IDominican Republic—Isavulekele Okunye Ukuthola
ESEYINSIZWA, uChristopher Columbus waqala impilo yasolwandle ekugcineni eyamholela ekutholeni iziqhingi namuhla ezaziwa ngokuthi iWest Indies. Ngo-December 1492, umkhumbi wakhe omkhulu, i-Santa María, wacwila enyakatho yogu lwesiqhingi sase-Española, namuhla esaziwa ngokuthi isiqhingi saseHispaniola, esakhiwa iHaiti neDominican Republic. Lapho uColumbus wakha isakhiwo sokuqala sabaseYurophu, inqaba eyakhiwa ngokushesha, futhi wayibiza ngokuthi iNavidad. Lesisiqhingi saba isikhungo sokuhlola kwakhe okuqhubekayo.
UColumbus wathola ukuthi kulesisiqhingi kwakuhlala abantu abahle ngokuphawulekayo, abakholwa ngokushesha, nabangenisa izihambi, amaNdiya angamaTaino. Ngalesosikhathi kwakukhona alinganiselwa ku-100 000. Nokho, ngenxa yokuphathwa ngonya abahlaseli, abasithakazelo sabo esikhulu sasiwukuthola igolide, lababantu bendawo bancipha kakhulu. Kubikwa ukuthi ngo-1570 kwakunamaNdiya angamaTaino acishe abe ngu-500 ayesele.
Namuhla, iDominican Republic inabantu bezinhlanga eziningi nemibala yesikhumba, okhokho babo abafudukela lapha. Nakuba kunjalo, babonakala benezici eziningi ezinhle zamaTaino, ngokuyisisekelo bangabantu abanobungane nabathatha izinto kalula. Lokhu, kanye nokholo oluqotho kuNkulunkulu nenhlonipho ngeBhayibheli, kuye kwenza umsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela nokufundisa waphumelela ngokuphawulekayo kulelizwe.
Ukuthola Kolunye Uhlobo
Izithunywa zevangeli zokuqala ze-Watch Tower, uLennart noVirginia Johnson, zafika eDominican Republic phakathi nenkathi kamashiqela uTrujillo. Zajabula lapho zithola ukuthi abaningi babesabela ngokushesha futhi besamukela isigijimi sazo seBhayibheli. Nokho, lokhu akuzange kuzijabulise iziphathimandla nabeluleki bazo benkolo. Ngokushesha kwaqubuka igagasi loshushiso, futhi ukholo lwalaboFakazi bokuqala baseDominican lwavivinywa kakhulu. Kuze kube namuhla, ukwethembeka nokholo lwabo—nalapho kubizela ukufa—kusewundab’ uzekwayo.
OFakazi BakaJehova, manje ababalelwa enanini elicishe libe ngu-16 000 kulelizwe, baziwa kahle. Esikhathini esithile esidlule, iziteshi zethelevishini ezinhlanu ezweni lonke zasakaza i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.a
Lokhu kwawusakaza kakhulu umsebenzi woFakazi hhayi emadolobheni amakhulu nje kuphela kodwa nasemadolobheni amancane nasezindaweni ezithile zasemaphandleni. Ukuze balandelele isithakazelo bahlela umkhankaso okhethekile wokufinyelela izindawo ezikude futhi bayise izindaba ezinhle zoMbuso kuzo.
Izibusiso Zokuzenza Batholakale
OFakazi abaningi abasebasha, abanamandla, nabashisekayo ngokuzithandela basebenza isikhathi esingaba izinyanga ezimbili beshumayela kulamasimu akude. Imizamo yabo yavuzwa. Kwenye indawo oFakazi ababili bathola isithakazelo esingavamile. Njengoba kwakuyisikhathi sokugubha iSikhumbuzo sokufa kukaJesu kwaminyaka yonke, benza amalungiselelo futhi bamema lababantu ukuba beze. Ihholo lagcwala swí, base beqhuba umhlangano. Lapho usuphelile, bamangala kakhulu ukuthola ukuthi kwakunelinye iqembu elikhulu labantu ngaphandle kwehholo lilindele ukungena. Ngakho babangenisa ngaphakathi futhi baphinda isimiso. Manje kunebandla kuleyondawo.
Isimo salababantu sokupha nesobungane ngokuvamile sibashukumisela ukuba bahlanganyele iqiniso leBhayibheli abalifundayo namalungu emikhaya yabo nabanye. Omunye owayeqhutshelwa isifundo seBhayibheli wayechichima injabulo lapho ekugcineni efanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu. Kakade wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli ezinhlanu endaweni ayehlala kuyo, kodwa wayejabulele ukuba nengxenye ethé xaxa enkonzweni.
Njengoba kunensimu enkulu abamemezeli boMbuso abangayi njalo kuyo, kwenziwa umzamo wokushumayela kubantu abasemabhasini nalabo abeza emadolobheni bezokwenza imisebenzi yebhizinisi noma bezothenga. Lokhu kuye kwaholela emiphumeleni ejabulisayo, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okuphathelene nencwadi eyatholwa ihhovisi legatsha. Yayivela emadodeni amabili asendaweni yasemaphandleni, ayecela isifundo seBhayibheli. Lapho uFakazi othile ewavakashela, kwatholakala ukuthi ayeneminyaka eyishumi nengu-11 ubudala. Kodwa “lamadoda” ayelazi kanjani ilungiselelo lesifundo seBhayibheli? Indoda ethile evela kulelodolobhana yafika enhloko-dolobha izoqhuba ibhizinisi elithile. Yahlangana noFakazi emgwaqweni, owayinika ipheshana futhi wasikisela ukuyiqhubela isifundo seBhayibheli samahhala. Lapho iphindela edolobhaneni eyayihlala kulo, lendoda yalinikeza intombazane eneminyaka engu-12 ubudala eyayingumakhelwane futhi yayitshela ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli. Ngokulandelayo, lentombazane yadlulisela lokhu kwaziswa kulabobafana ababili, ababhala incwadi ngokushesha. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli nalabafana ababili, intombazane, indoda, nabantwana bayo ababili.
Ukusabela Okuhle Kwentsha
Ngempela, abasha, kokubili abakhulela eqinisweni nabanye, babonakala bekuthatha ngokungathi sína ukukhulekela kwabo uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uTamar nodadewabo uKeila bobabili babhapathizwa beneminyaka eyishumi ubudala futhi bangenela inkonzo yamaphayona esikhathi esigcwele beneminyaka engu-11. UWendy Carolina wayeneminyaka engu-12 lapho ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe ngobhapathizo lwamanzi, kwathi eminyakeni emibili kamuva, ngo-1985, waqala ukuphayona isikhathi esigcwele. Namuhla ungumfundisi ophumelelayo, usayijabulela inkonzo yesikhathi esigcwele. UJovanny osemncane, owabhapathizwa eneminyaka eyishumi futhi waba iphayona elivamile eneminyaka engu-11, uqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezine. Lapho uRey oneminyaka eyishumi ubudala ethola ukuthi umthengisi wezincwadi ezingamasekeni wayenencwajana eyakhishwa oFakazi BakaJehova, uRey wanxusa unina ukuba amthengele yona. Wayifunda yonke. Ekugcineni, ukufuna kwakhe izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe kwamholela ekutheni axhumane nehhovisi legatsha. Namuhla ujabulela inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi unina ngokufanayo ukhonza uNkulunkulu.
Yini eye yasiza lentsha kanye nenye ukuba yazise ukubaluleka kwezinto ezingokomoya? Ezimweni eziningi isiqondiso esifanele sabazali siye saba nendima ebalulekile. Lokhu kwaba njalo ngoJosué, abazali bakhe abangamaKristu abangothisha. Lapho umbonisi ojikelezayo esikisela ukuthi lababazali bazame ukusiza okungenani oyedwa wabantwana babo ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele, bagxilisa ukunakekela kuJosué. Njengoba ayengumfundi okhaliphile, uJosué wanikwa umfundaze kahulumeni ukuba ayofundela ubunjiniyela. Ngemva konyaka nengxenye eseyunivesithi, wamukela isimemo sokungenela umsebenzi wokwakha esakhiweni sasendlunkulu yoFakazi BakaJehova eDominican Republic. Abazali bakhe bazwakalisa ukwaneliseka okujulile ngokuthi banikele ngendodana yabo enkonzweni kaJehova.
“Izinhloli” Ezivela Kwamanye Amazwe
Amazwi kaJesu athi “ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana” angasetshenziswa ngempela kulensimu. (Mathewu 9:37) Isidingo esikhulu nokusabela okuhle kushukumise oFakazi abavela kwamanye amazwe ukuba beze bazohlanganyela ekuhloleni amagugu angokoqobo osuku lwanamuhla kulensimu—abafuni beqiniso abaqotho.
Kwafika imikhaya engoFakazi evela esiqhingini sasePuerto Rico esingumakhelwane eye yathola ukwaneliseka kweqiniso ngokukhonza ezindaweni ezihlukahlukene eDominican Republic. Enye inhloko yomkhaya yathi: “Ukukwazi ukukhuluma ngokholo lwakho nethemba ezindlebeni ezizwayo kwenza iqiniso liphile ngempela!” Lapho bezwa ngesidingo esasikhona lapha, uCecilia waseSweden noNia wase-United States beza bazosebenza nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele eziningana ezisezintsha. Basebenza maphakathi nezwe lapho besendaweni ephakeme nesimo sezulu esipholile. Ngokufanayo, phezulu ezintabeni ezipholile ezimbozwe imithi kaphayini, imikhaya emibili yaseCanada yazihlanganisa nomkhaya waseDominican owuwaphindele eDominican uvela e-United States. Lemikhaya iyingxenye yebandla elincane futhi iyakwazi ukufinyelela abantu abangazange bavakashelwe oFakazi BakaJehova phakathi nesikhathi esingangeminyaka eyishumi.
U-Alfredo noLourdes bafika nabantwana ba-bo abahlanu bevela eNew York City futhi bahlanganyela nebandla elincane kwelinye lamadolobha amancane amahle angasolwandle okufikela kuwo izihambi ezibuka amazwe. Bayajabula ngokuthi bayakwazi ukuhlanganyela ekutholeni abanhliziyo ziqotho nokusiza ibandla likhule. URoland, wase-Austria osebenza ngama-computer, nomkakhe, uYuta, baye bahlala engxenyeni efudumele, eyomile, engaseningizimu yezwe. Baye baba nenjabulo yokubona kumiswa ibandla elisha kusukela bafika. Edolobheni elingumakhelwane, iqembu lodade abathathu abangamaphayona nombhangqwana ovela eCalifornia babika ukuthi baye baba nezicelo eziningi zezifundo zeBhayibheli kangangokuthi babengenakuziqhuba zonke. Ngakho bakhuthaza abathakazelayo ukuba babe khona emihlanganweni eHholo LoMbuso lendawo futhi babhalise ohlwini lwabalinde ukuqhutshelwa izifundo zeBhayibheli. Umfowabo kaYuta uStefan ukhonza ngokwethembeka nebandla elincane edolobheni elihle laseSamaná, elisenyakatho-mpumalanga. Phakathi neminyaka emibili nje, inani labamemezeli boMbuso liye landa ngokuphindwe kabili lapho.
Uthando nentshiseko okuye kwaboniswa yilaba nabanye abaye beza ukuze bazosiza kwaziswa kakhulu. Abazange bamukele inselele yokuza ezweni elisha elinamasiko nemikhuba okuhlukahlukene nje kuphela, kodwa futhi ezimweni eziningi, bamukele inselele yokufunda ulimi olusha ukuze banakekele izidingo ezingokomoya zabantu abanjengezimvu. Imizamo yabo iye yaphumela ekusabeleni okuhle okuvela kubantu bendawo.
Eminye imikhaya yaseDominican iye yashiya ukunethezeka kwasemadolobheni amakhulu futhi yathuthela emaphandleni. Yonke lemikhaya ivuzwa ngokucebile ngenjabulo yokuthola amagugu angempela angabafuni beqiniso abaqotho.
Abafuni bamagugu bekhulu le-15 abazange babalethele izibusiso abantu abayizakhamuzi ezingamaTaino, kodwa babalethela ubugqila nokuhlupheka okukhulu. Ngisho noColumbus ngokwakhe amagugu eWestern Hemisphere awazange amzuzise. Ekugcineni waboshwa futhi waxoshwa kulesisiqhingi asithola wabe esephindiselwa eSpain njengesiboshwa.
Namuhla kuqhubeka olunye uhlobo lokuhlola, futhi kutholakala amagugu abaluleke kakhulu. Abantu bakaJehova bamatasa bafuna abantu abanhliziyo ziqotho abasabela ezindabeni ezinhle zoMbuso. Umphumela uwukuthi isixuku esanda njalo sijabulela inkululeko engalethwa iZwi likaNkulunkulu kuphela. (Johane 8:32) Lesisixuku sibheke phambili esikhathini lapho lelizwe lezintaba, izimpophoma ezinhle, amabhishi amahle, imigede ethakazelisayo kungenakuba ipharadesi eliyisiqhingi nje kuphela, kodwa ingxenye yezwe elisha elihlanganisa umhlaba wonke.—2 Petru 3:13.
[Umbhalo waphansi]
a Ekhiqizwa yi-Watch Tower Bible and Tract Society.
[Ibalazwe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Dominican Republic
[Izithombe ekhasini 24, 25]
Intsha ithola ukubaluleka kwezinto ezingokomoya ngokuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele