Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 10/1 k. 21
  • Indlala Eyabikezelwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlala Eyabikezelwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlala Isho Ukuthini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Liyini Ikhambi?
    I-Phaphama!—1996
  • Amanani Andayo Ababaleki
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuthola Indawo Ethi Bona
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 10/1 k. 21

Indlala Eyabikezelwa

EMINYAKENI yamuva nje ukusabalala kwendlala kuye kwanda ngokudabukisayo emibikweni yezindaba zezwe. Kuye kwavela imifanekiso engenakulibaleka yokuhlupheka eTopiya nakwezinye izindawo. Ngo-1992, izisulu zendlala eyinhlekelele yaseSomalia eyabangelwa isomiso nempi zalethwa ekunakekeleni kwezwe. Ngo-September 1992 i-International Herald Tribune yabika ukuthi: “Akekho owaziyo ukuthi bangaki abantu baseSomalia abafile, kodwa inhlangano yeSiphambano Esibomvu ilinganisela lelinani kwabangaphezu kuka-100 000. Amakhulu, uma kungezona izinkulungwane, afa nsuku zonke.”

Lamanani awalidluliseli usizi nobuhlungu obuzwiwa abantu abahilelekile. UYvette Pierpaoli ummeleli waseYurophu we-Refugees International wabhala kumagazini we-UN i-Refugees: “ENew York noma eGeneva, indaba yababaleki ibonakala isobala kakhulu; izinombolo zokuqala zamanani aphawuliwe zinenqwaba yo-zero abenza kube nzima ukuwaqonda. Kodwa ezindaweni eziqhele ngezinkulungwane [zamakhilomitha], emaphethelweni amazwe aneziyaluyalu, uyashaqeka futhi ubukhulu bokuhlupheka bukwenza ukuba ufune ukumemeza.”

Nakuba inhlangano yeSiphambano Esibomvu ithi imizamo yayo yokusiza iSomalia iwusizo olukhulu ukwedlula noma yiluphi olunye usizo lokuthuthukisa inhlalakahle yabantu, izingqapheli eziningi zikhononda ngokuthi lesisimo sisonke asizange sibe wusizo, sifike sekwephuzile. UPierpaoli uyakhala: “Amazwe anikela ayangabaza ukuqhubeka, akhathele ukusiza i-Afrika ewohlokayo. . . . Asola abantu base-Afrika ngokwehluleka kwabo ukuphatha, ukuhaha kwabaholi babo, izimpi ezibonakala zingapheli.”

IBhayibheli labikezela isikhathi lapho kwakuzokuba nendlala “izindawo ngezindawo.” Lendlala, kanye nezinye izenzakalo eziningi, njengezimpi, ukuzamazama komhlaba, nezifo eziwubhadane, kubonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu useduze. (Luka 21:11, 31) IBhayibheli liqhubeka libonisa ukuthi ngaphansi kwaloMbuso kaNkulunkulu wokulunga, kuyoba nenala yokudla yaso sonke isintu. “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni,” kubhala umhubi. “Esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.”—IHubo 72:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela