Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 4/1 k. 32
  • Umenywa Ngokufudumele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umenywa Ngokufudumele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 4/1 k. 32

Umenywa Ngokufudumele

Ukufa komuntu uJesu Kristu eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule kwakuyisenzakalo esibaluleke kakhulu kunazo zonke emlandweni wesintu. Kwavula ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Phakathi nomkhosi ongenamicikilisho, uJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini njengezifanekiselo zomhlatshelo wakhe wobuntu wothando. Ngemva kwalokho watshela abafundi bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ingabe uzosikhumbula lesisenzakalo esibalulekile? OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekugubheni lomkhosi weSikhumbuzo. Uzoba ngemva kokushona kwelanga ngosuku oluhambisana noNisan 14 kukhalenda yeBhayibheli yezinyanga. Ungaya eHholo LoMbuso eliseduze nekhaya lakho. Xoxa noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini ngesikhathi esiqondile kanye nendawo. Usuku lwalomkhosi ngo-1995 luzoba ngoLwesihlanu, ngo-April 14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela