Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 12/1 kk. 25-27
  • Abathweswe Iziqu EGileyadi Bashisekela Ukusakaza Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abathweswe Iziqu EGileyadi Bashisekela Ukusakaza Izindaba Ezinhle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkulumo Eyisihluthulelo
  • ISikole SaseGileyadi—Sesineminyaka Engu-50 Sikhona Futhi Siyadlondlobala!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe Zesivuno Somhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Abathweswa Iziqu EGileyadi Baya Kovuna Njengezisebenzi Ezishisekayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Bashukunyiselwa Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 12/1 kk. 25-27

Abathweswe Iziqu EGileyadi Bashisekela Ukusakaza Izindaba Ezinhle

“INTO enhle kunazo zonke ebesingakaze sicabange ngayo.” Leyo indlela u-Anders no-Amalia Groth abazizwa ngayo ngokuqeqeshelwa kwabo ukuba izithunywa zevangeli. Bazwakalisa imizwa yabo bonke abangu-48 abathweswa iziqu ekilasini lama-97 le-Watchtower Bible School of Gilead ngokunezela: “Ukuqeqeshwa eGileyadi kuye kwasishukumisa futhi kwasihlomisa, ngakho sishisekela ukuya ezabelweni zethu ezintsha.”

Singayizwa lenjabulo njengoba abafundi bekhuluma ngesimiso sokuthweswa iziqu; kuhlangene abangu-6 420 ngo-September 4, 1994, beze ngenxa yalesisenzakalo.

“UTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo uvule lesisimiso ngokukhuluma ngesihloko esithi ‘Ukufundiswa UJehova,’” kusho uDavid Abel nomkakhe, uKelli. “Iphuzu esingasoze salikhohlwa yilelo uMzalwan’ uJaracz alisho lapho ethi: ‘Kumelwe sivume ukuthi sibancane uma siqhathaniswa noJehova,’ futhi lokhu ukubonise ngesifundo esinamandla esitholakala kuJobe izahluko 38 no-39. UMzalwan’ uJaracz waveza ukuthi nakuba sesandise ulwazi lwethu lweBhayibheli ngeSikole saseGileyadi, asinazo izimpendulo zayo yonke imibuzo. Kumelwe siqhubeke sitadisha iZwi likaNkulunkulu.”

Manje kukhuluma uChristian no-Angele Coffy: “Isihlabe umxhwele inkulumo enikezwe uMax Larson enesihloko esithi ‘Sibaluleke Ngani Isisekelo Esihle?’ Sikuthandile ukusifanisa kwakhe nesakhiwo esidinga isisekelo esijulile enhlabathini eqinile ukuze lesisakhiwo sihlale simile ngisho nalapho kuzamazama umhlaba. Ngokutadisha ngenkuthalo, singakha ubuhlobo obuseduze noJehova futhi sisekele ukholo lwethu olwazini olujulile ukuze sime siqinile naphezu kobunzima.”

“Inkulumo kaMilton Henschel, umongameli wesikole, ebinesihloko esithi ‘Amasimu Aselungele Ukuvunwa’ iyohlale ikhumbuleka,” kuphawula uGary noLynn Elfers. “Umbhalo oyisihluthulelo, uJohane 4:35-38, ugcizelele ilungelo esinalo lokungena ensimini ebisitshalwe ezinye izisebenzi. Lokhu kuyosishukumisela ukuba sisebenze sinomuzwa wokuphuthuma.” Bevumelana nalokhu, uJan noSirpa Vaahtola baphawula: “UMzalwan’ uHenschel usenze salindela isivuno esingaphambi kwethu ngokunikeza umbiko wamuva ovela eBaltic States. Ukwanda e-Estonia kwakungamaphesenti angu-51, eLatvia kungamaphesenti angu-106, namaphesenti angu-51 eLithuania. Yeka indlela okujabulisa ngayo! Abazalwane lapho bayanxusa eNkosini ukuba ithume izisebenzi ezengeziwe. Siye sajabula ngokukhethekile lapho sizwa lokhu, njengoba sabelwe e-Estonia!”

“UJoel Adams walandela ngesihloko esithi ‘Thembelani KuJehova,’” kukhumbula uKevin no-Evelyn Cortina. “Usixwayise ngokuthi akufanele sicabange ukuthi ngezinye izikhathi singathembela kuJehova kodwa ngezinye sincike ekucabangeni kwethu. Esabelweni sethu siyohlangabezana nezinselele eziningi—impilo, ukudla, ulimi, imikhuba, nokunye. Zonke lezi ziyofuna ukuba sithembele kuJehova.”

Kwalandela uGerrit Lösch, ilungu leNdikimba Ebusayo, owaveza kancane kancane amaphuzu esihloko sakhe esithi “Qhubekani Nibonakalisa Isihe SikaJehova.” U-Alen no-Ann Marie Gokavi bathi: “Uveze ukuthi ukupha izithunywa zevangeli esikanye nazo nalabo esihlanganyela nabo izindaba ezinhle isihe sethu kubonisa ukuvuthwa kobuKristu. Izabelo zasemazweni akude zihilela ukuzidela, kodwa uma isihe singekho, khona-ke ukuzidela kwethu akunakusiza ngalutho.” (Mathewu 9:13) UPeter noFleur Hupston banezela: “UMzalwan’ uLösch uthe kufanele nathi sibe nesihe kubafowethu nodadewethu, ngomqondo ongokomfanekiso, sibabheke ngezibonakude ezifulathelisiwe, ukuze amaphutha abe mancane kunokuba abe makhulu.”

“UJack Redford, omunye wabafundisi baseGileyadi, walandela nenkulumo enesihloko esithi ‘Ingabe Ungakwamukela Ukusolwa?’” kukhumbula uMickey noSherry Minsky. “Uveze ukuthi ukuqhosha kukwenza kube nzima ukwamukela ukusolwa nokuthi uma sisheshe sithinteke lapho sinikezwa iseluleko, siyolahlekelwa izinzuzo zaso. Ube esenikeza ukusikisela okuwusizo okusekelwe encwadini yesiLilo 3:27-31 okuphathelene nokwamukela ukusolwa.” UCharles noJoan Held banezela: “Ngokuvamile asikuqapheli ukushiyeka kwethu siqu; ngakho-ke, kumelwe sibheke ukusolwa njengendlela yokusenza siqaphele izinto ebesingaziqapheli. Ukusolwa noma iseluleko esivela kuJehova siwubufakazi bothando lwakhe ngathi.”

“Omunye umfundisi, u-Ulysses Glass, ukhulume ngesihloko esithi ‘Zuza Ukuhlakanipha Okuwusizo Okuholela Ekuphileni.’ Uye wabuza: ‘Niyokwenzani ngalokho enikufundile?’” kusho uKenneth noLisbeth Ardkäll. “Ube esenza umfanekiso osekelwe kuzAga 30:24-26 ophathelene nembila encane nendlela uJehova ayihlomisele ngayo ukuba iqhubeke iphila. Thina, ngakolunye uhlangothi, asinakho ukuhlakanipha okubangelwa umzwelo, ngakho kudingeka ukuba sizikhandle ukuze sizuze ukuhlakanipha. UJehova usilungiselele konke esikudingayo ukuze senze lokho. Uma nje sisondela kuJehova futhi thina ngabanye sisondelana ngothando, kuningi esiyokufeza.”

Inkulumo Eyisihluthulelo

“UMzalwan’ uKarl F. Klein, oyilungu leNdikimba Ebusayo, ucabangele ngokufudumele iHubo le-19 kanye nathi enkulumweni yakhe ethi ‘Igugu Phakathi Kwamagugu,’” kusho uJay noGwen Abraczinskas. “Uqokomise ukwazisa okujulile komhubi uDavide ngoJehova nothando ayenalo ngeZwi likaNkulunkulu.” “UMzalwan’ uKlein uhlukanise lelihubo laba izingxenye ezintathu,” kuphawula uKeith noDonna Hornback. “Ingxenye 1 (amavesi 1-6) ibonisa ukwazisa kukaDavide indalo kaNkulunkulu, ingxenye 2 (amavesi 7-10) izwakalisa ukwazisa kwakhe ngemithetho kaNkulunkulu, futhi ingxenye 3 (amavesi 11-14) isikhumbuza ukuthi njengoDavide, nathi kufanele sifune ukuba nobuhlobo obuhle noJehova.”

“Silijabulele iphuzu lokuthi ukwesaba uJehova kubalulekile ukuze sigweme okubi. Lokhu kusiholela ekubeni senze okuhle phambi kwakhe,” kusho uDavid noRaylene Long. UFrank noVibeke Madsen bavuma. “Lokho uMzalwan’ uKlein akushilo ngendlela izikhumbuzo, imithetho, nemiyalo kaJehova okuzuzisa ngayo kukufingqa kahle lokho esikufunde eGileyadi,” besho. “Lokho kusenze sazimisela ngisho nangokwengeziwe ukunamathela eZwini likaNkulunkulu esikhathini esizayo nokuliphatha njengendawo okugcinwe kuyo amagugu.”

Ngemva kwalenkulumo eyisihluthulelo, abafundi bathola ama-diploma abo, futhi kwamenyezelwa izabelo zabo zakwamanye amazwe. Ngemva kokuthatha ikhefu ukuze bathole ukudla okulula, bonke baphinde bahlangana bezothamela isimiso santambama. Abathweswe iziqu bahlanganyela ekuphenduleni imibuzo eyayiphakanyiswa phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda esifingqiwe.

“Kube sekulandela ingxenye yabafundi ethi ‘Ukuqeqeshelwa Ukuba Abamemezeli BoMbuso Emhlabeni Wonke,’” kukhumbula uBob noShannon Lakatos. “Ingxenye yokuqala yalesisimiso ibiphathelene nokuhlangenwe nakho kwabafundi enkonzweni yasensimini phakathi nemfundo yezinyanga ezinhlanu. Igxile ekuyisebenziseni ngekhono imibuzo enkonzweni yethu. Ingxenye yengxoxo ibonise izindlela zokubhekana nezinselele nezimo ezishintshayo ekuphileni kwezithunywa zevangeli. Izinkulumo ezintathu zama-slide, awaseCosta Rica, eNdiya, naseMalawi, zisinikeze umbono ngenhlangano kaJehova yomhlaba wonke.”

“Idrama elandele, ethi Yiba Ongokwasezulwini, Hhayi Othanda Izwe, ibonise ithonya elibi izihlobo ezithanda izwe ezinengqondo yokuzibusa ezingaba nalo,” kuphawula uJesse noMichelle Duncan. “Ibonisile ukuthi amaKristu kumelwe abheke iziqondiso zoMbuso Ongokwasezulwini njengezidingekile nezizuzisayo,” kunezela uWenzel noKelly Koula.

Ingoma nomthandazo wokugcina kwaphetha lesisimiso esijabulisayo. Njengoba abathweswe iziqu babehamba bebheke phambili ezabelweni ezingu-18 zakwamanye amazwe, ababekucabanga kwavela kulamazwi okuvalelisa kaTommi noJael Kauko: “Simagange ukuya ezabelweni zethu futhi sisebenzise lokho esikufundile. Kuningi esikuzuzile—manje ithuba lethu lokupha.”

[Isithombe ekhasini 26]

Ikilasi Lama-97 Elithweswa Iziqu Le-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Hong, J.; Hong, D.; Groth, A.; Cortina, E.; Lakatos, S.; Hornback, D.; Acevedo, L.; Coffy, A. (2) Elfers, L.; Gokavi, A.; Ardkäll, L.; Abraczinskas, G.; Knott, K.; Lizer, T.; Abel, K.; Abel, D. (3) Duncan, M.; Gokavi, A.; Held, J.; Hupston, F.; Lakatos, B.; Long, R.; Minsky, S.; Acevedo, E. (4) Ardkäll, K.; Kauko, J.; Vaahtola, S.; Cortina, K.; Carson, N.; Minsky, M.; Lizer, G.; Koula, K. (5) Duncan, J.; Abraczinskas, J.; Vaahtola, J.; Madsen, F.; Madsen, V.; Long, D.; Carson, C.; Elfers, G. (6) Kauko, T.; Hupston, P.; Held, C.; Groth, A.; Hornback, K.; Koula, W.; Knott, D.; Coffy, C.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela