Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 2/15 k. 31
  • ‘Umfazi Wobusha Bakho’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Umfazi Wobusha Bakho’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 2/15 k. 31

‘Umfazi Wobusha Bakho’

“UKUPHINGA cishe kubonakala kuyisenzakalo esivamile.” Zisho njalo izazi eziningi, ngokwe-Los Angeles Times. Ingabe inkulumo enjalo iyakumangaza? Nokho, isazi sezifo zengqondo uFrank Pittman ulinganisela ukuthi cishe amaphesenti angu-50 amadoda kanye namaphesenti asukela kwangu-30 kuya kwangu-40 amakhosikazi abengathembekile. Uma lokhu kuyiqiniso, cishe ingxenye yabo bonke abantu abashadile iyaphinga!

Ingabe lokhu kusho ukuthi ukuziphatha okubi kulungile? Lutho neze! Ukusakazeka kokungathembeki emshadweni akukwenzi kube okulungile—njengoba nje nokwanda kobugebengu basemgwaqweni kungakwenzi ukuphanga othile kube okulungile. Ukuziphatha okubi kuyalimaza. Ngokwesibonelo, isintu namuhla sikhathazwa ubhadane lwezifo eziyingozi ezithathelwana ngobulili zonke ezingalawuleka kalula ukuba abantu bebephila ukuphila kokuziphatha okuhle. Isifo esibulalayo ingculaza besingeke sibangene kangaka abantu ukuba bebengaphili ngokuxekethe kangaka ekuphileni kwabo kobulili.

Ngaphandle kwalokho, ngisho nabantu abaphucukile ‘nabakhanyiselwe’ bezwa ubuhlungu obukhulu lapho abangane babo bomshado bengathembekile. Isenzo esisodwa sokungathembeki emshadweni singabangela amanxeba angathatha ingxenye yakho konke ukuphila komuntu ukuba aphole.

Nokho, iphuzu elibalulekile liwukuthi ukungathembeki ezifungweni zomshado kuwukwedelela uNkulunkulu okubi kakhulu, njengoba ewuMsunguli womshado. IBhayibheli lithi: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke.” Futhi siyaxwayiswa: “Izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.”—Heberu 13:4.

Ngakho, abantu abahlakaniphile balalela amazwi aphefumlelwe: ‘Thokoza ngomfazi wobusha bakho.’ (IzAga 5:18) Bafuna ukuthola ukwaneliseka nenjabulo kubangane babo bomshado. Ngokwenza kanjalo balonda impilo yabo engokomzimba nengokomzwelo, futhi okubaluleke kakhulu, baletha udumo kuMsunguli omkhulu womshado, uJehova uNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela