Ubuhle Obungapheli
“UBUHLE buyaphela; ubuhle buyadlula,” kwasho imbongi uWalter De la Mare. Lokhu kuyiqiniso ngempela endabeni yezimbali ezinhle zomdolofiya eziboniswe lapha kulomfanekiso. Ubuhle bazo buphela ngokushesha.
Umfundi ongumKristu uJakobe wabhala: “Njengembali yotshani [umuntu ocebile] uyakudlula. Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.”—Jakobe 1:10, 11.
Kulelizwe elingaqinisekile, ingcebo ngempela inganyamalala ngokushesha. Ngaphezu kwalokho, umuntu ocebile—njengabo bonke abantu—‘imihla yakhe mifushane, njengembali.’ (Jobe 14:1, 2) UJesu walandisa ngomfanekiso wendoda eyayimatasa iqongelela ingcebo ukuze ikwazi ukuhlala iphumule futhi inethezeke. Kodwa lapho icabanga ukuthi yabe isinakho konke okudingekayo ukuze inethezeke, yafa. UJesu waxwayisa: “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”—Luka 12:16-21.
‘Onothile kuNkulunkulu.’ Ingabe uJesu wayesho ukuthini ngalokho? Umuntu ocebile ngalendlela ‘unengcebo ezulwini’—igama elihle kuNkulunkulu. Ingcebo enjalo akudingeki ukuba iphele. (Mathewu 6:20; Heberu 6:10) Kunokuba afane nembali ebunayo, umuntu onjalo eBhayibhelini ufaniswa nomuthi, omaqabunga awo angabuni. Futhi, siyaqinisekiswa, “nakho konke akwenzayo uyakuba-nenhlanhla kukho.”—IHubo 1:1-3, 6.