Bazinikezele—Kubani?
“Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”—EKSODUSI 24:7.
1, 2. (a) Yini abanye abantu abazinikele kuyo? (b) Ingabe ukuzinikezela kulinganiselwe kuphela kulabo abangamalungu enkolo ethile?
NGO-February 1945, abashayeli beZero-fighter besigaba seYatabe Flying Corps yaseJapane babehlangene ehholo. Ngamunye wanikezwa iphepha lapho ayezobhala khona ukuthi wayezozinikela yini ukuba abe ilungu lebutho elihlaselayo ikamikaze. “Ngacabanga ukuthi kwakuwubizo lwami lokuzidela ngesikhathi sesimo esibucayi sezwe lonke,” kusho owayeyisikhulu esasikhona ngalesosikhathi. “Njengoba ngangiphoqeleka ngokomzwelo ukuba ngizenze ngitholakale, ngazinikela kulolubizo.” Waqeqeshelwa ukuba akwazi ukuqondisa nokushayela i-Ohka (indiza yokuzibulala eshwibekayo) futhi ayiphahlazele emkhunjini wempi wesitha. Nokho, impi yaphela ngaphambi kokuba abe nethuba lokwenza kanjalo futhi ngaleyondlela afele izwe lakubo nombusi wakhe. Lapho iJapane ihlulwa empini, ukholo lwakhe kumbusi lwaphela.
2 Esikhathini esithile, abantu abaningi eJapane babezinikele kumbusi, ababekholelwa ukuthi ungunkulunkulu ophilayo. Kwamanye amazwe, bekulokhu kunezinye izinto abantu abazinikele kuzo futhi zisekhona. Izigidi zizinikele kuMariya, uBuddha, noma abanye onkulunkulu—ngokuvamile abamelelwa ngezithombe. Bethonywe izinkulumo zobuciko ezivusa imizwelo, abanye banikela ngezimali zabo abazithole kanzima kubashumayeli be-TV ekusekeleni ngenhliziyo yonke okufana nokuzinikela. Ngemva kwempi, abantu baseJapane ababedumele bafuna into entsha ababenganikezela ukuphila kwabo kuyo. Kwabanye, umsebenzi waba ileyonto. EMpumalanga noma eNtshonalanga, abaningi banikezela ukuphila kwabo ekuqongeleleni ingcebo. Intsha igxilisa ukuphila kwayo kubaculi, elingisa izitayela zabo zokuphila. Inani elikhulu namuhla liye laba elizikhulekelayo, lenza izifiso zalo siqu zibe into elizinikela kuyo. (Filipi 3:19; 2 Thimothewu 3:2) Kodwa ingabe izinto ezinjalo noma abantu ngempela bafanelwe ukuzinikela komuntu ngomphefumulo wonke?
3. Ezinye izinto abantu abazinikele kuzo ziye zabonakala kanjani zingenalusizo?
3 Lapho bebhekene namaqiniso, abakhulekeli bezithombe ngokuvamile bayasanguluka. Ukuzinikela ezithombeni kuphumela ekukhungathekeni lapho lababakhulekeli beqaphela ukuthi izithombe zabo zimane nje ‘ziwumsebenzi wezandla zomuntu.’ (IHubo 115:4) Lapho amahlazo ahilela abashumayeli abavelele edalulwa, abantu abaqotho bazizwa bephelelwa amandla. Lapho ezomnotho “ezintengantengayo” ziwa, izisebenzi zabhekana nokuphazamiseka kwengqondo njengoba zazizithola zisohlwini lwalabo abadiliziwe. Ukwehla kwamandla omnotho kwamuva nje kulethe igalelo elikhulu kubakhulekeli bakaMamona. Ukudala izikweletu ngethemba lokwenza imali eningi kubé umthwalo onganiki themba lokuthi ziyoke zikhokhwe. (Mathewu 6:24, umbhalo waphansi we-NW) Lapho izilomo ze-rock nabanye abezokuzijabulisa abenziwe izithixo befa noma bephelelwa udumo, abakhulekeli babo basala dengwane. Futhi labo abaye balandela indlela yokuzanelisa ngokuvamile bavuna izithelo ezimbi.—Galathiya 6:7.
4. Yini eshukumisela abantu ukuba banikezele ukuphila kwabo ezintweni ezingenalusizo?
4 Yini eshukumisela abantu ukuba bazinikele ebuzeni obunjalo? Ngokwezinga elikhulu, umoya wezwe elingaphansi kukaSathane uDeveli. (Efesu 2:2, 3) Ithonya lalomoya libonakala ngezindlela ezihlukahlukene. Umuntu angase alawulwe isiko lomkhaya eliye ladluliselwa kusukela kokhokho bakhe. Imfundo nendlela umuntu akhuliswe ngayo ingase ikuthonye ngokunamandla ukucabanga. Isimo sasendaweni yomsebenzi singase siqhubezele “amaqhawe ezinkampane” ekuluthweni umsebenzi okungase kusongele ukuphila. Isifiso sokuthola okwengeziwe sibangelwa isimo sengqondo sezwe sokuthanda izinto ezibonakalayo. Izinhliziyo zabaningi ziyonakaliswa, zibashukumisele ukuba bazinikele ezifisweni zabo siqu zobugovu. Bayahluleka ukuhlola ukuthi leminako iyakufanela yini ukuzinikela okunjalo.
Isizwe Esizinikezele
5. Ikuphi ukuzinikezela kuJehova okwenziwa eminyakeni engaphezu kwengu-3 500 edlule?
5 Eminyakeni engaphezu kwengu-3 500 edlule, isizwe esithile sabantu sathola okuthile okungcono kakhulu okukufanelekelayo ukuzinikela kukho. Sazinikezela kuNkulunkulu ongumbusi, uJehova. Njengeqembu, isizwe sakwa-Israyeli samemezela ukuzinikezela kwaso kuNkulunkulu ehlane laseSinayi.
6. Igama likaNkulunkulu lalizoba nakuphi ukubaluleka kuma-Israyeli?
6 Yini eyashukumisela ama-Israyeli ukuba enze ngalendlela? Lapho esebugqilini eGibithe, uJehova wathuma uMose ukuba awaholele enkululekweni. UMose wabuza ukuthi kwakufanele amchaze kanjani uNkulunkulu owayemthumile, futhi uNkulunkulu wazembula ngokuthi “ngiyakuzibonakalisa ngiyilokho engiyakuzibonakalisa ngiyikho.” Watshela uMose ukuba athi kubantwana bakwa-Israyeli: “Ungiyakuzibonakalisa ngiyilokho ungithumile kini.” (Eksodusi 3:13, 14, NW) Lenkulumo yabonisa ukuthi uJehova uba yinoma yini edingekayo ukuze afeze izinjongo zakhe. Wayeyozembula njengoMfezi wezithembiso ngendlela obabamkhulu bama-Israyeli ababengakaze bayazi.—Eksodusi 6:2, 3.
7, 8. Ibuphi ubufakazi ama-Israyeli ayenabo bokuthi uJehova wayenguNkulunkulu okufanelekele ukuzinikela kwawo?
7 Ama-Israyeli abona ukuhlushwa kwezwe laseGibithe nabantu balo ngeziNhlupho Eziyishumi. (IHubo 78:44-51) Khona-ke, cishe abangaphezu kwezigidi ezintathu bawo, kuhlanganise nabesifazane nezingane, baqoqa futhi baphuma ezweni laseGosheni ngobusuku obubodwa, okwakuyisenzakalo esiphawulekayo ngokwaso. (Eksodusi 12:37, 38) Ngokulandelayo, oLwandle Olubomvu, uJehova wazibonakalisa ‘eyindoda yempi’ lapho esindisa abantu bakhe emabuthweni empi kaFaro ngokuhlukanisa phakathi ulwandle ukuze avumele ama-Israyeli adlule futhi kamuva ngokuluvala ukuze aminzise abantu baseGibithe ababewabeke ezithendeni. Ngenxa yalokho, “uIsrayeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa uJehova.”—Eksodusi 14:31; 15:3; IHubo 136:10-15.
8 Njengokungathi ayesantula ubufakazi balokho igama likaNkulunkulu elikushoyo, ama-Israyeli akhonona ngoJehova nommeleli wakhe uMose ngokuntuleka kokudla namanzi. UJehova wathumela izigwaca, wanisa imana, futhi wabangela ukuba amanzi aphophoze edwaleni laseMeriba. (Eksodusi 16:2-5, 12-15, 31; 17:2-7) Futhi uJehova wasindisa ama-Israyeli ekuhlaseleni kwama-Amaleki. (Eksodusi 17:8-13) Ama-Israyeli ayengenandlela yokuphika lokho uJehova ayekumemezele kuMose kamuva: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono.” (Eksodusi 34:6, 7) Ngempela, uJehova wazibonakalisa engumuntu okufanele ukuzinikela kwabo.
9. Kungani uJehova anikeza ama-Israyeli ithuba lokubonisa ukuzinikezela kwawo kokumkhonza, futhi asabela kanjani?
9 Nakuba uJehova ayenelungelo lokuba ngumnikazi wama-Israyeli ngenxa yokuthi wayewahlengile wawakhipha eGibithe, yena, njengoNkulunkulu onomusa nesihe, wawanikeza ithuba lokubonisa isifiso sawo sokumkhonza ngokuzithandela. (Duteronomi 7:7, 8; 30:15-20) Futhi wachaza imibandela ngesivumelwano esasiphakathi kwakhe nama-Israyeli. (Eksodusi 19:3-8; 20:1–23:33) Lapho uMose elandisa ngalemibandela, ama-Israyeli athi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.” (Eksodusi 24:3-7) Ngokuzithandela kwawo, aba isizwe esizinikezele eNkosini enguMbusi uJehova.
Ukwazisa Kuholela Ekuzinikezeleni
10. Ukuzinikezela kwethu kuJehova kufanele kusekelwe kuphi?
10 UJehova uMdali uyaqhubeka ekufanelekela ukuzinikela kwethu ngomphefumulo wonke. (Malaki 3:6; Mathewu 22:37; IsAmbulo 4:11) Nokho, ukuzinikezela kwethu akufanele kusekelwe ekuthathekeni, imizwelo edlulayo, noma ukuphoqwa abanye—ngisho nabazali. Kumelwe kusekelwe olwazini oluqondile lweqiniso ngoJehova nokwazisa ngalokho uJehova asenzele khona. (Roma 10:2; Kolose 1:9, 10; 1 Thimothewu 2:4) Njengoba nje uJehova anikeza ama-Israyeli ithuba lokubonisa ukuzinikezela kwawo ngokuzithandela, ngakho nathi usinikeza ithuba lokuzinikezela ngokuzithandela nokwenza lokho kuzinikezela kwaziwe.—1 Petru 3:21.
11. Ukutadisha kwethu iBhayibheli kuye kwembulani ngoJehova?
11 Ngesifundo seBhayibheli, siba nokumazi uNkulunkulu njengomuntu. IZwi lakhe liyasisiza ukuba siqonde izimfanelo zakhe njengoba zibonakala endalweni. (IHubo 19:1-4) Singabona eZwini lakhe ukuthi akayena uZiqu-zintathu oyimfihlo ongenakuqondwa. Akahlulwa ezimpini futhi ngaleyondlela akanakubudela ubuNkulunkulu bakhe. (Eksodusi 15:11; 1 Korinte 8:5, 6; IsAmbulo 11:17, 18) Ngenxa yokuthi uye wazigcwalisa izithembiso zakhe, sikhunjuzwa ngalokho igama lakhe elihle, elithi Jehova, elikumelelayo. UnguMenzi Wezinjongo Omkhulu. (Genesise 2:4, umbhalo waphansi we-NW; IHubo 83:18; Isaya 46:9-11) Ngokutadisha iBhayibheli, siba nokuyiqonda ngokucacile indlela athembeké futhi anokwethenjelwa ngayo.—Duteronomi 7:9; IHubo 19:7, 9; 111:7.
12. (a) Yini esidonsela kuJehova? (b) Okuhlangenwe nakho kokuphila okungokoqobo okulotshwe eBhayibhelini kumshukumisela kanjani umuntu ukuba afune ukukhonza uJehova? (c) Uzizwa kanjani ngokukhonza uJehova?
12 Okuyikhona kusidonsela kuJehova ikakhulukazi ubuntu bakhe obunothando. IBhayibheli libonisa indlela anothando, athethelela, nanesihe ngayo lapho esebenzelana nabantu. Cabanga ngendlela achumisa ngayo uJobe ngemva kokuba egcine ubuqotho bakhe ngokwethembeka. Okuhlangenwe nakho kukaJobe kuqokomisa ukuthi “uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” (Jakobe 5:11; Jobe 42:12-17) Cabanga ngendlela uJehova asebenzelana ngayo noDavide lapho ephingile futhi ebulele. Yebo, uJehova ukulungele ukuthethelela ngisho nezono ezingathi sína lapho isoni sisondela kuye ‘ngenhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.’ (IHubo 51:3-11, 17) Cabanga ngendlela uJehova asebenzelana ngayo noSawule waseTarsu, ekuqaleni owayengumshushisi ozimisele wabantu bakaNkulunkulu. Lezizibonelo ziqokomisa isihe sikaNkulunkulu nokuzimisela ngomusa ukusebenzisa abaphendukayo. (1 Korinte 15:9; 1 Thimothewu 1:15, 16) UPawulu waba nomuzwa wokuthi wayenganikela ngakho kanye ukuphila kwakhe ekukhonzeni loNkulunkulu onothando. (Roma 14:8) Ingabe uzizwa ngendlela efanayo?
13. Ikuphi ukubonakaliswa okukhulu kothando okwenziwa uJehova okushukumisela abanhliziyo ziqotho ukuba bazinikezele kuye?
13 Kuma-Israyeli, uJehova walungiselela ukuwasindisa ebugqilini eGibithe, futhi uye walungiselela indlela yokusisindisa ebugqilini besono nokufa—umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. (Johane 3:16) UPawulu uthi: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Lelilungiselelo lothando lishukumisela abanhliziyo ziqotho ukuba bazinikezele kuJehova ngoJesu Kristu. “Ngoba uthando uKristu analo luyasiphoqelela, ngoba yilokhu esikwahlulele, ukuthi umuntu oyedwa wafela bonke; ngakho-ke, bonke bafile; futhi wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela futhi wavuswa.”—2 Korinte 5:14, 15; Roma 8:35-39.
14. Ingabe ulwazi nje lokusebenzelana kukaJehova nesintu lwanele ukusishukumisela ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuye? Chaza.
14 Nakuba kunjalo, ukuba nolwazi ngobuntu bukaJehova nokusebenzelana kwakhe nesintu akwanele. Ukwazisa komuntu siqu ngoJehova kumelwe kuhlakulelwe. Kungase kwenziwe kanjani lokhu? Ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu nokuzibonela ngokwethu ukuthi izimiso ezitholakala kulo ziyasebenza ngempela. (Isaya 48:17) Kumelwe sizwe ukuthi uJehova uye wasisindisa obishini lwalelizwe elibi elingaphansi kokubusa kukaSathane. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 6:11.) Ekulweleni kwethu ukwenza okulungile, sifunda ukuncika kuJehova, futhi sizibonela ngokwethu ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo, “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 62:8; 65:2) Ngokushesha sizizwa sisondelene eduze kakhulu naye futhi siyakwazi ukumthululela imizwa yethu ejulile. Umuzwa ofudumele wothando ngoJehova uyakhula kithi. Ngokungangabazeki lokhu kuyosiholela ekubeni sinikezele ukuphila kwethu kuye.
15. Yini eyashukumisela indoda ethile, ngaphambili eyayizinikele emsebenzini, ukuba ikhonze uJehova?
15 Abaningi baye bamazi loNkulunkulu onothando, uJehova, futhi baye banikezela ukuphila kwabo ekumkhonzeni. Ngokwesibonelo, cabangela isazi sokuxhunywa kukagesi esasinebhizinisi elichumayo. Kwakunezikhathi lapho sasiqala khona ekuseni ukusebenza futhi sisebenze usuku lonke nobusuku bonke, sibuyele ekhaya ngehora lesihlanu ekuseni ngosuku olulandelayo. Ngemva kokuphumula isikhathi esingangehora, sasiphindela emsebenzini olandelayo. “Ngangizinikezele emsebenzini wami,” siyakhumbula. Lapho umkaso eqala ukufunda iBhayibheli, sahlanganyela naye. Sithi: “Bonke onkulunkulu engangibazi kuze kube yilesosikhathi babemane nje belindele ukukhonzwa, bengenzi lutho lokusizuzisa. Kodwa uJehova wathatha isinyathelo kuqala futhi wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni ngokuzidela kwakhe siqu okukhulu.” (1 Johane 4:10, 19) Phakathi nezinyanga eziyishumi, lendoda yazinikezela kuJehova. Ngemva kwalokho, yagxila ekukhonzeni uNkulunkulu ophilayo. Yangenela inkonzo yesikhathi esigcwele futhi yathutha ukuze iyokhonza lapho kwakunendingeko enkulu khona. Yona, njengabaphostoli, ‘yashiya konke yalandela uJesu.’ (Mathewu 19:27) Ngemva kwezinyanga ezimbili, yona nomkayo babizwa ukuzokhonza egatsheni le-Watch Tower Bible and Tract Society ezweni abahlala kulo, ukuze isize ngomsebenzi wokuxhunywa kukagesi. Eminyakeni engaphezu kwengu-20, ibisebenza egatsheni, yenza umsebenzi ewuthandayo—ingazenzeli yona kodwa yenzela uJehova.
Yenza Ukuzinikezela Kwakho Kwaziwe
16. Iziphi izinyathelo umuntu angazithatha lapho ezinikezela kuJehova?
16 Ngemva kokufunda iBhayibheli isikhathi esithile, abasha nabadala ngokufanayo bayomazisa uJehova nalokho abenzele khona. Lokhu kufanele kubashukumisele ekubeni bazinikezele kuNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi ungomunye walaba. Ungazinikezela kanjani kuJehova? Ngemva kokungenisa ulwazi oluqondile oluvela eBhayibhelini, kufanele wenze ngokuvumelana nalololwazi futhi ubonise ukholo kuJehova noJesu Kristu. (Johane 17:3) Phenduka futhi uguquke kunoma iyiphi inkambo yesono yangesikhathi esidlule. (IzEnzo 3:19) Bese uthatha isinyathelo sokuzinikezela, ukuveze ngamazwi aqotho omthandazo oya kuJehova. Ngokungangabazeki, lomthandazo uyoshiya inkumbulo ehlala njalo engqondweni yakho, ngoba uyoba ukuqala kobuhlobo obusha noJehova.
17. (a) Kungani abadala bebukeza imibuzo elungiselelwe nabasanda kuzinikezela? (b) Isiphi isinyathelo esibalulekile okufanele sithathwe ngokushesha ngemva kokuzinikezela komuntu, futhi ngayiphi injongo?
17 Njengoba nje uMose achazela ama-Israyeli imibandela yokungenela ubuhlobo besivumelwano noJehova, abadala emabandleni oFakazi BakaJehova basiza labo abasanda kuzinikezela ukuba bahlole ukuthi yini eqinisweni ehilelekile. Basebenzisa imibuzo elungiselelwe ukuze baqiniseke ukuthi ngamunye uziqonda ngokugcwele izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli futhi uyakuqonda okuhilelekile ekubeni uFakazi kaJehova. Khona-ke, umkhosi wokwenza lokhu kuzinikezela obala ufanelekile ngempela. Ngokuvamile, osanda kuzinikezela uyakushisekela ukwenza nabanye bazi ukuthi usefinyelele kulobubuhlobo obuyilungelo noJehova. (Qhathanisa noJeremiya 9:24.) Lokhu kwenziwa ngokufanele ngokubhapathizwa emanzini okubonisa ukuzinikezela. Ukucwiliswa emanzini bese ekhishwa kuwo kufanekisela ukuthi uyafa enkambweni yakhe yokuphila kobugovu yangaphambili futhi uvuselwa endleleni entsha yokuphila, yokwenza intando kaNkulunkulu. Akulona isakramente, futhi akuwona umkhosi ofana nesiko lamaShinto le-misogi lapho umuntu kuthiwa uhlanzwa khona ngamanzi.a Kunalokho, ubhapathizo luwukumemezela obala ukuzinikezela osekuye kwenziwa kakade ngomkhuleko.
18. Kungani singaqiniseka ukuthi ukuzinikezela kwethu akunakuba yize?
18 Lesisenzakalo esingathi sína singokuhlangenwe nakho okungenakulibaleka, okukhumbuza inceku kaNkulunkulu entsha ngobuhlobo obuhlala njalo manje enabo noJehova. Ngokungafani nokuzinikezela umshayeli wendiza yekamikaze akwenza ezweni nakumbusi wakubo, lokhu kuzinikezela kuJehova akunakuba yize, ngoba unguNkulunkulu umninimandla onke ongunaphakade ofeza konke lokho aqale ukukwenza. Yena, futhi yena yedwa, ukufanelekele ukuzinikela kwethu ngomphefumulo wonke.—Isaya 55:9-11.
19. Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
19 Nokho, kuhileleke okwengeziwe ekuzinikezeleni. Ngokwesibonelo, ukuzinikezela kukuthinta kanjani ukuphila kwethu kwansuku zonke? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 194-5.
Uyakhumbula?
◻ Njengoba kwenzeka ezweni, kungani ukuzinikezela kuphelela ekudumazekeni?
◻ Yini eyashukumisela ama-Israyeli ukuba azinikezele kuJehova?
◻ Yini esishukumisela ukuba sizinikezele kuJehova namuhla?
◻ Sizinikezela kanjani kuNkulunkulu?
◻ Lubaluleke ngani ubhapathizo lwamanzi?
[Isithombe ekhasini 10]
U-Israyeli eSinayi uzinikezela kuJehova