Ingabe Ukuxilongwa Kwemplo Yakho Kukulungele?
I-Watch Tower Society ayitusi noma yenzele abantu izinqumo emikhubeni yokwelapha nokuxilongwa. Nokho, uma imikhuba ethile inezici ezingabazekayo ngokwezimiso zeBhayibheli, ingase idinge ukunakisiswa. Khona-ke umuntu ngamunye angahlola ukuthi yini ehilelekile futhi anqume lokho okumelwe akwenze.
Bafowethu Abathandekayo: Ngingathanda ukuthola umbono wenu. [Udokotela othile wezempilo] ubonakala ephumelela kakhulu, kodwa indlela ayisebenzisayo ingenza ngibe nezinsolo. . . . Uyaxilonga ukuze athole ukuthi iyini inkinga. Khona-ke ukuze abone ukuthi nhloboni yomuthi noma ukuthi kumelwe kusetshenziswe ongakanani, usondeza ibhodlela lomuthi esikhunjeni eduze kwedlala noma isitho esithile somzimba. Uzama ukudonsela phansi ingalo yesiguli eyeluliwe. Uhlobo lomuthi noma isilinganiso sawo kunqunywa amandla awadingayo ukuze adonsele ingalo phansi. Lenkolelo-mbono iwukuthi ama-“electron,” njengogesi, ahamba esuka emthini aphume ngesembozo sebhodlela sensimbi aye engxenyeni ethile yomzimba, ayiqinise. Ingabe lokhu kuyefana nokubhula ngamanzi?
LENCWADI evela e-Oregon, e-U.S.A., iphathelene nomkhuba abanye abawusebenzisayo ukuze banqume izidingo zokondleka komzimba, bacabangele izindaba ezingokomzwelo, bahlole inkumbulo, futhi baphendule imibuzo ephathelene nokuphila kwansuku zonke. Kungakhathaliseki ukuthi uvame kangakanani lomkhuba, ingabe izinsolo zombhali walencwadi zicatshangelwe kahle?
Impilo—Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani?
Kusukela endulo, abantu bebezama ukuqonda ukuthi kungani begula nokuthi bangalulama kanjani. Ama-Israyeli ayenenhlanhla ngoba ayazi ukuthi ayeyizoni, futhi ayenemithetho evela kuNkulunkulu eyayiwasiza ukuba agweme ukuthola noma ukusakaza izifo eziningi. (Levitikusi 5:2; 11:39, 40; 13:1-4; 15:4-12; Duteronomi 23:12-14) Nakuba kunjalo, abantu bakaNkulunkulu nabo babelufuna usizo kodokotela bosuku lwabo.—Isaya 1:6; 38:21; Marku 2:17; 5:25, 26; Luka 10:34; Kolose 4:14.
Yeka umehluko owawukhona kubantu baseBabiloni naseGibithe lasendulo! “Odokotela” babo babenamakhambi athile okwelapha asekelwe ezithakweni ezingokwemvelo, nokho, “ukwelapha” kwabo okuningi namuhla kungase kuchazwe ngokuthi ukwelapha okuyinkohliso. Umbhalo waseGibithe we-hieroglyph ukhuluma ngodokotela owelapha ubumpumputhe ngesitaputapu samehlo engulube esenyanyekayo, i-antimony, i-red ocher, noju. Lengxubevange yayithelwa endlebeni yomuntu ogulayo! Ubufakazi basendulo buthi lendlela yokwelapha “yayiphumelela kakhulu.” Kungenzeka ukuthi ukuba kwayo engavamile noma imfihlo kuye kwanezela ngisho nasekuthandweni kwayo.
Ngokuvamile abantu baseBabiloni naseGibithe babesebenzisa amandla okulumba.a Umuntu okhonza njengompristi nodokotela wayengase acele isiguli ukuba siphefumulele emakhaleni emvu, ekholelwa ukuthi amandla athile, angasuka esigulini aye kwesinye isidalwa futhi aveze umphumela. Lemvu yayibulawa, futhi isibindi sayo ngokunokwenzeka sasembula isifo sesiguli noma ikusasa laso.—Isaya 47:1, 9-13; Hezekeli 21:21.
Yiqiniso, udokotela owesaba uNkulunkulu kwa-Israyeli wasendulo wayengenakusebenzisa imikhuba yemimoya. Ngokuhlakanipha uNkulunkulu wayala: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, . . . Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12; Levitikusi 19:26; 20:27) Okufanayo kuyasebenza ezincekwini zikaNkulunkulu ezingamaKristu namuhla. Ukuqapha kufaneleke ngempela.
Eminyakeni yamuva abantu abaningi baye baphendukela ebucikweni “obuhlukile” bokuxilonga nokwelapha. Lokhu ngokuyisisekelo kuyindaba yokuzikhethela komuntu siqu. (Mathewu 7:1; qhathanisa neyabaseRoma 14:3, 4.) Eqinisweni, bekungaba okudabukisayo nganoma imuphi umKristu ukuba abe matasa kakhulu ngezindaba ezingokwempilo eziyimpikiswano kangangokuba lokhu kube okubaluleke ngaphezu kwenkonzo, ewukuphela kwendlela eqinisekile yokusindisa ukuphila. (1 Thimothewu 4:16) IBhayibheli alisho ukuthi ezweni elisha ukugula kuyokwelashwa futhi impilo ephelele ifinyelelwe ngezindlela zokwelapha, amakhambi, izinhlobo ezithile zokudla, noma iziyalezo zokwelapha umzimba nengqondo. Empeleni, ukuphulukiswa okuphelele kuyoza kuphela ngokuthethelelwa kwesono ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo sikaJesu.—Isaya 33:24; IsAmbulo 22:1, 2.
Yimaphi Amandla Ahilelekile?
Yini umKristu angase afune ukuyicabangela lapho enza isinqumo sakhe siqu ngokuphathelene nomkhuba wokuhlolwa kwemisipha okukhulunyelwe encwadini esekuqaleni?
Izindlela ezithile zokuhlola amandla noma ukusabela kwemisipha ziyingxenye yokwelapha okuvamile, futhi bambalwa abangakungabaza ukusebenza kwazo. Ngokwesibonelo, uvendle lungenza imisipha ibe buthaka, futhi ukwelashwa kwalo kungase kuhilele lokho okuthiwa i-kinesiology—“ukuhlola imisipha nokunyakaza kwayo.” I-kinesiology enjalo iyasetshenziswa nasekwelapheni kokulungisa izisulu zokufa kohlangothi. Abantu abaningi bayokuthola kunengqondo ukwelashwa okunjalo.
Kodwa kuthiwani ngokuxilongwa kwemisipha okuchazwe encwadini esekuqaleni kwalesisihloko? Loluhlobo “lwe-kinesiology” luye lwasetshenziswa njengomzamo wokuthola ukuthi ukudla okuthile, amakhambi, noma amavithamini angamsiza yini umuntu noma angamlimaza. Ngokuvamile nakhu okwenziwayo, umuntu welula ingalo yakhe futhi udokotela wezempilo uyidonsela phansi ukuze ahlole amandla emisipha. Ngokulandelayo lomuntu ufaka isakhi esithile sokondla umzimba noma umuthi othile emlonyeni wakhe, phezu kwesisu sakhe, noma esandleni sakhe. Khona-ke imisipha yengalo iphinde ihlolwe. Kuthiwa uma esidinga lesosakhi, ingalo yakhe iyobonakala iba namandla; uma singavumelani naye, imisipha iyoba buthaka.b
Abathile abaye bakuzama lokhu bakholelwa ukuthi kuyasebenza nokuthi umphumela usekelwe emandleni asemzimbeni. Banombono wokuthi kunezinto eziningi isayensi yesimanje engenakuzichaza kodwa ezenzekayo noma eziphawulekayo. Ngakho, bathi kungase kube nemizila yamandla noma ubudlelwane phakathi kwamandla nezinye izinto, ngisho noma odokotela bengakakutholi lokhu noma bakwamukele.
Ngakolunye uhlangothi, incwadi ethi Applied Kinesiology ithi: “Ngezinye izikhathi [izincwadi] zifundisa ukuthi izinto ezithile ezingamakhemikhali, njengezakhi zokondla umzimba, zilinganiswa ngokubamba into ethile esandleni bese kuhlolwa imisipha. Abukho ubufakazi obukhuluma nganoma ikuphi ukwethenjelwa kwaloluhlobo lokuhlola. . . . Isimo sengqondo sefilosofi singaba namandla kangangokuthi umbono walowo owenza lokho kuhlola ungaphazamisa ukuthola ukwaziswa okuqondile ngenqubo yokuhlola.” “Umhloli onokuhlangenwe nakho ekuhlolweni kwemisipha okwenziwa ngezandla kalula angenza imisipha yalowo owenziwa lokhu kuhlola ibonakale ibuthaka ngokwalokho akunqumayo ngokumane nje ashintshe . . . indlela yokuhlola kancane.”
Qaphela!
Nokho, okunye ukuhlolwa kwemisipha kuhilela okwengeziwe. Cabanga lokho okuthiwa “ukuhlolwa ngokwesivumelwano.” Lokhu kungenziwa kwasebekhulile noma ingane ebuthaka kakhulu ukuba ihlolwe. Lapho lowo ohlolwa ngokwesivumelwano ethinta ingane, udokotela wezempilo uhlola ingalo yalowo ohlolwa ngokwesivumelwano. Lokhu kuye kwasebenza ngisho nasezilwaneni zasekhaya; ingalo yalowo ohlolwa ngokwesivumelwano ihlolwa isandla siphezu kwe-collie, iGerman shepherd, noma esinye isilwane sasekhaya esigulayo.
Akukhona okwethu ukwahlulela izenzo ezinjalo, kodwa ungase ubuze, ‘Ingabe lemiphumela ishukunyiswa amandla asemzimbeni?’ Izazi zesayensi ziye zaqinisekisa ukuba khona kwemisebe evela emkhathini, ama-microwave, nezinhlobo ezihlukahlukene zemisebe enozibuthe kagesi. Nokho, ingabe zonke izidalwa, ngisho nezinsana nezilwane zasekhaya, zinamandla angaphakathi kwazo angaphumela ngaphandle futhi aveze umphumela wokuhlolwa komunye umuntu? Abantu baseBabiloni babecabanga ukuthi amandla angaphumela ngaphandle futhi athonye imvu. Ungase uzibuze, ‘Ingabe ngikholelwa ukuthi okuthile okufanayo kungenzeka kubantu noma izilwane namuhla? Noma ingabe imiphumela ingaba nenye incazelo?’
Abanye abelaphi bathi “amandla” omuntu bawalinganisa ngezinto ezinjengensimbi ephothiwe noma ama-pendulum. Cishe lezizinto ziyanyakaza njengoba “isikhungo samandla” omelaphi sihlangana namandla esiguli. Omunye udokotela wezempilo nomlobi kulomkhakha, owake waba isazi sesayensi yezokucwaninga, ngezinye izikhathi uxilonga esebenzisa i-pendulum. Naye uqinisekisa ukuthi angasibona “isikhungo samandla omuntu” noma i-aura enombala okuthiwa izungeza abantu. Uthi usebenzisa “amandla okubona izinto ezingaphakathi” ukuze abone amaqhubu, amangqamuzana egazi, noma amagciwane ngaphakathi emzimbeni, futhi abone izinto zesikhathi esidlule.c
Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, ukulinganisa amandla ngokusebenzisa amandla engalo kuye kwasetshenziswa ukuze kuhlolwe imizwelo. Enye incwadi esakazwa kakhulu yathi: “Uma ufisa ukuhlanganisa nokuhlolwa kwemizwelo okuncane ngesikhathi esifanayo, buza ngokuzwakalayo ‘Ingabe unenkinga?’ bese uphinda wenza ukuhlola. Lokhu ngezinye izikhathi kuyoyenza buthaka ingalo uma isakhi sokondla umzimba singenamsoco.” Abanye basebenzisa ukuhlola okunjalo ‘ukuze bathole ubudala okwaqala kubo ukulimala okungokomzimba, okungokomzwelo noma okungokomoya.’ Kusetshenziselwa futhi ukwenza izinqumo ezihilela ‘ukuvuma nokuphika’ ezindabeni zansuku zonke.
Ngokunokwenzeka, abaningi abenza ukuhlolwa okunjalo kwemisipha (kinesiology) bangase bathi umkhuba wabo uhlukile kulokho okuye kwachazwa, bathi akukho ukusetshenziswa kwemimoya okuhilelekile, noma bathi abakwenzi ukuhlolwa kwemizwelo. Nakuba kunjalo, ingabe nalokho abakwenzayo kusasekelwe enkolelweni yokuthi kunamandla akumuntu ngamunye angahlolwa ngezindlela ezingavamile noma abonwe ngabantu abathile kuphela abathi banamandla akhethekile?
AmaKristu awazithathi kalula izindaba ezinjalo. UNkulunkulu wayala ama-Israyeli: “Ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano—angivumi ububi kanye nemikhosi.” (Isaya 1:13) Lapho lesosizwe sihlubuka, ‘sasibhula, senza imilingo.’ (2 AmaKhosi 17:17; 2 IziKronike 33:1-6) Ngokobufakazi obutholakalayo lesisizwe safuna ukwaziswa ngemidanti ekhethekile, futhi sakhuluma “okuyize.”—Zakariya 10:2.
Okunye ukuhlolwa kwemisipha kungase kube msulwa, kwenziwe ngaphandle kokulimala kwesiguli noma udokotela wezempilo. Nokho, kuyacaca ukuthi okunye ukuhlola kungase kube nezici eziyisimangaliso noma ezingaphezu kwamandla emvelo, njengokubona ngaphakathi kwento, ama-aura ayimfihlakalo, nokusetshenziswa kwama-pendulum. AmaKristu akumelwe enze imikhuba yamandla amangalisayo. Ngakho akufanele afune ngisho ukuba kwenziwe okunjalo kuwo, ngoba awanalo ugqozi lokwazi izinto ezijulile zikaSathane. (IsAmbulo 2:24) Kunalokho, kunesizathu esihle sokuqapha nganoma yini engase ibonakale ihlobene nomkhuba wokusetshenziswa kwemimoya, lokho iZwi likaNkulunkulu elikulahlayo.—Galathiya 5:19-21.
Lokho okwenziwa umelaphi kuwumthwalo wakhe wemfanelo, futhi asiqonde kubukeza nokwahlulela lokho ngamunye akushoyo noma izinqumo zakhe. Ngisho noma wena ungase ube nomuzwa wokuthi eminye yalemikhuba ihilela amandla ayisimangaliso, kuyacaca ukuthi abaningi abaye bakuzama lokhu baye benza kanjalo ngobuqotho obuphelele, bengakuqapheli noma ikuphi ukuhileleka ekusetshenzisweni kwemimoya. Kungenzeka kwakumane kuwukubonakaliswa kwesifiso sabo esiqotho sempilo enhle. Nakuba kunjalo, abathile abaye bahileleka emikhubeni enjalo baye banquma kamuva ukuthi noma iziphi izinzuzo ebezingatholakala bezingakufanele ukuzifaka engozini ngokomoya.
Futhi, umuntu ngamunye kumelwe azinqumele okumelwe akwenze ngokuphathelene nezindaba ezinjalo zomuntu siqu. Nokho, amaKristu kufanele akhumbule umyalo kaNkulunkulu: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Lokho kuyasebenza nasendabeni yezempilo.
USathane umagange ufuna ukuphambukisa izinceku zikaNkulunkulu ekukhulekeleni kweqiniso. UDeveli uyojabula uma engakwazi ukwenza kanjalo ngokwenza amaKristu ajatshuliswe ezinye izithakazelo. Angajabula ngisho nakakhulu uma engase ajatshuliswe izinto eziyimikhuba, noma ezibonakala ziyimikhuba eyisimangaliso engase iwaholele ekusetshenzisweni kwemimoya.—1 Petru 5:8.
Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho kaMose, isimo sengqondo sikaJehova uNkulunkulu ngemikhuba yokulumba asikashintshi. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uNkulunkulu wayala ama-Israyeli ngokuthi kwakungafanele kufunyanwe phakathi kwawo “umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi. . . . Yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova . . . Mawuphelele kuJehova.”—Duteronomi 18:10-13.
Khona-ke, yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ngamaKristu namuhla ukuba ahlome ‘izikhali zonke zikaNkulunkulu ngokuba sibambene nababusi bawomoya bobubi emkhathini’!—Efesu 6:11, 12.
[Imibhalo yaphansi]
a Abantu abaningi basathintana nama-shaman, izinyanga, noma abelaphi abanjengazo. I-shaman “umpristi osebenzisa imilingo ukuze elaphe abagulayo, embule okufihlakele ngokubhula, futhi aqondise izenzakalo.” Inyanga, noma i-shaman, ingase ihlanganise amakhambi nemikhuba yemimoya (isebenzisa amandla ayimfihlakalo). UmKristu oqaphile, othembekile uyokugwema ukuhileleka okunjalo ekusetshenzisweni kwemimoya, ngisho noma kubonakala kusebenza.—2 Korinte 2:11; IsAmbulo 2:24; 21:8; 22:15.
b Lena incazelo evamile, kodwa inqubo yokuhlola ingase yehluke. Ngokwesibonelo, umuntu angase acelwe ukuba acindezele isithupha nonkomba wakhe, bese udokotela wezempilo ezama ukukuhlukanisa.
c Lona wesifazane uyabhala: “Zenzeka kanjani lezizenzakalo ezibonakala ziyisimangaliso? . . . Inqubo engiyisebenzisayo ibizwa ngokuthi ukubeka izandla, ukwelapha kokholo noma ukwelapha okungokomoya. Akuyona nakancane inqubo eyimfihlakalo, kodwa iqondile . . . Wonke umuntu unesikhungo samandla noma i-aura ezungeza futhi ingene ngaphakathi emzimbeni. Lesisikhungo samandla sihlobene ngokuseduze nempilo. . . . UMqondo Ophakeme Wokucabanga uwuhlobo ‘lokubona’ umfanekiso engqondweni yakho ngaphandle kokusebenzisa indlela yakho evamile yokubuka. Akuwona umcabango. Ngezinye izikhathi kubhekiselwa kuwo ngokuthi ukubona ngeso lengqondo.”