“OFakazi BakaJehova Bangivikele!”
PHAKATHI nalezizinsuku zokugcina, abaningi baye bazibonakalisa ‘bengenabumnene, bengathandi okuhle.’ (2 Thimothewu 3:1, 3) U-Isaac, isikhonzi esiyisisebenzi sokuzithandela ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eNtshonalanga Afrika, wakuthola kuyiqiniso lokhu. Uyalandisa:
“Ngo-January 1992, ngangihamba emgwaqweni owendlalekile ongenamuntu ngetekisi elithwala umphakathi nginabanye abagibeli abahlanu. Ngaqala ingxoxo nowesifazane owayehleli eduze kwami, futhi wayamukela ngenjabulo incwajana esekelwe eBhayibhelini engamnika yona.
“Ngokungazelele, cishe ngehora lesine ntambama, kwangena phambi kwethu imoto entsha engenazinombolo, futhi imoto esasihamba ngayo yakhalisa amathayi ilwela ukuma. Amadoda amathathu ayizidlakela, ngayinye iphethe isibhamu, aphuma eqhasha kulena enye imoto futhi avula iminyango yemoto ngendluzula. ‘Phumani, nonke,’ kubhodla enye yawo.
“Enye indoda yahlwitha isikhwama sami sezincwadi. Lapho ibona ukuthi sasinezincwadi zeBhayibheli kuphela, yasiphonsa kude isikhwama. ‘Yini enye onayo?’ ibuza, ingikhombe ngesibhamu sayo. Ngashesha ngayinika imali eyayisesikhwameni sami semali. ‘Yilokhu kuphela onakho?’ ibuza. Ngayitshela ukuthi ngangingomunye woFakazi BakaJehova nokuthi oFakazi abawaqambi amanga. Yahlwitha isikhwama sami semali, yabona ikhadi lami lesibonakaliso le-Watch Tower yase ithi, ‘Kulungile, Watchtower. Linda lapha.’
“Ngokulandelayo, yaphendukela entokazini engangixoxe nayo etekisini. Yashesha yakhipha umgexo wayo futhi yayinika imali eyayisesikhwameni sayo semali. Lapho lesisigcwelegcwele siphawula incwajana eyayisesandleni esivevezelayo salentokazi, sacabanga ukuthi sasihambisana, futhi sayikhomba ngesandla ukuba ime nami.
“Phakathi nalesosikhathi, laba abanye abaphangi abahlomile babehlasela ngonya esasihamba nabo. Bashaya futhi baphanga umshayeli nenye indoda esasihamba nayo. Omunye umphangi wahlwitha umgexo wowesifazane wesibili. Lapho elwa, bamshaya ngonya ekhanda nasesifubeni ngezidunu zezibhamu waze wafa. Owesifazane wesithathu bamdonsa bamkhiphela ngaphandle kwemoto futhi bamdubula esifubeni. Ngokudabukisayo, naye wafa. Yimina nalentokazi eyayinami kuphela esashiywa singenamyocu nhlobo.
“Lapho kamuva omunye umshayeli wemoto owayedlula esigibelisa, lowesifazane othukile wayelokhu ephindaphinda, ‘oFakazi BakaJehova bangivikele!’”