Imibuzo Evela Kubafundi
Yisiphi isimo sengqondo okufanele siboniswe lapho kubhapathizwa amaKristu?
Umbuzo othakazelisayo lowo, ngoba, nakuba abaningi babafundi balomagazini sebebhapathiziwe kakade, bahilelekile, njengalabo abasuke bebhapathizwa. Ake siqale sikhulume ngalabo abasuke bebhapathizwa, becwiliswa ngokuphelele emanzini. Kufanele sibe yini isimo sabo sengqondo?
KuMathewu 28:19, 20, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bahambe bayokwenza abantu babe abafundi, babafundise futhi bababhapathize. Akazange aveze ubhapathizo njengokuhlangenwe nakho okuvusa imizwelo ngokunamandla, isenzo esibangelwa injabulo yesikhashana. Luyisinyathelo esingathi sína, njengoba sibona esibonelweni sikaJesu. ULuka 3:21 uthi: “UJesu naye wabhapathizwa, futhi njengoba ayethandaza, izulu lavuleka.” Yebo, iSibonelo sethu saluthatha ngokungathi sína ubhapathizo, ngokomkhuleko. Asinakumcabanga, ngemva kokukhuphuka ephuma emanzini, enza uphawu lokunqoba, ememeza ngenjabulo, noma ephakamisa izandla ngokungenasizotha, nakuba abanye beye bazenza izinto ezinjengalezi muva nje. Cha, njengoba ayenoJohane uMbhapathizi kuphela, uJesu waphendukela kuYise ngomthandazo.
Nokho, iBhayibheli alisikiseli ukuthi ubhapathizo kumelwe lube isenzakalo esinyukubalisayo noma esikhwantabalisayo, esidinga kumiwe ngendlela ethile ekhethekile noma kushiwo okuthile okuwumlolozelo, njengoba amanye amasonto eLobukholwa efuna lokho namuhla. Phela, cabanga ngosuku lwePentekoste, lapho izinkulungwane zamaJuda namaproselithe zihlanganyela obhapathizweni lobuKristu. Zase ziwufundile kakade uMthetho kaNkulunkulu futhi sezinobuhlobo naye. Ngakho kwakudingeka nje ukuba zifunde ngoMesiya, uJesu, futhi zimamukele. Uma nje zase zenze kanjalo, zazingabhapathizwa.
IzEnzo 2:41 ziyabika: “Labo abamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa.” Inguqulo yeBhayibheli kaWeymouth ifundeka kanje: “Ngakho-ke, labo abamukela izwi lakhe ngenjabulo babhapathizwa.” Bazijabulela izindaba ezithokozisayo ngoMesiya, futhi ngokuqinisekile leyonjabulo ethinta inhliziyo yanabela nasekubhapathizweni ngokwako, ubhapathizo olwenzelwa phambi kwamakhulu ngamakhulu ezibukeli ezijabulile. Ngisho nezingelosi ezulwini zazibukele futhi zithokozile. Khumbula amazwi kaJesu athi: “Ngiyanitshela, kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”—Luka 15:10.
Kunezindlela ezihlukahlukene ngamunye wethu angabonisa ngazo ukungathi sína nenjabulo yobhapathizo. Kwamanye amasonto labo ababhapathizwayo bagqoka izingubo ezimhlophe noma ezimnyama. Akukho nakancane ukusekelwa okungokomBhalo kwemfuneko enjalo. Nakuba kunjalo, izingubo zokubhukuda ezimpintshayo noma eziveza umzimba azinakufaneleka, kungaba kwabesilisa noma kwabesifazane. Futhi njengoba kuphawuliwe, lapho umKristu omusha ephuma emanzini, akufanele enze izimpawu ezithile ezikhethekile noma enze sengathi unqobile. Bonke abanye abafowethu abangamaKristu bayajabula ngokuthi lona omusha ubhapathiziwe. Yena kufanele aqaphele ukuthi lokhu kubonakaliswa kokholo kumane nje kuyisinyathelo sokuqala senkambo ende yobuqotho ukuze azuze ukwamukelwa uNkulunkulu.—Mathewu 16:24.
Thina, njengezibukeli zobhapathizo lwasobala, siyahlanganyela enjabulweni yalesisenzakalo, ikakhulukazi uma lowo obhapathizwayo eyisihlobo noma othile ebesifunda naye iBhayibheli. Nokho, ukuze sihlanganyele ngokugcwele, kufanele siyilalele yonke inkulumo kanye nabazobhapathizwa, sibezwe beyiphendula obala imibuzo ababuzwa yona, bese sihlanganyela nabo emthandazweni. Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba sibe nombono ofanele ngobhapathizo; siyoba nombono kaNkulunkulu ngalo. Ngemva kobhapathizo, akudingeki ukuba injabulo yethu siyibonise ngomkhosi njengokungathi sinqobile, ngezimbali, noma ngokwenza iphathi yokuhalalisela lowo obhapathiziwe. Kodwa singaya kumfowethu omusha noma udadewethu simtshele ukuthi siyajabula ngesinyathelo esihle asithathile futhi simamukele ngokufudumele ebuzalwaneni bethu bobuKristu.
Ngakho, ngamafuphi, sonke, kuhlanganise nalabo abasuke becwiliswa emanzini, kufanele sibheke ubhapathizo ngokubaluleka okufanelekile. Alusona isikhathi sokumemeza ngamadlingozi, sokwenza amaphathi noma sokweqiwa injabulo. Kodwa futhi alusona isikhathi sokunyukubala nokukhwantabala. Kufanelekile ukuba sithokoze ngokuthi abasha baye bazihlanganisa nathi endleleni eya ekuphileni okuphakade. Futhi singabamukela ngenjabulo abafowethu nodadewethu abasha.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 31]