Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 8/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Ukhetha UDavide
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Isaya—INgxenye I
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • UDavide NoGoliyati
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 8/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba uJesu wayengowozalo lukaJese noDavide, kungani ebizwa ngokuthi “impande” yokhokho bakhe uJese noDavide?

Ngokuvamile ucabanga ukuthi impande yomuthi noma yesitshalo iza kuqala kunesiqu noma amagatsha. Ngakho kungase kubonakale sengathi uJese (noma indodana yakhe uDavide) kungathiwa bayimpande uJesu agcina evele kuyo. Nokho, u-Isaya 11:10 wabikezela ukuthi uMesiya ozayo wayezoba “impande kaJese,” futhi eyabaseRoma 15:12 yasebenzisa lesisiprofetho kuJesu Kristu. Kamuva IsAmbulo 5:5 sambiza ngokuthi “iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide.” Kunezizathu zaleziziqu.

IBhayibheli livame ukusebenzisa isitshalo, njengomuthi, ngokomfanekiso. Ngezinye izikhathi lokhu kusekelwe ephuzwini lokuthi njengoba imbewu imila futhi ikhula, izimpande zivela kuqala kunamagatsha, amanye amagatsha, noma izithelo kusekelwa izimpande. Ngokwesibonelo, u-Isaya 37:31 ufundeka kanje: “Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo bayakubuye [bagxilise izimpande, NW] phansi, bathele izithelo phezulu.”—Jobe 14:8, 9; Isaya 14:29.

Uma kulimala impande, wonke umuthi uyawuzwa umphumela. (Qhathanisa noMathewu 3:10; 13:6.) Ngokufanayo, uMalaki wabhala: “Luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti, lungabashiyeli-mpande nagatsha.” (Malaki 4:1) Incazelo isobala—ukunqunywa okuphelele. Abazali (izimpande) babeyonqunywa, kanye nenzalo yabo (amagatsha).a Lokhu kugcizelela umthwalo wemfanelo abazali abanawo ngabantwana babo abancane; ikusasa elihlala njalo labantwana abancane linganqunywa ukuma kwabazali babo phambi kukaNkulunkulu.—1 Korinte 7:14.

Ulimi oluku-Isaya 37:31 nakuMalaki 4:1 lusekelwe ephuzwini lokuthi amagatsha (nezithelo emagatsheni amancane) kuphila ngezimpande. Lokhu kuyisihluthulelo sokuqonda ukuthi kukanjani uJesu ‘eyimpande kaJese’ ‘nempande kaDavide.’

Ngendlela engokwenyama, uJese noDavide babengokhokho bakaJesu; babeyizimpande, yena eyihlumela noma igatsha. U-Isaya 11:1 wathi ngoMesiya ozayo: “Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.” Ngokufanayo, kusAmbulo 22:16, uJesu uzibiza ngokuthi ‘uyinzalo kaDavide.’ Kodwa ubuye azibize ngokuthi ‘uyimpande kaDavide.’ Kungani?

Enye indlela uJesu ‘ayimpande’ kaJese nekaDavide ngayo iwukuthi ngaye uhlu lwabo lozalo luhlala lukhona. Akekho namuhla umuntu ongabonisa ukuthi ungowesizwe sakwaLevi, esakwaDani, noma ngisho esakwaJuda, kodwa singaqiniseka ngokuthi uhlu lukaJese nolukaDavide lusekhona ngenxa yokuthi uJesu uyaphila manje ezulwini.—Mathewu 1:1-16; Roma 6:9.

UJesu futhi wathola isikhundla sokuba iNkosi yasezulwini. (Luka 1:32, 33; 19:12, 15; 1 Korinte 15:25) Lokhu kuyavumelana ngisho nanokuhlobana kwakhe nokhokho bakhe. Esiprofethweni, uDavide wabiza uJesu ngokuthi uyiNkosi yakhe.—IHubo 110:1; IzEnzo 2:34-36.

Okokugcina, uJesu Kristu unikwe amandla njengoMahluleli. Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane ezayo, izinzuzo zesihlengo sikaJesu ziyodlulela kuJese nakuDavide. Ukuphila kwabo emhlabeni ngalesosikhathi kuyoxhomeka kuJesu, oyoba “uYise ongunaphakade.”—Isaya 9:6.

Ngakho-ke, nakuba uJesu avela ohlwini lukaJese noDavide, lokho aseyikho nasazokwenza kumenza afaneleke ukubizwa ngokuthi “impande kaJese” nokuthi “impande kaDavide.”

[Umbhalo waphansi]

a Umbhalo wasethuneni waseFenike lasendulo wasebenzisa ulimi olufanayo. Kunoma ibaphi ababengase bavule leyondawo yokungcwaba wathi: “Kwangathi bangebe nampande phansi nazithelo phezulu!”—Vetus Testamentum, April 1961.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela