Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 11/15 k. 32
  • Lokhu Akunakwenzeka!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokhu Akunakwenzeka!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 11/15 k. 32

Lokhu Akunakwenzeka!

“KULULA ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” (Mathewu 19:24) UJesu Kristu washo lokhu ukuze afundise abafundi bakhe isifundo. Umbusi osemusha onothile wayesanda kwenqaba isimemo sokuba abe umlandeli kaJesu futhi ahlanganyele amathuba amaningi amahle angokomoya. Lendoda yakhetha ukubambelela engcebweni yayo eningi kunokulandela uMesiya.

UJesu wayengasho ukuthi akunakwenzeka ngokuphelele ngomuntu onothile ukuba azuze ukuphila okuphakade elungiselelweni loMbuso, ngoba abantu abathile abacebile baba abalandeli bakhe. (Mathewu 27:57; Luka 19:2, 9) Nokho, lokhu akunakwenzeka nganoma yimuphi umuntu onothile onothando olukhulu ngengcebo yakhe kunangezinto ezingokomoya. Umuntu onjalo angathola insindiso evela kuNkulunkulu kuphela ngokukhathalela isidingo sakhe esingokomoya nokufuna usizo lwaphezulu.—Mathewu 5:3, NW; 19:16-26.

Umfanekiso wekamela nentunja yosungulo akufanele ubhekwe ngokoqobo. UJesu wayenza ihaba ukuze agcizelele ubunzima obubhekene nabantu abacebile abazama ukuthokozisa uNkulunkulu kuyilapho belondoloza indlela yokuphila yengcebo, yokuthanda izinto ezibonakalayo.—1 Thimothewu 6:17-19.

Abanye bathi intunja yosungulo kwakuyisango elincane odongeni lomuzi ikamela elalingena ngalo ngobunzima uma imithwalo yalo seyehlisiwe. Kodwa igama lesiGreki elithi rha·phisʹ, elihunyushwe ngokuthi “usungulo” kuMathewu 19:24 nakuMarku 10:25, liphuma esenzweni esisho ukuthi “thunga.” KuLuka 18:25 igama elithi be·loʹne lisho usungulo lokuthunga, futhi lapho iNew World Translation ifundeka kanje: “Eqinisweni, kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo lokuthunga kunokuba umuntu onothile angene embusweni kaNkulunkulu.” Imithombo ehlukahlukene iyakusekela lokhu kuhumusha. UW. E. Vine uthi: “Umqondo wokufanisa ‘intunja yosungulo’ namasango amancane ubonakala ungowesimanje; awunawo umsuka wasendulo.”—An Expository Dictionary of New Testament Words.

Ikamela elikhulu elizama ukungena ngentunja yosungulo lokuthunga oluncane “yihaba laseMpumalanga,” kusho enye incwadi. Futhi ngokuqondene nabanye abahlakaniphe kakhulu kangangokuba babonakala bengenza okungenakwenzeka, iBabylonian Talmud ithi: “Bakhipha indlovu ngentunja yosungulo.” UJesu wenza ihaba elifanelekayo nokuqhathanisa okucacile ukuze agcizelele okungenakwenzeka. Akunakwenzeka ngekamela, noma indlovu, ukuba ingene ngentunja yosungulo lokuthunga. Nokho, ngosizo lwaphezulu, umuntu onothile angawuyeka umbono wokuthanda izinto ezibonakalayo futhi afune ukuphila okuphakade ngeqiniso. Bonke abanesifiso esisuka enhliziyweni sokufunda nokwenza intando kaNkulunulu oPhezukonke, uJehova, nabo bangenza kanjalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela