Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 12/1 k. 32
  • Imibono Ekhuthaza Ukholo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibono Ekhuthaza Ukholo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 12/1 k. 32

Imibono Ekhuthaza Ukholo

NJENGOBA ikhulu leminyaka elidlule laliphela, imibono esekela isayensi, ifilosofi, nokushisekela ubuzwe yayiba nomphumela ongemuhle ekukholelweni kuNkulunkulu nasekuphefumlelweni kweBhayibheli.

Kodwa akuyona yodwa lemibono eyayizwakala. Abacwaningi abaningi babona ukuthi kusekuningi okusengashiwo ukuze kusekelwe ukukholelwa kuNkulunkulu kunokusekela ukungakholelwa ebukhoneni bakhe. Ukucwaninga kwaveza nobufakazi obuningi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe.

Omunye ovelele owayenalowombono kwakunguC. T. Russell. Izigidi zafunda incwadi yakhe yango-1886 ethi The Divine Plan of the Ages. Isihloko esinamandla kuyo sasithi “Ukuba Khona KoMdali Ophakene Ohlakaniphile Kuqinisekisiwe.”

Emashumini eminyaka alandela, uRussell wabhala izihloko, amapheshana, nezincwadi ezazinikeza izizathu eziphathekayo zokukholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Lezizihloko zanyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society. Umongameli wayo wesibili uJ. F. Rutherford, wabhala ethi Creation (1927) nezinye izincwadi ezayisekela ngokwengxenye lemibono eyayikhuthaza ukholo.

Leyonhlangano isanda kulungiselela ukwaziswa okusha okwengeziwe mayelana nalezizindaba. OFakazi BakaJehova bangakunikeza khona ukuze ukucabangele.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.

[Izithombe ekhasini 32]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela