Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 12/15 kk. 24-28
  • Ukufinyelela “Zonke Izinhlobo Zabantu” EBelgium

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufinyelela “Zonke Izinhlobo Zabantu” EBelgium
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Ukuthatha Isinyathelo Kuqala Kuletha Imiphumela
  • “Thuma Isinkwa Sakho”
  • Inselele Yezilimi
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 12/15 kk. 24-28

Ukufinyelela “Zonke Izinhlobo Zabantu” EBelgium

UMPHOSTOLI uPawulu wakhumbuza amaKristu agcotshiwe akanye nawo ngentando kaNkulunkulu yokuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini oluqondile lweqiniso.” Ukuze lokho kwenzeke kwakufanele athandazele ukuba athole “ukuphila okuzolile nokunokuthula” ukuze akwazi ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kubo bonke abalalelayo.—1 Thimothewu 2:1-4, NW.

Namuhla, ukufinyelela “zonke izinhlobo zabantu” ngezindaba ezinhle kunomqondo okhethekile ngoFakazi BakaJehova eBelgium. Kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II, lelizwe elincane, elinganela kalula eChibini iTanganyika noma engxenyeni yeChibi iMichigan, liye laba nezinguquko ezinkulu esimweni salo sobuzwe nesingokwesiko. Ngaphezu kwemiphakathi yalo emithathu yendabuko—amaFlemish (Dutch), amaFulentshi, namaJalimane—manje eBelgium sekukhona izinhlobonhlobo zamaqembu angokolimi nangokwesiko. Kunabantu abangama-Arabhu, abaseTurkey, amaNdiya, amaShayina, amaFilipino, abaseAfrika, nabaseMelika, ukusho nje abambalwa. Kulinganiselwa ukuthi umuntu oyedwa kwabayishumi eBelgium ungowakwelinye izwe.

Ngaleyondlela, oFakazi eBelgium, njengamaKristu abakanye nawo emhlabeni wonke, babhekene nenselele yokufinyelela “zonke izinhlobo zabantu” ngezindaba ezinhle. Kunjani ukushumayela phakathi kwabantu bobuzwe obunhlobonhlobo kanjalo? Umuntu uyiqalisa kanjani ingxoxo nabantu abanesizinda esihluke ngokuphelele esingokwesiko nesingokwenkolo? Futhi basabela kanjani esigijimini seBhayibheli?

Ukuthatha Isinyathelo Kuqala Kuletha Imiphumela

Ukukhuluma nazo “zonke izinhlobo zabantu” ngezindaba ezinhle zoMbuso kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo nokuvusa amadlingozi. Emigwaqweni ephithizelayo, ezindaweni zezimakethe, ezintweni zokuhamba zomphakathi, endlini ngendlu, abantu abavela kuwo wonke amazwekazi bayatholakala. Ngokuthatha isinyathelo kuqala, ummemezeli woMbuso angayiqalisa kalula ingxoxo, futhi lokhu ngokuvamile kuholela emiphumeleni evuzayo.

Endaweni yokulinda ibhasi, uFakazi othile waqalisa ingxoxo nentokazi yaseAfrika ngokumane nje amomotheke. Ngokushesha lentokazi yazwakalisa intokozo yayo ngokuzwa ngoMbuso kaNkulunkulu, futhi yafuna ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Yamukela omagazini INqabayokulinda nePhaphama! futhi yanikeza loFakazi ikheli layo. Lapho ethi uzoyivakashela ngokushesha, lentokazi yenqaba. “Cha! Cha! Asimise isikhathi esiqondile ukuze ngibe sekhaya lapho ufika.”

Ezinsukwini ezintathu kamuva, lapho loFakazi kumelwe ayihambele, wathola ukuthi wayelilahlile ikheli lalentokazi. Kodwa ekhumbula igama lomgwaqo, wahamba futhi wabuza kuzo zonke izindlu ukuze abone ukuthi wayengeke amthole yini umuntu onegama laseAfrika. Waze wafika ekupheleni komgwaqo engakutholanga lokho ayekufuna. Yeka ukudumazeka okukhulu! Ngokungazelele, njengoba ayelungiselela ukuhamba, njengokungathi yehla phezulu, phambi kwakhe kwakumi yona kanye lentokazi ayeyifuna, futhi kwakuyiso kanye isikhathi ababevumelene ngaso! Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya.

Kuthiwani ngemikhuba, izinkolelo, namasiko ahlukene? Ngokwesibonelo, kuthiwani ngezinkolelo zamaHindu? Nokho, elinye iphayona lakhumbula lokho elalikufunde encwadini Ukubonisana NgemiBhalo. Ithi: “Esikhundleni sokuzama ukubhekana nenkimbinkimbi yefilosofi yamaHindu, nikeza amaqiniso anelisayo atholakala eBhayibhelini eliNgcwele. . . . Amaqiniso acacile aseZwini lakhe ayofinyelela izinhliziyo zalabo abalambele futhi bomele ukulunga.”

Yilokho kanye leliphayona elakwenza lapho lihlangana noKashi, owesifazane ovela eNdiya owamukela isifundo seBhayibheli. UKashi wenza intuthuko eqhubekayo, futhi ngokushesha wayesekhuluma kubo bonke abangane bakhe ngalokho ayekufunda. Ngolunye usuku leliphayona lahlangana nenkosikazi yenxusa elithile, eyabuza: “Ingabe uwena ofundisa uKashi iBhayibheli?” Yeka indlela iphayona elamangala ngayo lapho lentokazi ithi: “Yeka uthisha anguye! Uye wakwazi ukungenelisa emaphuzwini amaningi. Cabanga, yena engumHindu, efundisa mina, umKatolika, iBhayibheli!”

Lapho uhlangana namaFilipino, usheshe uqaphele ukuthi amaningi awo ayalithanda iBhayibheli. Anenhliziyo enhle futhi anomoya wokungenisa izihambi, futhi kulula kakhulu ukuqalisa ingxoxo nawo. Enye intokazi engumFilipino yabemukela ngokunganqikazi omagazini ababili, kodwa njengoba ingumKatolika, yabalahla. Emasontweni athile kamuva yaphinda yamukela omagazini ababili, eyabashiya esikhwameni sayo. Ngobunye ubusuku yazizwa ithanda ukufunda. Ngemva kokufuna okuthile okuthakazelisayo, yathola labomagazini. Ngokungabaza, yaqala ukubafunda, futhi isithakazelo sayo sakhula. Ngokushesha ngemva kwalokho, uFakazi wafika ekhaya layo, futhi lentokazi yabuza imibuzo eminingi. Yayiqala ngqá ukuqhathanisa izinkolelo zayo zobuKatolika nalokho iBhayibheli elikushoyo. Intshumayelo enengqondo, engokomBhalo yayiqinisekisa ukuthi ekugcineni yayisilitholile iqiniso.

“Thuma Isinkwa Sakho”

Eziningi zezakhamuzi zakwamanye amazwe ziseBelgium ngezizathu zebhizinisi noma ukusebenza kwelinye lamahhovisi amanxusa avelele angu-150 noma kuyiEuropean Community Commission. Eziningi zazo zihlala iminyaka embalwa kuphela. Ukufakaza kubo nokutadisha nabo iBhayibheli ekuqaleni kungase kubonakale kungenazithelo. Kodwa iBhayibheli liyasikhumbuza: “Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.” (UmShumayeli 11:1) Ngokuvamile imiphumela iba ngevuza ngokumangalisayo.

Kwabanjalo ngowesifazane othile waseMelika njalo owayethola omagazini bevela kuFakazi othile. Ngokuhamba kwesikhathi loFakazi waphawula inzuzo yokutadisha iBhayibheli njalo, futhi wacela ukufunda naye. Lowesifazane wasemukela isicelo futhi wathuthuka ngokushesha. Ngokushesha wawubona umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga. Ngakho-ke walahla zonke izithombe zenkolo ezazisendlini yakhe. Khona-ke kwafika isikhathi sokuba aphindele eUnited States. Ingabe lokho kwakusho ukuphela kwentuthuko yakhe engokomoya? Cabanga ngentokozo nokumangala loFakazi aba nakho lapho ethola ucingo luvela kuFakazi othile eUnited States emtshela ukuthi lentokazi yayiqhubekile nesifundo sayo, yayinikezele ukuphila kwayo kuJehova uNkulunkulu, futhi yayisibhapathiziwe! Eqinisweni, kakade yayisikhonza njengesikhonzi esiyiphayona elisizayo.

Kwenzeka okufanayo ngoKashi, owesifazane oyiNdiya, nangentokazi engumFilipino okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Lapho uKashi ephindela eNdiya, yena nomyeni wakhe baqalisa futhi isifundo sabo seBhayibheli. Ekugcineni bobabili bazinikezela kuJehova futhi bahlanganyela emsebenzini wokushumayela. Njengoba babehlala endaweni lapho babengekho khona abanye oFakazi, banikela ngekhaya labo ukuze kuqhutshelwe kulo iSifundo Sencwadi Sebandla. UKashi wakhonza njengephayona elisizayo ngezinga impilo yakhe eyayimvumela ngalo, futhi ubeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyisithupha, ezihilela ingqikithi yabantu abangu-31. Ngokufanayo, ngokuhamba kwesikhathi owesifazane waseFilipino wathuthela eUnited States, wathuthukela ekuzinikezeleni nasobhapathizweni, futhi waba yiphayona elivamile. Imiphumela enjalo ejabulisayo iphakathi kweminingi abamemezeli boMbuso eBelgium abayijabulelayo njengoba beqhubeka beshumayela kubantu ensimini yabo.

Inselele Yezilimi

Ukuze kufezwe lomsebenzi wokushumayela kuzo “zonke izinhlobo zabantu,” ihhovisi legatsha kudingeka libe nezincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kwekhulu. Manje sekunamabandla aseBelgium angezilimi eziyishumi. Emabandleni angu-341, angu-61 angezilimi zakwamanye amazwe, futhi kubamemezeli boMbuso abangu-26 000, abangu-5 000 bavela kwamanye amazwe. Elinye ibandla lihlanganisa abesilisa nabesifazane abavela emazweni angu-25 ahlukene. Cabanga ngobuhle bezinhlobonhlobo zabantu abehlukene ngebala nobuzwe emihlanganweni yabo! Nokho uthando nobunye phakathi kwabazalwane kuwubufakazi obunamandla bokuba abafundi abangamaKristu eqiniso.—Johane 13:34, 35.

Njengoba kunezakhamuzi eziningi kangaka eBelgium ezidinga ukuzwa izindaba ezinhle ngezilimi zakwamanye amazwe, abanye abamemezeli baye bamukela inselele yokufunda izilimi ezinzima, njengesiTurkey, isiArabhu, nesiShayina. Imizamo yabo iye yavuzwa ngokucebile.

Labo abasebenza phakathi kwabantu abangama-Arabhu bathola ukuthi ngokuvamile bangavusa isithakazelo ngeBhayibheli ngokuqokomisa ukubaluleka kwalo. Omunye ummemezeli woMbuso waba nengxoxo ethakazelisayo noprofesa ongumArabhu, khona-ke eminyakeni emithathu ngemva kwalokho akakwazanga ukuphinde amthole loprofesa. Njengoba engadumazeki kalula, lommemezeli wanquma ukushiyela loprofesa imibuzo ethile yeBhayibheli. Lokhu kwamhlaba umxhwele kangangokuthi wayezimisele ukuhlola iBhayibheli ngokunenjongo. Kwammangaza kakhulu lokho akuthola kangangokuthi yena nomkakhe, bobabili bengamaMuslim, babekela eceleni izikhathi ezithile zasebusuku ukuze bafunde iBhayibheli ndawonye.

Labo abazama ukusiza abantu abaningi abangamaShayina emadolobheni amakhulu banenye inkinga okudingeka bayinqobe ngaphezu komgoqo wolimi. Abantu abaningi abangamaShayina abakholelwa kuNkulunkulu njengoMdali noma eBhayibhelini njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Nokho, banelukuluku lokufuna ukwazi ukuthi likhuluma ngani. Bangabantu abakuthanda kakhulu ukufunda. Akukhona okungavamile ngabo ukuba bazifunde baziqede noma yiziphi izincwadi zeBhayibheli abashiyelwe zona, noma ngisho bafunde ingxenye enkulu yeBhayibheli, ezinsukwini nje ezimbalwa. Uma inhliziyo yabo iqotho, bashukunyiswa amandla eZwi likaNkulunkulu.

Enye intokazi engumShayina yakuthola kunzima kakhulu ukwamukela umqondo wokuba khona koMdali. Kodwa phakathi nesifundo sesibili, amehlo ayo agcwala izinyembezi lapho ithi: “Manje sengiyakholelwa kuJehova uNkulunkulu, ngoba uma iBhayibheli lalotshwa esikhathini esingaphezu kweminyaka engu-1 600 abantu abangu-40 abahlukene futhi livumelana ngokuphelele ngesihloko esisodwa, khona-ke kumelwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wayeqondisa lokhu kuloba. Lokho kunengqondo kakhulu!”

UFakazi othile waqalisa ingxoxo nenye intokazi engumShayina emotweni ethutha abantu. “Ingabe ungumKristu?” yabuza loFakazi. Khona-ke yathi yayidumazeke kakhulu ngokubona ukuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwalabo abazibiza ngokuthi bangamaKristu. LoFakazi wavumelana nalokho eyayikusho kodwa wachaza ukuthi iBhayibheli aliziphikisi. Khona manjalo lentokazi kwase kufanele yehle emotweni. Yanikeza loFakazi ikheli layo, futhi lapho eyivakashela, lentokazi yababaza: “Ukube ngangazi, ngangiyogibela lemoto esikhathini esingangonyaka ngaphambili!” Lapho ibuzwa ukuthi yayisho ukuthini, lentokazi yachaza: “Kwakungokokuqala ukuba ngiye eyunivesithi ngemoto. Ungacabanga? Ngichithe unyaka wonke!” Yayijabule kakhulu ngokuthi yayikwazi ukufunda iBhayibheli nakuba kwakuyizinyanga ezimbalwa nje ngaphambi kokuba ibuyele eShayina.

Okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kuye kwafundisa oFakazi baseBelgium isifundo. “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,” kusho iBhayibheli, “ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba-zinhle zombili ngokufanayo.” (UmShumayeli 11:6) Imizamo eyenziwayo yokunqoba imigoqo yolimi, isiko, nempucuko iyifanele imiphumela. Ukusabela okushukumisa inhliziyo kufakazela, ngaphezu kwakho konke, ukuthi uNkulunkulu ngempela “akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela