Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 6/15 kk. 23-27
  • “Ukudoba” Emanzini AseFiji

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukudoba” Emanzini AseFiji
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • “Ukudoba” Emizini YaseFiji
  • “Ukudoba” Ngendlela YasePolynesia
  • Ukuzivumelanisa Nokuphila Komphakathi WamaNdiya
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 6/15 kk. 23-27

“Ukudoba” Emanzini AseFiji

IFIJI—lelogama likwenza ucabange ngepharadesi laseSouth Seas. Amanzi aluhlaza njengesibhakabhaka nanjengotshani, amadwala e-coral, izihlahla zikakhukhunathi eziyendiswa umoya, izintaba eziluhlaza, izinhlanzi ezimibalabala, izithelo nezimbali ezingajwayelekile. Konke lokhu ungakuthola kuyinsada kuleliqoqo leziqhingi eziseSouth Pacific ezingu-300 eziqhele ngamakhilomitha angu-1 800 enyakatho yeNew Zealand. Ngakho, ungase uvume ukuthi iFiji ingaba ipharadesi lasemazweni afudumele elifiswa yinoma ngubani.

Nokho, iFiji ikhanga nangokunye ngaphandle kobuhle bayo bemvelo. Yebo, njengoba nje kunezinhlobonhlobo zezinhlanzi ezihlala emadwaleni e-coral, nasezweni kunezinhlobonhlobo zezinto ezitholakala khona. Mhlawumbe ukuhlukahluka kwezinhlanga zaseFiji kuyingqayizivele kwelase-South Pacific. Emaqenjini amabili amakhulu kakhulu omphakathi wakhona olinganiselwa ku-750 000 kunabaseFiji bendabuko, abadabuka kwelaseMelanesia, namaNdiya azalelwa eFiji, ayisizukulwane sezisebenzi ezavela eNdiya ngezinsuku zamakoloni aseBrithani. Kodwa kukhona nabasesiqhingini saseBanaba, amaShayina, abaseYurophu, abaseziqhingini zaseGilbert, abasesiqhingini saseRotuma, abaseziqhingini zaseTuvalu, nabanye.

Kulomphakathi oxube izinhlanga, oFakazi BakaJehova bamatasa nomsebenzi ‘wokudoba.’ (Marku 1:17) Kuyinselele ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emphakathini oyingxubevange njengalona. Okokuqala, kumelwe kunqotshwe imigoqo yolimi neyamasiko. Nakuba isiNgisi siwulimi oluvamile, izikhathi eziningi kumelwe kusetshenziswe isiFiji, isiHindi, isiRotuma, noma ezinye izilimi.

Kumelwe futhi kusetshenziswe izindlela ezihlukahlukene ukuze kuxoxwe nabezizinda zenkolo ezihlukile. AbaseFiji bendabuko abaningi nabanye abahlala kuleziqhingi bangamalungu amahlelo obuKristu ahlukahlukene. Umphakathi wamaNdiya unamaHindu, amaSulumane, amaSikh, kanti amaHindu yiwona amaningi. Amasonto ayindathane emadolobheni nasemizini, kodwa eziqhingini ezimbili ezinkulu zaseFiji, amathempeli amaningi amaHindu nezindlu zokuthandaza zamaSulumane zenza umehluko.

OFakazi abaningi bendawo bakhule bekhuluma izilimi ezintathu eziyinhloko—isiNgisi, isiFiji, nesiHindi. Ukuba nalelikhono kunenzuzo enkulu emsebenzini ‘wokudoba.’ Ngezinye izikhathi abantu bayamangala ukuzwa umFiji esikhipha ngamakhala isiHindi nomHindu esikhipha ngamakhala isiFiji. Njengoba bebhekene nokungafani kwamasiko, inkolo, nolimi, kudingeka indlela evumelana nezimo ukuze ‘kuhlanganyelwe [izindaba ezinhle] nabanye.’—1 Korinte 9:23.

“Ukudoba” Emizini YaseFiji

AmaFiji endabuko angabantu abanobungane, abangenisa izihambi. Akusabonakali ukuthi cishe eminyakeni engamashumi amahlanu nje edlule kwakudlange izimpi zombango. Eqinisweni, ekufikeni kwabaseYurophu bokuqala, iFiji yayaziwa ngokuthi iziQhingi Zamazimuzimu. Ekugcineni, ngokudlondlobala kwenkosi yakhona yohlanga nokuphenduka kwayo, ukulwa kanye nobuzimu kwaphela. Ukungafani kwezinhlanga kusabonakala kuphela ezinhlotsheni eziningi zezilimi ezitholakala kulezifundazwe ezihlukahlukene, nakuba ulimi lwesiBaua luqondwa kabanzi.

Ngaphandle kweSuva, eyinhloko-dolobha, kukhona amadolobha amaningi kulo lonke elaseFiji. AmaFiji amaningi ahlala emaqoqwaneni emizi aphethwe i-turaga ni koro, noma induna. Lapho kungenwa kulemizi ukuze ‘kuyodotshwa,’ kuyisiko ukuya kulendoda kucelwe imvume yokuhambela ama-bure, noma imizi esendaweni yayo. Akuvamile ukuba kwenqatshwe nemvume, ngaphandle-ke uma umfundisi othile wakuleyomizi ebaphikisa oFakazi BakaJehova. Kunjani ukuhambela umuzi waseFiji?

Uma singena kuyi-bure, sihlala phansi siphambanise imilenze. Isingeniso esihlelwe ngokucophelela, esifana naleso sokudonsa ukunaka kwabantu basemazweni aseNtshonalanga, asisebenzi lapha. Noma ubani ozokhuluma ngoNkulunkulu wamukelekile. Uma ecelwa ukuba alande eyakhe ikhophi yesiFiji yeBhayibheli, umninikhaya usukuma masinyane, athi “tulou” (uxolo), elulele isandla eshalofini alithathe bese efunda ngentshiseko imibhalo ehlukahlukene ezoshiwo isikhonzi esihambele. Nokho, lesimo sengqondo saseFiji sokungenisa izihambi nesenhlonipho sinenselele ngendlela ehlukile. Kudingeka ubuhlakani nekhono elikhulu ukuhilela abaninikhaya engxoxweni, ukubakhuthaza ukuba balandele indaba okuxoxwa ngayo, noma ukubasiza ukuba babone isidingo sokuqhathanisa izinkolelo zabo nezimfundiso zeBhayibheli.

Abaninikhaya abangamaFiji ngokuvamile banesithakazelo kakhudlwana ekuxoxeni ngezihloko eziphathelene nezimfundiso kunokukhuluma ngezimo zenhlalo. Eqinisweni, iningi loFakazi abashisekayo eFiji abangaphezu kuka-1 400 laba nesithakazelo eqinisweni leBhayibheli ngenxa yengxoxo ethile ngombuzo onjengokuthi, Isihogo siyindawo enjani? Obani abaya ezulwini? nokuthi Umhlaba uyobhubha yini? Nokho, ukulandelela isithakazelo esibonisiwe, kudinga ukuvumelana nezimo nokuphikelela. Uma ubuya ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso, uvame ukuthola ukuthi umninikhaya uziyele kuyi-teitei (esivandeni) noma kwenye indawo. Cha, akukhona ukuthi abanandaba nalokho kuhanjelwa into nje umbono wabo ngesikhathi uhlukile. Yebo, koFakazi bendawo lokhu akubonakali kungavamile. Baphikelela ngokuthi babuye ngesinye isikhathi. Awekho amagama emigwaqo noma izinombolo zezindlu ezingabhalwa phansi, ngakho kudingeka ukuba umuntu abe nenkumbulo enhle lapho ephindela.

“Ukudoba” Ngendlela YasePolynesia

Manje-ke, ake ‘siyodoba’ nesikhonzi esijikelezayo, noma umbonisi wesifunda, njengoba ehambela ibandla elincane eRotuma. Leliqoqo leziqhingi ezakhiwa izintaba-mlilo liqhele ngamakhilomitha angu-500 enyakatho yeFiji. Ukuze sifinyelele khona, sigibela indiza ethatha abantu abangu-19. Isiqhingi esikhulu singamakhilomitha-skwele angu-50 kuphela ubukhulu, nenani labantu abangu-3 000. Umgwaqo onesihlabathi ugudla ugu, uxhumanise imizi engu-20. IRotuma ingaphansi kweFiji kodwa inamasiko nolimi oluhlukile. Njengoba bedabuka ePolynesia, abantu bakhona ngokubukeka abafani nabaseFiji abadabuka eMelanesia. Ngokwenkolo, abaningi bangamaRoma Katolika noma amaWeseli.

Njengoba indiza yehla futhi ilungiselela ukuhlala, sibona ukwena kohlaza lwakulesiqhingi. Amagatsha esundu likakhukhunathi amise okwezimpaphe abonakala kuyo yonke indawo. Kunesixuku esikhulu esihlangabeze lendiza efika kanye ngesonto. Phakathi kwaso kuneqembu loFakazi. Sibingelelwa ngemfudumalo, sinikwe nokhukhunathi abambalwa abakhulu abaseluhlaza ababhotshozwe phezulu ukuze siqede ukoma kwethu.

Ngemva kohambo olufushane, sifika ezindaweni zethu zokuhlala. Sekulungiselelwe isidlo esiphekwe emgodini. Silethelwa inyama yengulube eyosiwe, inkukhu, inhlanzi ethosiwe, i-crayfish, nezilimo zakulendawo ezimbiwa phansi, ama-taro. Yeka isiphihli sedili, nokwenza endaweni efana nepharadesi ngaphansi kwezihlahla ezisencane zikakhukhunathi!

Ngosuku olulandelayo sihambela abantu emizini, ebizwa ngokuthi ama-ho’aga ngesiRotuma. Uma sisondela emzini wokuqala, sihlangana nechwane lengulube eleqe kwelinye lamagoqo, lihambe linswininiza. Umninikhaya usibonile siza wabe esesivulela emnyango emoyizela, esibingelela ngokuthi “Noya!” ngesiRotuma, bese esihlalisa phansi. Silethelwa ipuleti likabhanana ovuthiwe, siphinde siphuziswe namanzi kakhukhunathi oluhlaza. Ukwamukela izihambi kuhamba phambili eRotuma.

Lapha abekho abantu abathi uNkulunkulu akekho noma abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Wonke umuntu uyalikholelwa iBhayibheli. Izihloko eziphathelene nenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba zisheshe zibakhange. Umninikhaya umangazwa ukuzwa ukuthi umhlaba ngeke ubhujiswe kodwa uyohlalwa abantu abayohlala kuwo phakade. (IHubo 37:29) Ulandela ngokuseduze uma kufundwa imibhalo yeBhayibheli ekhanyisa leliphuzu, futhi azemukele ngentshiseko izincwadi esimhambisela zona. Njengoba silungiselela ukuhamba, uyabonga ngokumhambela kwethu bese esipha ipulasitiki egcwele ubhanana ovuthiwe esizowudla endleleni. Umuntu angaqhuma ukunona phela uma engashumayela lapha!

Ukuzivumelanisa Nokuphila Komphakathi WamaNdiya

Nakuba namanye amazwe amaningi ayiziqhingi aseSouth Pacific nawo exube izinhlanga, iFiji izihlukele nje kulesici. Kanye nalemiphakathi yaseMelanesia, iMicronesia, nePolynesia kunomunye owavela e-Asia. Phakathi kuka-1879 no-1916, kwalethwa izisebenzi zaseNdiya ezazizosebenza isikhathi esilinganiselwe ukuze zizosebenza emasimini omoba. Lelilungiselelo, elalibizwa ngokuthi i-girmit (isivumelwano), labangela ukufika kwezinkulungwane zamaNdiya eFiji. Izizukulwane zalezisebenzi zenza ingxenye enkulu yezakhamuzi zezwe. Ziye zalondoloza amasiko azo, ulimi, nenkolo.

Ohlangothini olungaphesheya lwesiqhingi esikhulu saseFiji kunedolobha laseLautoka. Lesi isikhungo semboni yomoba yaseFiji nekomkhulu lengxenye enkulu yezakhamuzi zamaNdiya zakulelozwe. Amalungu amabandla amathathu oFakazi BakaJehova lapha kudingeka avumelane ngempela nezimo emsebenzini wawo ‘wokudoba.’ Lapho ehambela endlini ngendlu, umuntu kumelwe akulungele ukushintshashintsha izihloko kuye ngohlanga nenkolo yomninikhaya. Ake sijoyine nanti iqembu loFakazi bakulendawo njengoba lihambela imizi esakazeke phakathi namasimu omoba angaphandle nje kwaseLautoka.

Njengoba sisondela endlini yokuqala, siphawula izindwangu ezibomvu eziboshelwe phezulu oqalwini olude engxenyeni engaphambili yemizi. Lokhu kubonisa ukuthi lomkhaya owamaHindu. Imizi eminingi yamaHindu ihlotshiswe ngezithombe zonkulunkulu bawo. Amaningi anonkulunkulu oyintandokazi, njengoKrishna, futhi ngokuvamile kuba khona nendawana yokuthandaza.a

AmaHindu amaningi akholelwa ukuthi zonke izinkolo zinhle kuphela nje zimane ziyizindlela ezihlukahlukene zokukhulekela. Ngakho, umninikhaya angase alalele ngesizotha, amukele izincwadi ezithile, alethe okuphuzwayo, bese ethatha ngokuthi usewufezile umsebenzi wakhe. Ukuze uphakamise imibuzo efanelekayo yokudonsela abaninikhaya ezingxoxweni eziphumelelayo, ngokuvamile kuyasiza ukwazi izindaba ezithile eziyingxenye yenkolelo yabo. Ngokwesibonelo, ukwazi ukuthi ezinye zezindaba zabo ziveza onkulunkulu babo njengabahlanganyela ezenzweni ezingangabazisa abantu abaningi, singabuza: “Ubungavumelana nokuziphatha komkakho (komyeni wakho) okunjalo?” Impendulo ngokuvamile iwukuthi: “Cha, lutho neze!” Khona-ke, lomuntu angabuzwa lombuzo: “Kufanele yini unkulunkulu enze kanjalo?” Izingxoxo ezinjalo ngokuvamile zivula amathuba okubonisa ukubaluleka kweBhayibheli.

Ukukholelwa ekuzalweni ngokusha, okungesinye sezici zobuHindu, kuyisihloko esihle sengxoxo. Omunye wesifazane ofundile ongumHindu owayesanda kushonelwa uyise wabuzwa: “Ubungathanda yini ukuphinde umbone ubaba wakho njengoba ayenjalo ngaphambili?” Waphendula: “Yebo, lokho bekungaba kuhle kakhulu.” Empendulweni yakhe nasengxoxweni eyalandela kamuva, kwaba sobala ukuthi akeneliswa inkolelo yokuthi uyise manje wayephila kwesinye isimo nokuthi wayengeke aphinde amazi. Kodwa imfundiso yeBhayibheli emangalisayo ngovuko yathinta inhliziyo yakhe.

Amanye amaHindu anayo imibuzo futhi afuna izimpendulo ezanelisayo. Lapho uFakazi othile efika komunye umuzi womHindu, indoda yabuza: “Lingubani igama likankulunkulu wenu?” UFakazi wayifundela iHubo 83:18 futhi wayichazela ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova nokuthi amaRoma 10:13 athi ukuze sisindiswe kumelwe sibize lelogama. Lendoda yahlabeka umxhwele futhi yayifuna ukwazi okwengeziwe. Eqinisweni, yayikulangazelela ngempela ukwazi. Yachaza ukuthi uyise, owayezinikezele kakhulu esithixweni somkhaya, wagula ngemva kokukhuleka phambi kwaso washona ngokushesha ngemva kwalokho. Kwenzeka into efanayo kumfowabo. Yabe isinezela: “Lesiya sithombe sisilethela ukufa, hhayi ukuphila. Ngakho kumelwe ukuba kukhona okungalungile ngokusikhulekela. Mhlawumbe loNkulunkulu, uJehova, angasisiza ukuba sithole indlela eya ekuphileni.” Ngakho kwaqalwa isifundo seBhayibheli nayo, umkayo, nabantwana bayo ababili. Benza intuthuko esheshayo futhi babhapathizwa ngokushesha. Bazishiyile izithombe zabo futhi manje bahamba endleleni kaJehova, uNkulunkulu wokuphila.

Ngokulandelayo sifika emzini womkhaya wamaSulumane. Kubonakala umoya ofanayo wokungenisa izihambi, futhi ngokushesha sesihlaliswe phansi siphethe iziphuzo ezibandayo ngezandla. Asiziboni izithombe zenkolo ezindongeni ngaphandle kwevesi lesi-Arabhu elilengiswe odongeni. Sikhuluma eyokuthi kunokuvumelana phakathi kweBhayibheli neKoran, okungukuthi mayelana nenzalamizi u-Abrahama, nokuthi uNkulunkulu wathembisa u-Abrahama ukuthi zonke izizwe ziyobusiswa ngembewu yakhe. Lesisithembiso siyogcwaliseka ngoJesu Kristu, iNdodana yaKhe. Amanye amaSulumane angawuphikisa umqondo wokuthi uNkulunkulu unendodana. Ngakho, siyachaza ukuthi njengoba nomuntu wokuqala, u-Adamu, ebizwa ngokuthi indodana kaNkulunkulu ngenxa yokuthi wadalwa uNkulunkulu, ngendlela efanayo, noJesu uyiNdodana kaNkulunkulu. UNkulunkulu akamdingi unkosikazi ongokoqobo ukuze abe namadodana anjalo. Ngenxa yokuthi amaSulumane awakholelwa emfundisweni kaZiqu-zintathu, sisebenzisa lelophuzu ekuboniseni ukuthi uJehova uNkulunkulu uphakeme.

Njengamanje sekuyisikhathi sokudla kwasemini, futhi amalungu eqembu lethu asebuyela emgwaqweni, ephuma emasimini omoba, ukuze alindele ibhasi eliphindela edolobheni. Nakuba bekhathele kancane, bonke bavuselelekile ngomsebenzi ‘wokudoba’ wasekuseni. Umzamo owenziwe wokuzivumelanisa nezimo nezinkolelo ezihlukahlukene ubufanelekile ngempela.

Amanzi namadwala aseFiji kugcwele izinhlobo eziningi zezinhlanzi. Ukuze iphumelele, i-gonedau (umdobi) yaseFiji kudingeka ibe nekhono emsebenzini wayo. Kunjalo nangomsebenzi ‘wokudoba’ uJesu Kristu awabela abafundi bakhe. “Abadobi babantu” abangamaKristu kumelwe babe nekhono, benze intshumayelo namaphuzu abo kuvumelane nezinkolelo ezihlukahlukene zezakhamuzi. (Mathewu 4:19) Lokhu kudingeka ngempela eFiji. Futhi imiphumela ibonakala emihlanganweni yaminyaka yonke yoFakazi BakaJehova, lapho abaseFiji, amaNdiya, abaseRotuma, nabantu bezinhlanga ezixubene bekhulekela khona uJehova uNkulunkulu ngobunye. Yebo, isibusiso sakhe siphezu komsebenzi ‘wokudoba’ emanzini aseFiji.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 115-17.

[Ibalazwe ekhasini 23]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Viti Levu

Vanua Levu

Suva

Lautoka

Nandi

0 100 km

0 100 mi

18°

180°

[Isithombe ekhasini 24]

I-“bure,” noma umuzi ovamile

[Isithombe ekhasini 24]

Ithempeli lamaHindu eFiji

[Izithombe ekhasini 25]

“Ukudotshwa” kwabantu okuphumelelayo eFiji

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Fiji Visitors Bureau

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela