Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 11/15 k. 31
  • Ukubukeka Kwangaphandle Kungakhohlisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeka Kwangaphandle Kungakhohlisa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 11/15 k. 31

Ukubukeka Kwangaphandle Kungakhohlisa

“AYIHLABI ngakumisa,” kwasho umbhali wemidlalo waseIreland uRichard Sheridan. Lokhu kunjalo emithini nakubantu.

Ngolunye usuku ngasekupheleni kukaMarch ngonyaka ka-33 C.E., uJesu Kristu wabona umkhiwane njengoba yena nabafundi bakhe babehamba besuka eBethaniya beya eJerusalema. Lomuthi wawugcwele amaqabunga, kodwa ukuwuhlolisisa kwembula ukuthi wawungenazo nhlobo izithelo. Ngakho-ke uJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube-phakade.”—Marku 11:12-14.

Kungani uJesu awuqalekisa lomuthi, ngoba njengoba uMarku echaza, “kwakungesiso isikhathi samakhiwane”? (Marku 11:13) Phela, lapho umkhiwane uhluma amaqabunga, ngokuvamile uba namakhiwane aba khona ngaphambi kwesikhathi. Kwakungavamile ukuba umkhiwane ube namaqabunga ngalesosikhathi sonyaka. Kodwa njengoba wawunamaqabunga, uJesu wayekulindele kufanele ukuthola amakhiwane kuwo. (Bheka umfanekiso ongenhla.) Iqiniso lokuthi lomuthi wawuhlume amaqabunga kuphela lalisho ukuthi wawungeke uthele. Ukubukeka kwawo kwangaphandle kwakukhohlisa. Njengoba imithi yezithelo yayikhokhelwa intela, umuthi ongatheli wawungumthwalo ngokwezomnotho futhi kwakudingeka unqunywe.

UJesu wasebenzisa lowomkhiwane ongatheli ukuze afanekisele isifundo esibalulekile esiphathelene nokholo. Ngosuku olulandelayo, abafundi bakhe bamangala ngokubona ukuthi lomuthi wawusubunile kakade. UJesu wachaza: “Kholwani nguNkulunkulu. . . . Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba-nakho.” (Marku 11:22-24) Ngaphezu kokufanekisela isidingo sokuthandaza ngokholo, umkhiwane obunile wakubonisa ngokucacile okwakuyokwenzeka esizweni esasintula ukholo.

Ezinyangeni ezithile ngaphambili uJesu wayefanise isizwe samaJuda nomkhiwane owawungazange uthele iminyaka emithathu futhi owawuzonqunywa uma uqhubeka ungatheli. (Luka 13:6-9) Ngokuqalekisa lomkhiwane ezinsukwini ezine nje ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabonisa indlela isizwe samaJuda esasingathelanga ngayo izithelo ezifanele ukuphenduka futhi ngalokho sifanele ukubhujiswa. Nakuba lesosizwe—njengomkhiwane—ngaphandle sasibukeka sinempilo, ukusihlolisisa kwembula ukuntula ukholo okwaphumela ekwenqabeni uMesiya.—Luka 3:8, 9.

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa ‘ngabaprofethi bamanga’ futhi wathi: “Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:15-20) Lamazwi kaJesu nokulandisa okuphathelene nomkhiwane owaqalekiswa kukubonisa ngokucacile ukuthi sidinga ukuqapha ngokomoya, ngoba ukubukeka kwangaphandle okungokwenkolo nakho kungakhohlisa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela