Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 2/15 k. 32
  • Isihlahla Esisheshe Siqhakaze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihlahla Esisheshe Siqhakaze
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 2/15 k. 32

Isihlahla Esisheshe Siqhakaze

PHAKATHI kwezihlahla zezithelo zasendaweni yaseMedithera, isihlahla se-alimondi singesinye zezihlaba umxhwele kakhulu. Ngasekupheleni kuka-January noma u-February—ngaphambili kakhulu kwezinye izihlahla eziningi—siyavuka ekubhocobaleni kwaso kwasebusika. Futhi yeka ukuphaphama! Sonke isihlahla simbozwa isembatho esihle sezimbali ezibomvana noma ezimhlophe, lezi ezimhlophe zithi azifane nonwele olumhlophe lomuntu osegugile.—Qhathanisa nomShumayeli 12:5.

AmaHeberu asendulo ayebiza isihlahla se-alimondi ngokuthi “esiphaphamayo,” ebhekisela ekuqhakazeni kwaso okusheshayo. Lesici esihlukanisayo sasetshenziswa uJehova ukuze afanekise isigijimi esibalulekile. Ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJeremiya waboniswa umbono wegatsha le-alimondi. Wawusho ukuthini? UJehova wachaza: “Ngihlala ngiphapheme ngokuqondene nokufeza izwi lami.”—Jeremiya 1:12, qhathanisa neNW.

Njengoba nje isihlahla se-alimondi sishesha ‘ukuphaphama,’ ngakho noJehova ngomqondo ongokomfanekiso “ubevuka ekuseni” ukuze athumele abaprofethi bakhe ukuba baxwayise abantu bakhe ngomphumela wokungalaleli. (Jeremiya 7:25) Futhi wayengenakuphumula—‘wayeyohlala ephapheme’—kuze kufezeke izwi lakhe elingokwesiprofetho. Ngakho kwakungo-607 B.C.E., ngesikhathi esimisiwe, lapho isahlulelo sikaJehova sehlela isizwe esihlubukayo sakwaJuda.

Izwi likaNkulunkulu libikezela ukuthi isahlulelo esifanayo siyofikela lesimiso esibi esiphila kuso. (IHubo 37:9, 10; 2 Petru 3:10-13) Ebhekisela esenzweni esinjalo sokwahlulela, umprofethi uHabakuki uyasiqinisekisa: “Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo . . . wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Imbali enhle ye-alimondi isikhumbuza ukuthi uJehova uyohlala ephapheme ngokuqondene nokufeza izwi lakhe.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela