“Njengebhubesi Elibhodlayo”
INGABE uyakholwa ukuthi ukhona uSathane? Namuhla, abaningi abakholwa. Kubonakala sengathi babheka inkolelo enjalo ‘njengengeyona engokwesayensi.’ Ngisho nasemuva ngo-1911, iEncyclopædia Britannica yathi: “Isayensi iye yazichaza kakhulu eziningi zezinqubo zesimo sangaphandle nesokuphila kwangaphakathi komuntu ngendlela yokuba kungabikho into ethile engamandla ewuSathane.” Izazi zemfundiso yenkolo zithi uSathane umane nje uwuphawu oluthile, inganekwane. IWorld Book Encyclopedia ithi: “Izazi zemfundiso yenkolo eziningi zanamuhla zibheka uDeveli njengowuphawu lwamandla obubi, lwezimfanelo ezimbi kakhulu zesimo somuntu esingokwemvelo.”
Nokho, ayini amaqiniso? Uma ukholelwa eBhayibhelini, kumelwe ukukholelwe ukuthi uSathane ungokoqobo. UJesu akazange nje akholelwe ukuthi wayekhona kodwa wambiza ngokuthi “umbusi wezwe.” (Johane 14:30) Umphostoli uPawulu wabiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (2 Korinte 4:4) Futhi umphostoli uJohane osegugile wathi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19, qhathanisa neNW.
Uma ungavumelani noJohane, cabanga ngomlando wamuva nje. Cabanga ngamaqembu ababulali nokuhlukumeza kohulumeni. Khumbula izimpi nokubulala kwangamabomu okuye kwabonwa isizukulwane sethu. Futhi kuthiwani ngobugebengu obunonya obubhalwa ngamagama agqamile emaphephandabeni ethu—ukubulawa koquqaba, ukudlwengula, ukubulala ngezikhathi ezilandelanayo, ukuxhashazwa kwabantwana ngokobulili, uma nje sibala okumbalwa? Ingabe ukhona omunye ngaphandle kukaSathane ongaba unkulunkulu walelizwe?
Umphostoli uPetru ongumKristu waxwayisa: “[Lindani]. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.” (1 Petru 5:8) Uma bekungakhululwa ibhubesi endaweni ohlala kuyo, ingabe ubungaxoxa ngokuthi likhona yini noma cha? Noma ingabe ubuyobalekela ukuthola indawo yokucasha?
Qiniseka ngokuthi uSathane ukhona. Akanasihe futhi unonya, futhi unamandla kunathi. Ngakho baleka uyofuna isivikelo kuLowo onamandla ngisho nangaphezulu. “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” (IzAga 18:10) Khosela kuJehova uNkulunkulu, futhi yazi ukuthi ngokushesha isintu siyokhululwa ethonyeni lalowo omubi, uSathane. Yeka ukukhululeka kwenjabulo lokho okuyoba yikho!—IsAmbulo 20:1-3.