Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 6/1 kk. 8-12
  • Usuyitholile Yini Inkolo Yeqiniso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usuyitholile Yini Inkolo Yeqiniso?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Singawazi Kanjani Umbono KaNkulunkulu?
  • Ingabe Bonke Abasebenzisa IBhayibheli Baqinisile?
  • Izimpawu Ezihlukanisayo Zenkolo Yeqiniso
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 6/1 kk. 8-12

Usuyitholile Yini Inkolo Yeqiniso?

“Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu.”—JAKOBE 1:27.

1, 2. (a) Lapho abantu abaningi becabanga, yini enquma ukuthi inkolo yabo ingeyeqiniso? (b) Yini okufanele icatshangelwe ngokungathi sína ekukhetheni inkolo?

SIPHILA enkathini lapho abantu abaningi banelisekile ukunikeza inkolo ingxenye encane yokuphila kwabo uma kuqhathaniswa. Bangase baye ezinkonzweni zenkolo, kodwa bambalwa abakwenza njalo. Abantu abaningi abakholelwa ukuthi zonke ezinye izinkolo azilungile nokuthi eyabo ilungile. Bangamane nje babe nomuzwa wokuthi inkolo yabo ibalungele.

2 Ngenxa yalokhu, ingabe umbuzo othi, Usuyitholile yini inkolo yeqiniso? umane nje usho ukuthi, Usuyitholile yini inkolo oyithandayo? Yini enquma lokho okuthandayo? Umkhaya wakini? Abangane bakho? Imizwa yakho siqu? Uye wawucabangela ngokungathi sína kangakanani umbono kaNkulunkulu ngalendaba?

Singawazi Kanjani Umbono KaNkulunkulu?

3. (a) Ukuze sazi umbono kaNkulunkulu, yini okumelwe sibe nayo? (b) Yimiphi imibuzo okufanele siyibuze ngokuphathelene nokuthi kungani thina ngabanye sikholelwa ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

3 Ukuze sazi lokho uNkulunkulu ngokwakhe akucabangayo, kumelwe sibe nokwambulelwa okuvela kuye. IBhayibheli liyincwadi endala kakhulu ethi yaphefumlelwa uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kodwa kungashiwo yini ngempela ukuthi lencwadi, ngokungafani nazo zonke ezinye, iqukethe isigijimi sikaNkulunkulu saso sonke isintu? Ubungawuphendula kanjani lowombuzo, futhi ngani? Ingabe kungenxa yokuthi abazali bakho babenalowombono? Ingabe kungenxa yesimo sengqondo sabangane bakho? Uye wabuhlola yini ubufakazi ngokwakho? Kungani ungenzi lokho manje, usebenzisa lobufakazi obune obulandelayo?

4. Ngokuphathelene nesilinganiso sokutholakala kwalo, yini ebonisa ukuthi iBhayibheli, kunokuba kube enye incwadi, livela kuNkulunkulu?

4 Isilinganiso sokutholakala kwalo: Isigijimi esivela kuNkulunkulu ngempela futhi esingesawo wonke umkhaya wesintu kufanele sitholakale kuwo. Ingabe lokho kuyiqiniso ngeBhayibheli? Cabangela lokhu: IBhayibheli, lilonke noma ingxenye yalo, manje likhishwa ngezilimi ezingaphezu kuka-2 000. NgokweNhlangano YeBhayibheli YaseMelika, cishe eminyakeni eyishumi edlule izilimi iBhayibheli elanyatheliswa ngazo zenza latholakala kumaphesenti angu-98 omphakathi womhlaba. Njengoba i-Guinness Book of World Records yabonisa, iBhayibheli ngokungangabazeki “liyincwadi esakazwa kabanzi kunazo zonke emhlabeni.” Yilokhu ebesingakulindela ngesigijimi esivela kuNkulunkulu esihloselwe abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe nezilimi. (Qhathanisa nesAmbulo 14:6.) Ayikho enye incwadi emhlabeni enomlando ofana nowalo.

5. Kungani isisekelo esingokomlando seBhayibheli sibalulekile?

5 Ukuba kwalo ngokomlando: Ukuhlola izindaba zeBhayibheli ngokucophelela kwembula enye indlela iBhayibheli elihluke ngayo kwezinye izincwadi ezizisholo ukuthi zingcwele. IBhayibheli liqukethe amaqiniso angokomlando, hhayi izinganekwane ezingenakuqinisekiswa. U-Irwin Linton, njengommeli owayevame ukuhlaziya lokho okwakudingeka njengobufakazi enkantolo yokwahlulela amacala ngokwesiko, wabhala: “Nakuba izindaba ezifundwayo, izinganekwane nobufakazi bamanga kuqikelela ukubeka izenzakalo ezilandiswayo endaweni ethile ekude nasesikhathini esingacacile, . . . izindaba zeBhayibheli zisinikeza usuku nendawo kwezinto ezilandiswa ngokunemba okukhulu.” (Ngokwesibonelo, bheka eyoku-1 AmaKhosi 14:25; Isaya 36:1; Luka 3:1, 2.) Kubantu abangaphendukeli enkolweni ukuze babalekele isimo esingokoqobo kodwa ukuze bathole iqiniso, lena indaba ebalulekile yokucatshangelwa.

6. (a) IBhayibheli limsiza kanjani ngempela umuntu onezinkinga zokuphila? (b) Kungaziphi izindlela ezintathu iBhayibheli elisiza ngazo umuntu ukuba abhekane namaqiniso anzima?

6 Ukuba kwalo elisebenzisekayo: Labo abalihlolisisayo iBhayibheli baqaphela ngokushesha ukuthi imiyalo nezimiso zalo akuklanyelwanga ukubaxhaphaza. Kunalokho, lokhu kuveza indlela yokuphila eletha inzuzo kulabo abanamathela ngokuseduze kukho. (Isaya 48:17, 18) Induduzo eliyinikeza labo abacindezelekile ayiyona engasho lutho, esekelwe kumafilosofi ayize. Kunalokho, isiza abantu ukuba babhekane namaqiniso okuphila anzima. Kanjani? Ngezindlela ezintathu: (1) ngokunikeza iseluleko esinengqondo ngokuphathelene nendlela yokubhekana nobunzima, (2) ngokuchaza indlela yokwamukela ukusekela kothando uNkulunkulu akunikeza izinceku zakhe manje, (3) nangokwambula ikusasa elimangalisayo uNkulunkulu aligcinele labo abamkhonzayo, ebanikeza izizathu ezinengqondo zokuthembela ezithembisweni zakhe.

7. (a) Usebenzisa imibhalo ekhonjwe embhalweni waphansi, chaza impendulo yeBhayibheli kwenye yezindaba eziyinhloko ezikhathaza abantu namuhla. (b) Bonisa indlela iseluleko seBhayibheli esisivikela noma esisisiza ngayo ukuba sibhekane nesimo esicindezelayo.

7 Nakuba ezikhathini eziningi iseluleko seBhayibheli singathandeki phakathi kwalabo abenqaba igunya nabaphishekela ukuphila kokuzitika, abaningi baye baqaphela ukuthi ukuphila okunjalo akuzange kubalethele injabulo yangempela. (Galathiya 6:7, 8) IBhayibheli linikeza izimpendulo eziqondile emibuzweni ephathelene nokukhipha isisu, isehlukaniso, nobungqingili. Iseluleko salo siyisivikelo ekusebenziseni kabi izidakamizwa nophuzo oludakayo kanye nasekungenweni ingculaza ngokumpontshelwa igazi elonakele noma ukuziphatha kobulili okuxekethile. Lisibonisa indlela yokuba nemikhaya ejabulayo. Linikeza izimpendulo ezenza umuntu akwazi ukubhekana nezimo ezicindezela kakhulu ekuphileni, kuhlanganise ukwaliwa amalungu omkhaya aseduze, ukugula okungathi sína, nokufa kothandekayo. Liyasisiza ukuba sikwazi ukuqonda izinto okumelwe zize kuqala ukuze ukuphila kwethu kube nenjongo kunokuzisola.a

8, 9. (a) Yisiphi isiprofetho esikuhlaba umxhwele wena siqu njengesiwubufakazi bokuphefumlelwa kweBhayibheli? (b) Iziprofetho eziseBhayibhelini zibonisani ngokuphathelene nomsuka wazo?

8 Isiprofetho: IBhayibheli liyincwadi yesiprofetho eyingqayizivele, incwadi elandisa ngokuyokwenzeka esikhathini esizayo, futhi ikulandisa ngokuningiliziwe. Labikezela ukubhujiswa kweTire lasendulo, ukuwa kweBabiloni, ukwakhiwa kabusha kweJerusalema, ukuvela nokuwa kwamakhosi amaMede namaPheresiya nawaseGrisi, nezenzakalo eziningi ekuphileni kukaJesu Kristu. Futhi labikezela ngokuningiliziwe izimo zezwe eziye zaba khona kulelikhulu leminyaka, futhi lichaza ukubaluleka kwazo. Libonisa indlela izinkinga ezihlula ababusi abangabantu eziyoxazululwa ngayo, futhi liveza uMbusi oyoletha ukuthula okuhlala njalo nokulondeka kweqiniso esintwini.b—Isaya 9:6, 7; 11:1-5, 9; 53:4-6.

9 Ngokuphawulekayo, iBhayibheli liveza ukuthi ikhono lokubikezela isikhathi esizayo ngokunembile liyindlela yokuhlola ukuba uNkulunkulu kobikezelayo. (Isaya 41:1–46:13) UMuntu ongakwenza noma ongaphefumlela abanye ukuba bakwenze akasona nje isithombe esingaphili. Akayena nje umuntu ozinikele. UnguNkulunkulu weqiniso, futhi incwadi equkethe isiprofetho esinjalo iyiZwi lakhe.—1 Thesalonika 2:13.

Ingabe Bonke Abasebenzisa IBhayibheli Baqinisile?

10, 11. Njengoba kwaboniswa uJesu, nakuba umfundisi engalisebenzisa iBhayibheli, yini engenza ukuba inkolo ayisekelayo ibe engenalusizo?

10 Khona-ke, ingabe kunengqondo—okubaluleke nangaphezulu, ingabe kungokomBhalo—ukuphetha ngokuthi wonke amaqembu enkolo athi asebenzisa iBhayibheli afundisa inkolo yeqiniso? Ingabe wonke umuntu ophatha noma ocaphuna iBhayibheli uqhuba inkolo yeqiniso?

11 Nakuba benalo iBhayibheli, abefundisi abaningi basebenzisa inkolo njengendlela yokuzilethela udumo. Bangcolisa amaqiniso amsulwa ngamasiko namafilosofi abantu. Ingabe ukukhulekela kwabo kuyamukeleka kuNkulunkulu? Kubaholi benkolo ababenza lokho kanye eJerusalema lekhulu lokuqala, uJesu Kristu wasebenzisa ngokufanele amazwi kaNkulunkulu awasho ngomprofethi u-Isaya, ethi: “Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.” (Mathewu 15:8, 9; 23:5-10) Ngokusobala, lolohlobo lwenkolo aluyona inkolo yeqiniso.

12, 13. (a) Ukuziphatha kwamalungu esonto kungamsiza kanjani umuntu ukuba abone ukuthi inkolo yawo ingeyeqiniso yini noma cha? (b) UNkulunkulu uyokubheka kanjani ukukhulekela kwethu uma sikhetha labo abalahlayo ukuba babe abangane bethu? (2 IziKronike 19:2)

12 Kuthiwani uma izithelo ezivezwa izimfundiso zezinkolo ezithile, njengoba zibonakala ekuphileni kwamalungu azo anokuma okuhle, zibolile? ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa: “Xwayani abaprofethi bamanga . . . Niyakubazi ngezithelo zabo. . . . Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.” (Mathewu 7:15-17) Kuyiqiniso ukuthi abantu ngabanye bangakwenza okungalungile futhi badinge ukuqondiswa. Kodwa kuyisimo esihlukile lapho amalungu esonto, ngisho nabefundisi, bezitika ngobufebe nokuphinga, ukulwa, ukudakwa, ukuhaha, ukuqamba amanga, ukukhonza imimoya, ukukhulekela izithombe—okunye noma konke kwalezizinto—kodwa banganikwa seluleko, futhi labo abaqhubeka kulenkambo bengasuswa ebandleni. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi labo abenza izinto ezinjalo kufanele baxoshwe ebandleni; abanakwamukelwa eMbusweni kaNkulunkulu. (Galathiya 5:19-21) Ukukhulekela kwabo akumjabulisi uNkulunkulu, futhi ukukhulekela kwethu akunakumjabulisa uNkulunkulu uma sikhetha ukuba abangane nalabo abalahlayo.—1 Korinte 5:11-13; 6:9, 10; IsAmbulo 21:8.

13 Kusobala ukuthi akuwona wonke amaqembu athi asebenzisa iBhayibheli aqhuba inkolo yeqiniso eliyichazayo. Khona-ke, yini iBhayibheli eliyiveza njengezimpawu ezihlukanisayo zenkolo yeqiniso?

Izimpawu Ezihlukanisayo Zenkolo Yeqiniso

14. (a) Kukuphi lapho zonke izimfundiso zenkolo yeqiniso zisekelwe khona? (b) Izimfundiso zeLobukholwa ngokuphathelene noNkulunkulu nomphefumulo ziphumelela kangakanani kuloluvivinyo?

14 Izimfundiso zayo zisekelwe ngokuqinile emiBhalweni ephefumlelwe. “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa.” (2 Thimothewu 3:16) Kodwa kukuphi lapho iBhayibheli eliNgcwele likhuluma khona ngoZiqu-zintathu weLobukholwa? Futhi kukuphi lapho iBhayibheli lifundisa khona, njengoba kwenza abefundisi, ukuthi abantu banomphefumulo osindayo lapho kufa umzimba wenyama? Wake wamcela yini umfundisi ukuba akubonise lezozimfundiso eBhayibhelini lakho? I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Igama elithi Ziqu-zintathu nemfundiso ecacile ngaye akuveli eTestamenteni Elisha.” (1992, Micropædia, Umqulu 11, ikhasi 928) Futhi i-New Catholic Encyclopedia iyavuma: “Phakathi koFata BobuPhostoli, kwakungenalutho ngisho noluncane olusondela emqondweni onjalo noma kulowombono.” (1967, Umqulu XIV, ikhasi 299) Ngokuphathelene nomqondo weLobukholwa womphefumulo ohlukana nomzimba lapho ufa, izazi zesonto ziyavuma ukuthi lomqondo zawususela kuyifilosofi yamaGreki. Nokho, inkolo yeqiniso ayilishayi indiva iqiniso leBhayibheli ngenxa yefilosofi yabantu.—Genesise 2:7; Duteronomi 6:4; Hezekeli 18:4; Johane 14:28.

15. (a) IBhayibheli limchaza kanjani Lowo okunguyena yedwa okumelwe akhulekelwe? (b) Abakhulekeli beqiniso bazizwa kanjani ngokusondela kuJehova?

15 Inkolo yeqiniso isekela ukukhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. (Duteronomi 4:35; Johane 17:3) Ebeka amazwi kaDuteronomi 5:9 no– 6:13, ngenye indlela uJesu Kristu ngokuqinile wathi: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Mathewu 4:10) Ngokuvumelana nalokho, uJesu wenza igama likaYise laziwa kubafundi bakhe. (Johane 17:26) Ingabe inkolo yakho ikufundisile ukuba ukhulekele uJehova? Ingabe usuyamazi uMuntu obizwa ngalelogama—izinjongo zakhe, imisebenzi yakhe, izimfanelo zakhe—kangangokuba unomuzwa wokuthi ungasondela kuye ngokuqiniseka? Uma inkolo yakho ingeyeqiniso, impendulo inguyebo.—Luka 10:22; 1 Johane 5:14.

16. Ukuba nokholo kuKristu kusho ukuthini kulabo abaqhuba inkolo yeqiniso?

16 Ingxenye ebalulekile yokukhulekela emjabulisayo uNkulunkulu ukuba nokholo eNdodaneni yakhe, uJesu Kristu. (Johane 3:36; IzEnzo 4:12) Lokhu akusho nje ukukholelwa ukuthi waphila noma ukuthi wayengumuntu ovelele. Kuhlanganisa ukwazisa ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngokuphathelene nenani lomhlatshelo wokuphila kukaJesu okuphelele kobuntu nokuqaphela isikhundla sakhe namuhla sokuba iNkosi yasezulwini. (IHubo 2:6-8; Johane 3:16; IsAmbulo 12:10) Uma uhlanganyela nalabo abaqhuba inkolo yeqiniso, uyazi ukuthi ekuphileni kwansuku zonke benza umzamo wokuzidela ukuze balalele uJesu, balingise isibonelo sakhe, futhi bahlanganyele ngokomuntu siqu nangentshiseko emsebenzini awabela abafundi bakhe. (Mathewu 28:19, 20; Johane 15:14; 1 Petru 2:21) Uma lokho kungenjalo ngalabo okhulekela nabo, kudingeka ubheke kwenye indawo.

17. Kungani abakhulekeli beqiniso becophelela ukuba bazigcine bengangcolisiwe izwe, futhi kuhlanganisani lokho?

17 Ukukhulekela kweqiniso akungcoliswa ukuhileleka kwezombangazwe nasezingxabanweni zezwe. (Jakobe 1:27) Ngani? Ngoba uJesu wathi ngokuphathelene nabalandeli bakhe: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) UJesu akazange azigaxe kwezombangazwe, futhi wenqabela abalandeli bakhe ukusebenzisa izikhali zenyama. (Mathewu 26:52) Labo abakufaka enhliziyweni lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ‘abasakufundi ukulwa.’ (Isaya 2:2-4) Uma noma iyiphi inkolo ohlanganyela nayo ngisho ngegama nje ingafanelani nalencazelo, yisikhathi sokuba unqamule bonke ubudlelwane nayo.—Jakobe 4:4; IsAmbulo 18:4, 5.

18. (a) Yini uJohane 13:35 ayichaza njengesici esivelele senkolo yeqiniso? (b) Ungamsiza kanjani umuntu ukuba abone ukuthi iliphi iqembu elenza ngokuvumelana noJohane 13:35?

18 Inkolo yeqiniso ifundisa futhi ibonise uthando olungenabugovu. (Johane 13:35; 1 Johane 3:10-12) Uthando olunjalo akukhulunywa ngalo nje kuphela ezintshumayelweni. Luhlanganisa ndawonye ngokoqobo abantu bazo zonke izinhlanga, wonke amaqembu ezizinda zezomnotho, zonke izilimi, zonke izizwe ebuzalwaneni bangempela. (IsAmbulo 7:9, 10) Ihlukanisa amaKristu eqiniso ezweni eliwazungezile. Uma ubungakenzi kanjalo, iya emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, kanye nasemihlanganweni yabo emikhulu. Babuke lapho besebenza ndawonye bakha elinye lamaHholo abo oMbuso. Bheka indlela abaphatha ngayo kokubili asebekhulile (kuhlanganise nabafelokazi) nentsha (kuhlanganise nalabo abanomzali ongayedwa noma abangenabo nhlobo). (Jakobe 1:27) Qhathanisa lokho okubonayo nalokho oye wakubona kunoma iyiphi enye inkolo. Khona-ke zibuze, ‘Obani abaqhuba inkolo yeqiniso?’

19. (a) Yiliphi ikhambi ezinkingeni zesintu inkolo yeqiniso elisekelayo? (b) Yini okufanele ukuba yenziwa amalungu asenkolweni yeqiniso?

19 Inkolo yeqiniso isekela uMbuso kaNkulunkulu njengekhambi elihlala njalo lezinkinga zesintu. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:4, 5) Ingabe likhona emasontweni eLobukholwa elikwenzayo lokho? Wagcina nini ukuzwa umfundisi echaza uMbuso kaNkulunkulu nalokho imiBhalo ebonisa ukuthi uyokufeza? Ingabe inhlangano oyilungu layo iyakukhuthaza ukuba ukhulume nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi uma kunjalo, ingabe wonke amalungu ayo ayahlanganyela ekukwenzeni? UJesu wafakaza kanjalo; abafundi bakhe bokuqala bakwenza. Nawe ungaba nelungelo lokuhlanganyela kulomsebenzi. Umsebenzi obaluleke kakhulu owenziwayo emhlabeni namuhla.—Mathewu 24:14.

20. Ngaphandle kokubona inkolo yeqiniso, yini okumelwe siyenze?

20 Nakuba kunezinkulungwane zezinkolo, iBhayibheli lisisiza ngokushesha ukuba sisuse ukudideka ukuze sibone inkolo yeqiniso. Kodwa kudingeka senze okungaphezu kokuyibona. Kubalulekile ukuba siyiqhube. Ukuthi lokhu kuhilelani kuzocatshangelwa kabanzi esihlokweni sethu esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukukhipha isisu: IzEnzo 17:28; IHubo 139:1, 16; Eksodusi 21:22, 23. Isehlukaniso: Mathewu 19:8, 9; Roma 7:2, 3. Ubungqingili: Roma 1:24-27; 1 Korinte 6:9-11. Ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa nophuzo oludakayo: 2 Korinte 7:1; Luka 10:25-27; IzAga 23:20, 21; Galathiya 5:19-21. Igazi nokuziphatha okuxekethile: IzEnzo 15:28, 29; IzAga 5:15-23; Jeremiya 5:7-9. Umkhaya: Efesu 5:22–6:4; Kolose 3:18-21. Ukwaliwa: IHubo 27:10; Malaki 2:13-16; Roma 8:35-39. Ukugula: IsAmbulo 21:4, 5; 22:1, 2; Thithu 1:2; IHubo 23:1-4. Ukufa: Isaya 25:8; IzEnzo 24:15. Izinto eziza kuqala: Mathewu 6:19-34; Luka 12:16-21; 1 Thimothewu 6:6-12.

b Ukuze uthole izibonelo zeziprofetho ezinjalo nokugcwaliseka kwazo, bheka izincwadi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, amakhasi 117-61; nethi Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 60-2, 356-62, 181-8. Zombili zikhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

Ubungaphendula Kanjani?

◻ Ekuboneni inkolo yeqiniso, umbono kabani obaluleke kakhulu?

◻ Yibuphi ubufakazi obune obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?

◻ Kungani kungezona zonke izinkolo ezisebenzisa iBhayibheli ezamukelekayo kuNkulunkulu?

◻ Yiziphi izimpawu ezihlukanisayo eziyisithupha zenkolo eyodwa yeqiniso?

[Ibhokisi ekhasini 10]

OFakazi BakaJehova . . .

◆ Basekela zonke izimfundiso zabo eBhayibhelini.

◆ Bakhulekela uNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova.

◆ Baphila ngokuvumelana nokholo lwabo kuJesu Kristu.

◆ Abahileleki kwezombangazwe nezingxabano zezwe.

◆ Bafuna ukubonakalisa uthando olungenabugovu ekuphileni kwansuku zonke.

◆ Basekela uMbuso kaNkulunkulu njengekhambi elihlala njalo lezinkinga zesintu.

[Isithombe ekhasini 9]

IBHAYIBHELI—yini ebonisa ukuthi liqukethe isigijimi sikaNkulunkulu saso sonke isintu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela