Uyemukelwa Emhlanganweni Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu”!
YEBO, seyifikile imihlangano yesigodi ka-1994 yoFakazi BakaJehova. Kusukela ngo-June 1994 kuze kube u-January 1995, isimiso somhlangano sezinsuku ezintathu sizokwethanyelwa emadolobheni angamakhulukhulu emhlabeni wonke—okokuqala eNyakatho Melika, bese kuba seMpumalanga naseNtshonalanga Yurophu, e-Asia, eMelika Ephakathi kanye neseNingizimu, e-Afrika, e-Australia, naseziqhingini zolwandle.
Yeka isihloko esishukumisa ingqondo—“Ukwesaba UNkulunkulu”! Lokhu akukhona ukwesaba kokukhwantabala komuntu okuphila kwakhe kusengozini kodwa kuwukwesaba uNkulunkulu, ukwesaba okunikeza ukuthula kwengqondo nenjabulo. Isaga seBhayibheli sithi: “Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.” (IzAga 22:4) Ukwesaba uNkulunkulu kungaphumela kanjani ‘engcebweni, nodumo nokuphila’? Lokhu kuyocaca njengoba isihloko somhlangano siningilizwa phakathi nezinsuku ezintathu ezigcwele izinkulumo, izingxoxo, imiboniso, ne-drama.
Umphostoli uPawulu wabhala wathi kufanele “singakuyeki ukuhlangana kwethu.” (Heberu 10:25) OFakazi BakaJehova bakuthatha ngokungathi sína lokhu, bahlangana kathathu isonto ngalinye ukuze bafunde futhi bakhulekele njengebandla. Nokho, umhlangano wesigodi waminyaka yonke ukhethekile. Babheka phambili kuwo ngokulangazela futhi basale bekhuluma ngawo ezinyangeni eziningi ngemva kwalokho. Sikumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo emhlanganweni wabo futhi ujabulele ubuzalwane obufudumele bobuKristu nokwaziswa okubalulekile okungokomoya. Elinye ilungu lebandla loFakazi BakaJehova lasendaweni yakini lizokujabulela ukukutshela ukuthi lomhlangano uzoba kuphi futhi nini eduze kwalapho ukhona.