Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 7/1 k. 31
  • Wathola Injongo Ekuphileni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wathola Injongo Ekuphileni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Bathola Injongo Ethile Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila Kwabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 7/1 k. 31

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Wathola Injongo Ekuphileni

UJESU uthi uyazazi izimvu zakhe. (Johane 10:14) Uma umuntu enenhliziyo enhle futhi ethanda ukuthula nokulunga, lowomuntu uyodonseleka kubalandeli bakaJesu. Umuntu onjalo uyothola injongo ekuphileni, njengoba kwenza owesifazane othile eBelgium. Nansi indaba yakhe:

“Lapho oFakazi BakaJehova bengqongqoza emnyango wami, ngangicindezeleke kakhulu futhi ngicabanga ukuzibulala. Ngakuthanda lokho oFakazi abakusho ngekhambi lezinkinga zalelizwe eligulayo kodwa angiwuthandanga umqondo wokuthi uNkulunkulu wayehilelekile. Ngase ngiyekile ukuya esontweni eminyakeni eyisishiyagalombili ngaphambili, njengoba ngangizonda ubuzenzisi engangibubona lapho. Nokho, koFakazi, ngabona iqiniso kulokho ababekusho futhi ngaqaphela ukuthi, eqinisweni, kunzima ukuphila ngaphandle kukaNkulunkulu.

“Ngokudabukisayo, ngemva kokuvakashelwa izikhathi ezimbalwa, ukuxhumana noFakazi kwanqamuka. Ngazizwa ngilusizi. Ngabhema amaphakethe amabili kagwayi ngosuku futhi ngaphendukela ngisho nasekusebenziseni imilaliso. Njengoba ngangifuna ukukhulumisana nomkhulu wami osewashona, ngaqala ukusebenzisa imimoya. Yeka indlela engethuka ngayo lapho ngingedwa ebusuku ngiba nokuhlangenwe nakho kokuhlaselwa amademoni ngenxa yalokho! Lokhu kwaqhubeka izinyanga eziningana. Ubusuku ngabunye ngangesaba uma ngicabanga ngokuba ngedwa.

“Khona-ke, ngolunye usuku ngangizihambela nje, ngathatha indlela engingajwayele ukuyisebenzisa, futhi ngazithela esizeni esikhulu sesakhiwo. Okwangimangalisa ukuthi ngabona isixuku esikhulu lapho. Lapho ngisondela, ngabona ukuthi kwakungoFakazi BakaJehova bakha iHholo LoMbuso. Ngakhumbula izikhathi lapho oFakazi bengivakashela ekhaya lami, futhi ngacabanga indlela obekungajabulisa ngayo ukuba izwe lonke belingaphila njengalabantu.

“Ngafisa ngempela ukuthi oFakazi babengabuyela ekhaya lami, ngakho ngakhuluma nabanye kulabo ababesebenza ehholweni. Ngathandaza kuNkulunkulu, futhi ezinsukwini eziyishumi kamuva indoda eyayibonane nami ekuqaleni yafika ekhaya lami. Yasikisela ukuba siqhubeke nesifundo seBhayibheli, futhi ngavuma ngenjabulo. Zisuka nje yangimemela emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ngavuma. Ngangingakaze ngikubone okunjeya! Ngangibafune isikhathi eside abantu abathandanayo futhi abajabulayo. Futhi ekugcineni ngase ngibatholile!

“Ngemva kwalokho ngaya kuyona yonke imihlangano. Cishe ngemva kwamasonto amathathu, ngawuyeka umkhuba omubi wokubhema. Ngalahla izincwadi zami zokufundwa kwezinkanyezi namarekhodi ami omculo wobusathane, futhi ngangizwa ukuthi kancane kancane amademoni ayengidedela. Ngalungisa ukuphila kwami ngendlela evumelana nezindinganiso zikaJehova zeBhayibheli, futhi ngemva kwezinyanga ezintathu ngaqala ukushumayela izindaba ezinhle. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngabhapathizwa. Ngemva kwezinsuku ezimbili ngibhapathiziwe, ngaqalisa inkonzo yamaphayona asizayo.

“Ngibonga uJehova ngazo zonke izinto ezinhle angenzele zona. Ekugcineni ukuphila kwami sekunenjongo. Yebo, igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla engathola kuwo isiphephelo nesivikelo. (IzAga 18:10) Ngempela ngizizwa njengomhubi lapho ebhala iHubo 84:10: ‘Usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.’”

Lona wesifazane onenhliziyo ethobekile wathola injongo ekuphileni. Ngakho noma ubani ofuna uJehova ngenhliziyo enhle angamthola.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela