Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 11/1 k. 22
  • Ukholo Oluqinile Lwabafowethu BaseRwanda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Oluqinile Lwabafowethu BaseRwanda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 11/1 k. 22

Ukholo Oluqinile Lwabafowethu BaseRwanda

EKUQALENI kuka-1994 izwe lashaqeka njengoba imibiko yokubulawa ngonya kwamanani amakhulu abantu yayifika ivela ezweni lase-Afrika eRwanda. Kwakuqubuke impi yombango enonya—umvuthwandaba wenzondo enamakhulu amaningi eminyaka ikhona.

Bebhekene nokuwohloka okuphelele komthetho nokuhleleka, oFakazi BakaJehova abangu-2 000 nangaphezulu eRwanda baye baphoqeleleka ukuba babaleke ukuze basindise ukuphila kwabo. Cishe abangu-1 300 bathola isiphephelo emakamu ababaleki eZaire naseTanzania engumakhelwane, kodwa abanye abakwazanga ukubaleka kusenesikhathi. Siyadabuka ukubika ukuthi abafowethu nodade abacishe babe ngu-400—kokubili abadala nabantwana, bonke abayizakhamuzi—baye bafa kuloludlame lonya. AmaKristu emhlabeni wonke ayadabuka ngokulahlekelwa yilababagcini bobuqotho abanesibindi futhi bathola induduzo esithembisweni seBhayibheli sovuko.—Johane 11:25.

Abazalwane nodade baseRwanda abasele baye babhekana kanjani nalokhu? Abadala bathunyelwa bevela emazweni amaningi ukuze bazihlolele izinto mathupha. Omunye umbiko wathi abazalwane baseRwanda baye babhekana nalesisimo “ngesizotha nesibindi esikhulu.” Ngokwesibonelo, esinye sezicelo zokuqala zabazalwane kwakuyizincwadi zeBhayibheli. ‘Babonakala bekhathazeke kakhulu ngokudla okungokomoya kunosizo lwezinto ezibonakalayo, nakuba benesidingo esikhulu sezinto eziningi,’ kuphetha lombiko. Futhi nakuba izimo zasekamu zinganethezekile, ‘ingxenye ehlanzeke kunazo zonke yilapho kuhlala khona abafowethu.’

I-Watch Tower Society iye yenza ukuba kube nezimali ezitholakalela ukuthengwa kokudla, izingubo zokulala, izingubo zokwembatha, izicathulo, nemithi yokwelapha. Abafowethu eFrance banikela ngokungagodli, futhi ngasekuqaleni kuka-June, amathani acishe abe mabili empahla athunyelwa kulabafowethu baseRwanda abantulayo.

Akumangalisi-ke ukuthi lezizimo ziye zaphumela ebufakazini obuhle. Ababebukele baye bathintwa iqiniso lokuthi abafowethu baseRwanda bathole usizo olunjalo nokusekela okuvela koFakazi abakanye nabo, futhi baye bakwazi ukuhlanganyela lokhu nabanye. Abanye baye bathi oFakazi bawukuphela kwabantu ababevakashelwa amalungu enkolo yabo!

Usizi lwabafowethu baseRwanda lusikhumbuza ukuthi ‘kulezizinsuku zokugcina,’ abantu bayakuba “nonya” “nobudlova.” (2 Thimothewu 3:1-5; Today’s English Version) Futhi nakuba uJehova engathembisi abantu bakhe ukuvikelwa ngokuyisimangaliso ezingozini ezingokomzimba, uyathembisa ukulondoloza ingokomoya labo nobuhlobo abanabo naye, futhi phakathi nokubusa kukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uthembisa ukubavusa labo abafayo manje. (IHubo 91:1-10) Kwangathi imithandazo yethu yokuba uJehova alondoloze futhi asize abafowethu baseRwanda abasasele phakathi nalesisikhathi sovivinyo ingaqhubeka yenziwa ngokwenzuzo yabo.—IHubo 46:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela