Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 12/15 kk. 19-20
  • INkantolo EPhakeme YaseNigeria Isekela Inkululeko Engokwenkolo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INkantolo EPhakeme YaseNigeria Isekela Inkululeko Engokwenkolo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Ukuquliswa Ezinkantolo Ezihlukahlukene
  • Inkululeko Engokwenkolo Iyanqoba
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 12/15 kk. 19-20

INkantolo EPhakeme YaseNigeria Isekela Inkululeko Engokwenkolo

ABANTU abahlala esigodini esithile baphanga isivuno somlimi. Abanye bahlasela ikhaya lomakhi othile futhi baphanga amathuluzi akhe. Abanye futhi bavimbela owesifazane ukuba athenge futhi adayise. Kungani kukhona ukuxhaphaza okunjalo? Kungenxa yokuthi lezisulu, zonke ezingoFakazi BakaJehova, azibi nengxenye ezinhlanganweni zontanga. ‘Kuphi?’ ungase uzibuze.

Inhlangano yontanga yakhiwa abantu, ngokuvamile besilisa, abazalwa cishe ngesikhathi esifanayo futhi besigodi esisodwa. Amaqembu ontanga avamile empumalanga yeNigeria. Angase asekele umsebenzi womphakathi ngokwezimali, kodwa futhi ahlanganyela ekukhulekelweni kwezithombe futhi enza imikhuba enemicikilisho yemimoya ukuze abonise ukuthi amalungu awo asekhulile. Ngenxa yokuthi iBhayibheli liyayilahla imikhuba enjalo ngamaKristu eqiniso, oFakazi BakaJehova abahlanganyeli namaqembu anjalo.—1 Korinte 10:20, 21; 1 Johane 5:21.

USamuel Okogbue wayesebenza njengomthungi edolobheni laseAba, eNigeria. Ekuqaleni kuka-1978, amalungu eUmunkalu Age Grade Association yaseAlayi afuna ukuba akhokhe “intela” ukuze isize ekwakheni isikhungo sezempilo. NjengomKristu weqiniso, uSamuel uyazikhandla ukuze asize abanye abantu, kodwa ngenxa kanembeza wanqaba ukuhileleka neqembu lontanga. NgoApril 22 walowonyaka, amalungu ayisithupha aleliqembu agqekeza esitolo sakhe futhi aphanga umshini wakhe wokuthunga, athi azowubamba kuze kube yilapho ekhokha lemali. USamuel waphikisa ngokuthi wayengabophekile ukuba akhokhe okuthile njengoba wayengelona ilungu lenhlangano yabo. Lapho bengambuyiseli umshini wakhe wokuthunga, uSamuel wayibika enkantolo lendaba.

Ukuquliswa Ezinkantolo Ezihlukahlukene

ENkantolo Yemantshi Enkulu, iqembu lontanga laphikisa ngokuthi ngenxa yobudala bakhe, ngokuzenzekelayo uSamuel wayengomunye wamalungu alo, unomthwalo wemfanelo wokukhokha noma yiziphi izintela abazibekela zona. Ngaphezu kwalokho, umkhuba wendawo wawuwukuthi uma ilungu lingayikhokhi intela, impahla yalo yayiyophangwa kuze kube yilapho liyikhokha.

Inkantolo yaphikisana nalokhu. NgoFebruary 28, 1980, yanquma ukuthi uSamuel wayengenakuphoqwa ukuba abe yilungu lenhlangano yontanga. IMantshi Enkulu yathi: “Isiko eliphuca isakhamuzi inkululeko yokuzikhethela inhlangano liphikisana noS[ection] 37 woMthetho-sisekelo weFederal Republic yaseNigeria futhi ngenxa yalokho alinakuthola amandla oMthetho.”

Iqembu lontanga ladlulisela lesinqumo eNkantolo ePhakeme futhi lawina. Kuleyonkantolo umahluleli wayala uSamuel ukuba akhokhe intela, ebonisa ukuthi kwakumane kuyindlela yokunikela ekuthuthukeni komphakathi wakubo.

Khona-ke uSamuel wadlulisela icala lalokho ayekubona kuwukuntuleka kobulungisa. INkantolo Yokudlulisela Amacala yasihlehlisa isahlulelo seNkantolo ePhakeme, yanquma ngokuvumelana noSamuel. Lingafuni ukwamukela ukuhlulwa, leliqembu lontanga ladlulisela lelicala eNkantolo ePhakeme yaseNigeria.

Ngalesosikhathi, amalungu eqembu ayekade ematasa esigodini sakubo kaSamuel. Ephikisa ngokuthi oFakazi babemelene nayo yonke imisebenzi yomphakathi, baqinisekisa induna yesigodi ukuba ivimbele imisebenzi yoFakazi BakaJehova kulendawo. Isikhulu sedolobha samemezela ukuthi noma ubani owayenobudlelwano noFakazi BakaJehova wayeyohlawuliswa. OFakazi basemadolobheni angomakhelwane bangenela futhi bacacisa lendaba emadodeni amadala alesigodi. Bachaza ukuthi abantu bakaNkulunkulu babengamelene nhlobo nokuthuthuka komphakathi. Eqinisweni, uSamuel wayeveze amarisidi enkantolo afakazela ukuthi wayenikelile emisebenzini yomphakathi eyayingagqugquzelwa yiqembu lontanga. Khona-ke amadoda amadala esigodi asihoxisa isinqumo sawo sokubandlulula oFakazi.

Inkululeko Engokwenkolo Iyanqoba

Ngo-October 21, 1991, abahluleli abayisihlanu baseNkantolo ePhakeme yaseNigeria banquma ngazwi linye bevumelana noSamuel. Enezela esahlulelweni sangaphambili esasikhishwe uMahlulel’ uPaul Nwokedi, uMahluleli Abubakar Wali wathi: “Akuyona inhlawulo [intela ayibekelwe] ummangalelwa [uSamuel] amelene nokuyikhokha kodwa ukuba yilungu lanoma iyiphi inhlangano, iclub noma iqembu lontanga, njengoba lokhu kumelene nenkolelo yakhe engokwenkolo, njengoba eyilungu [lo]Fakazi BakaJehova.”

Lomahluleli waqhubeka: “UMthetho-sisekelo wango-1963, section 24(1) waqinisekisa kuzo zonke izakhamuzi zaseNigeria inkululeko kanembeza, umcabango, nenkolo. Ummangalelwa unelungelo lokubambelela ezinkolelweni zenkolo yakhe, umcabango nonembeza okumnqabela ekubeni yilungu leqembu loNtanga. Noma yiliphi isiko elibeka okuphambene nalokho liphikisana noMthetho-sisekelo futhi ngokwalelozinga liba yize.”

Kafushane nje, inkantolo yanquma ukuthi akukho-muntu ongaphoqwa ngokomthetho ukuba abe yilungu leqembu lontanga nakuba ukuba yilungu kungase kube yisiko lomphakathi. Yanquma futhi ukuthi akekho umuntu ongaphoqelelwa ngokomthetho ukuba akhokhe izimali enhlanganweni angelona ilungu layo, ngisho nalapho lezozimali zingezokuthuthukisa umphakathi. Khona-ke kulendaba engase ibonakale incane, inkululeko engokwenkolo yabo bonke abantu baseNigeria yasekelwa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela