Ukugujwa Kwezinsuku Zokuzalwa Kulethe Uchungechunge Lwemiphumela Yokufa
UKUGUJWA kwezinsuku zokuzalwa abantu abaningi namuhla bakubheka njengomkhuba ongenangozi. Kodwa iBhayibheli liyalilahla lelisiko. Phakathi kokunye, imiBhalo ayinalutho olubonisa ukuthi ikhona inceku kaNkulunkulu ethembekile eyake yagubha izinsuku zokuzalwa.
Okuwukuphela kwezinsuku zokuzalwa ezimbili iBhayibheli elikhuluma ngazo kwakungezababusi ababeyizitha zikaNkulunkulu. Emgidini ngamunye kwakubulawa umuntu, ukuze izimenywa zijatshuliswe ukufa kwalowo owayedumaze inkosi. Esenzakalweni sokuqala, uFaro, inkosi yaseGibithe, wabulala induna yakhe yabaphekizinkwa. (Genesise 40:2, 3, 20, 22) Lombusi waseGibithe wenza kanjalo phakathi nomkhosi ngoba wayeyithukuthelele evutha inceku yakhe. Esenzakalweni sesibili, uHerode, umbusi owayeziphethe kabi waseGalile, wanquma ikhanda likaJohane uMbhapathizi ukuze abonise umusa entombazaneni eyayimjabulisile ngokusina kwayo kulomcimbi. Yeka izenzakalo ezenyanyekayo!—Mathewu 14:6-11.
Kodwa alizange yini iBhayibheli ligxilise ukunakekela ezinsukwini zokuzalwa ezimbili kuphela ezivelele? Akunjalo ngempela. Isazi-mlando sasendulo esingumJuda uJosephus siveza ukuthi lezizenzakalo zazingezona eziyingqayizivele. Ubhala ngezinye izenzakalo zalomkhuba wokubulala kwangezinsuku zokuzalwa ngenjongo yokuzijabulisa.
Ngokwesibonelo, ezinye zenzeka ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., lapho amaJuda angu-1 000 000 ebhujiswa futhi angu-97 000 esinda ukuze adingiswe. Endleleni eya eRoma, ujenene Titus ongumRoma wayisa abathunjwa bakhe abangamaJuda eduze kogu lolwandle lwaseKhesariya.
UJosephus uyabhala: “Nakuba uTitus asala eKhesariya, wagubha usuku lokuzalwa komfowabo uDomitian ngenjabulo enkulu, ebulala iziboshwa ezingaphezu kuka-2 500 ngokuzenza zidlale nezilo nangokuzishisa. Ngemva kwalokhu wathuthela eBerytus [eBeirut], ikoloni lamaRoma elalisePhoenicia, lapho agubha khona usuku lokuzalwa kukayise ngokubulala abathunjwa abaningi abengeziwe emibukisweni yomphakathi eyayinemidanti.”—The Jewish War, VII, 37, eyahunyushwa uPaul L. Maier kwethi Josephus: The Essential Writings.
Akumangalisi ukuthi i-Imperial Bible-Dictionary ithi: “AmaHeberu ezikhathi zakamuva abheka ukugujwa kwezinsuku zokuzalwa njengengxenye yokukhulekela izithombe, okuwumbono osekelwa ngokugcwele yilokho ayevame ukukubona ngemikhosi evamile ehlobene nalezizinsuku.”
AmaKristu athembekile ekhulu lokuqala ayengenakuba nawo umuzwa wokuhlanganyela emkhubeni ovezwe ngendlela engamukeleki eBhayibhelini futhi owagujwa amaRoma ngendlela eyayinonya kangaka. Namuhla, amaKristu aqotho ayaqaphela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nezinsuku zokuzalwa kuphakathi kwezinto ezalotshelwa ukuwayala. (Roma 15:4) Ayakugwema ukugubha izinsuku zokuzalwa ngoba ukugujwa okunjalo kunikeza umuntu ukubaluleka okungadingekile. Okubaluleke nangaphezulu, izinceku zikaJehova zikucabangela ngokuhlakanipha ukuvezwa ngendlela engamukeleki kwezinsuku zokuzalwa eBhayibhelini.
[Isithombe ekhasini 25]
Inkundla yaseKhesariya