Umhlangano Waminyaka Yonke
NGO-OCTOBER 1, 1994
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 1, 1994, eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova, e-2932 Kennedy Boulevard, Jersey City, New Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:30 ekuseni, ulandelwe umhlangano weningi waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.
Amalungu eNhlangano kufanele azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho emakhelini awo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso namaphepha okuvota kufinyelele kuwo phakathi no-July.
Amaphepha okuvota, ayothunyelwa kumalungu kanye nezaziso zomhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afinyelele iHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi kuka-August 1. Ilungu ngalinye kufanele ligcwalise futhi libuyise iphepha lalo lokuvota ngokushesha, lisho ukuthi lizoba khona ngokwalo emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okuqinisekile kuleliphuzu, ngoba kuyothenjelwa kulona ekwazini ukuthi obani abayoba khona ngokwabo.
Kulindeleke ukuthi sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nemibiko, siphele ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke ngocingo namanye amahholo.