bakuqaphela kabuhlungu ukuba sosizini kwabo. Ngempela, “abampofu abahlushwa nje kuphela ukungondleki kahle, izindlu ezingezinhle, nokunakekelwa kwezempilo okunganele, kodwa bahlushwa nawukukhathazeka okungapheli ngesimo sabo,” kusho i-World Book Encyclopedia. “Ngenxa yokuthi abakwazi ukuthola nokulondoloza imisebenzi emihle, balahlekelwa yiwo wonke umuzwa wesithunzi nokuzihlonipha.” Khona-ke, abanye babampofu kakhulu babhekana kanjani nesimo sabo? Izindaba ezinhle ngoJesu zithintana kanjani nokukwazi kwabo ukubhekana nesimo?
Okokuqala, khumbula ukuthi ubumpofu bungenziwa bube bubi nakakhulu ngemikhuba engahlakaniphile. Cabangela ezinye izibonelo. UValdecir uyavuma ukuthi nakuba umkakhe nabantwana abancane, babenokudla okuncane, wayesaphaza imali elondoloza indlela yokuphila kokuziphatha okubi. Uthi: “Nakuba ngangisebenza, ngangihlala ngingenamali kodwa ngaso sonke isikhathi ngangihlala nginamathikithi e-lottery ephaketheni lami.” UMilton, ngenxa yokuphuza kakhulu nokubhema, walahlekelwa ibhizinisi nezisebenzi ezingu-23. Uthi: “Ngangichitha ubusuku ngisemigwaqweni, ngingakwazi ukuya ekhaya, futhi umkhaya wami wahlupheka kakhulu ngenxa yami.”
UJoão ngokufanayo wayechitha umholo wakhe emikhubeni emibi. “Ngangichitha ubusuku obuningi ngingekho ekhaya. Umholo wami wawungayaneli imikhuba yami emibi neyokushendeza. Isimo sagcina singasabekezeleleki, futhi umkami wayefuna sihlale ngokwehlukana.” Ngaphezu kwezinkinga zakhe ezingokwezimali nezomshado, kwakunezinye futhi izinkinga. Uthi: “Ngadala izinkinga ezihilela izihlobo nomakhelwane, futhi nganginezinkinga ngokukhethekile emsebenzini. Ngenxa yalokho, ngangihlala ngingasebenzi.” UJúlio wayengumlutha wezidakamizwa. Nokho, uyachaza: “Njengoba umholo wami wawunganele ukuba ngilondoloze umkhuba wami wezidakamizwa, ngaqala ukusebenza njengomthengisi wemilaliso ukuze singabibikho isidingo sokuba ngithenge izidakamizwa.”
Ekhuliswe emkhayeni ompofu onabantwana abangu-8, uJosé wayefuna ukuba nokuthile okungokwakhe. Ephetha ngokuthi wayengeke alahlekelwe yilutho, ekanye nenye intsha, waqala ukuphanga abantu. Ephelelwe ithemba, omunye osemusha waba ilungu leqembu okuthiwa iHeadbangers. Uyachaza: “Njengoba iningi lethu lalimpofu kakhulu, sasithola ukwaneliseka okuthile ngokuphula izinto nokuhlasela abantu.”
Nokho, namuhla lababantu nemikhaya yabo abasahlushwa ukuntula okujulile noma imizwa yokuba munyu neyentukuthelo. Abasebona abangenalusizo noma abangenathemba. Kungani? Ngenxa yokuthi bafunde izindaba ezinhle uJesu azishumayela. Baye basebenzisa iseluleko seBhayibheli futhi bazihlanganisa nabantu abanomqondo ofanayo emabandleni oFakazi BakaJehova. Futhi baye bafunda izinto ezibaluleke kakhulu ngengcebo nobumpofu.
Usizo Lokubhekana Nobumpofu
Okokuqala, baye bafunda ukuthi uma izimiso zeBhayibheli zisetshenziswa, imiphumela emibi yobumpofu ingancishiswa. IBhayibheli liyakulahla ukuziphatha okubi, ukudakwa, ukugembula, nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. (1 Korinte 6:9, 10) Izinto ezinjalo zibiza kakhulu. Zingenza umuntu ocebile abe mpofu, ompofu abe mpofu nakakhulu. Ukushiya lemikhuba emibi neminye efana nayo kufeza okuningi ekuthuthukiseni isimo somkhaya sezomnotho.
Okwesibili, baye bathola ukuthi kunezinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kunengcebo. Umbono olinganiselayo uzwakaliswa kulamazwi aphefumulelwe: “Kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.” (UmShumayali 7:12) Yebo, imali ibalulekile. Kodwa ukuhlakanipha nolwazi ngezinjongo zikaNkulunkulu okusekelwe eBhayibhelini kuzuzisa ngokwengeziwe. Ngempela, kumuntu ontula ukuhlakanipha, ukuba nemali eningi kakhulu kungaba umthwalo onzima njengokuba nencane kakhulu. Umlobi weBhayibheli wathandaza ngokuhlakanipha: “Unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo, funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: UJehova ungubani na? funa ngibe-mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.”—IzAga 30:8, 9.
Okwesithathu, baye bathola ukuthi uma umuntu ephila ngokuvumelana nezindaba ezinhle uJesu azishumayela, akudingekile ukuba azizwe eshiyiwe. Izindaba ezinhle ziphathelene noMbuso kaNkulunkulu. Isigijimi sibizwa ngokuthi ‘izindaba ezinhle zombuso,’ futhi osukwini lwethu siyashunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Mathewu 24:14) UJesu wasitshela ukuthi siyosekelwa uma sibeka ithemba lethu kulowoMbuso. Wathi: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu], futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) UNkulunkulu akathembisi izimoto zikanokusho noma izindlu ezinethezekile. UJesu wayekhuluma ngezidingo zokuphila, izinto ezifana nokudla nezambatho. (Mathewu 6:31) Kodwa izigidi namuhla zingakufakazela ukuthi isithembiso sikaJesu sinokwethenjelwa. Umuntu, ngisho nompofu kanjani, akashiywa ngokuphelele uma ebeka uMbuso kuqala.
Okwesine, baye bathola ukuthi umuntu obeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ubunzima bezomnotho abumenzi abe munyu. Yebo, umuntu ompofu kumelwe asebenze kanzima. Kodwa uma ekhonza uNkulunkulu, unelungelo lokuba nobuhlobo noMdali wakhe, iBhayibheli elithi ngaye: “Akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.” (IHubo 22:24) Ngaphezu kwalokho, umuntu ompofu unosizo lokubhekana nezinkinga zokuphila. Ujabulela ubudlelwane obufudumele namaKristu akanye nawo futhi unolwazi ngentando kaJehova eyambuliwe futhi uthembela kuyo. Izinto ezifana nalezi ‘zinxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo.’—IHubo 19:10.
Ekugcineni, Ubumpofu Abusekho!
Ekugcineni, abantu abalalela izindaba ezinhle bafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu uhlose ukuyixazulula ngokuphelele inkinga yobumpofu ngoMbuso wakhe. IBhayibheli liyathembisa: “Ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube-phakade.” (IHubo 9:18) UMbuso uwuhulumeni ongokoqobo, omiswe emazulwini uJesu Kristu anguMbusi wawo. Ngokushesha, lowoMbuso uyothathela ohulumeni babantu indawo ekuqondiseni izindaba zesintu. (Daniyeli 2:44) Khona-ke, njengeNkosi emisiwe, uJesu ‘uyakuhawukela odangeleyo nompofu; uyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Uyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni akhe.’—IHubo 72:13, 14.
Njengoba sibheke phambili kulesosikhathi, uMika 4:3, 4 uthi: “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.” Kukhulunywa ngobani lapha? Phela, kukhulunywa ngabo bonke labo abazithoba eMbusweni kaNkulunkulu. LowoMbuso uyoxazulula zonke izinkinga ezikhathaza isintu—ngisho nenkinga yokugula nokufa. “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:8; 33:24) Yeka izwe elihlukile okuyoba yilo! Futhi khumbula, singazikholelwa lezizithembiso ngoba ziphefumulelwe uNkulunkulu ngokwakhe. Uthi: “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 32:18.
Ukuthembela eMbusweni kaNkulunkulu kuyakunqoba ukuntuleka kokuzihlonipha ngokuvamile okubangelwa ubumpofu. UmKristu ompofu uyazi ukuthi emehlweni kaNkulunkulu ubaluleke njengomKristu ocebile. UNkulunkulu ubathanda bobabili ngokulinganayo, futhi bobabili banethemba elifanayo. Bobabili babheke phambili ngokulangazela esikhathini lapho, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ubumpofu buyobe sebuyinto yesikhathi esidlule. Yeka isikhathi esikhazimulayo okuyoba yiso! Ekugcineni, akekho oyoba mpofu!
[Isithombe ekhasini 5]
Kungani usaphaza ingcebo ngokugembula, ukubhema, uphuzo olunamandla, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, noma indlela yokuphila kokuziphatha okubi?
[Isithombe ekhasini 7]
UJehova uNkulunkulu uyoxazulula izinkinga zobumpofu besintu ngoMbuso wakhe