Obani Abazalwa Ngokusha?
INGABE bonke abantu abalungile baya ezulwini? Abaningi bacabanga kanjalo, kodwa uJesu Kristu akazange avume. Ekhuluma nombusi ongumJuda uNikodemu, oweza kuye ngokunyenya ebusuku, uJesu wathi: “Akakho owenyukele ezulwini.”—Johane 3:13.
Nokho, uJesu wabonisa uNikodemu ukuthi isikhathi sasiyofika lapho abanye abantu babeyoba nethuba lokungena eMbusweni wezulu. Ngalaba uJesu wathi: “Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama, nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithé kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.” Kodwa uNikodemu wazibuza ukuthi umuntu angazalwa kanjani ngokusha.—Johane 3:1-9.
Mhlawumbe nawe futhi uyazibuza ukuthi uJesu wayesho ukuthini. Ingabe amazwi akhe angasebenza ezenzakalweni zokuguquka ngokushesha ezishiwo abaningi abanomuzwa wokuthi baye bagcwaliswa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu?
Imizwelo Kanye Nengqondo
Abanye bathi ukuze kutholakale ukuthi umuntu uye wazalwa ngokusha yini, okubalulekile ukuzwa amandla omoya. Nokho, inhliziyo nengqondo yethu kungasidukisa, ikakhulukazi uma kuthonywe imizwelo enamandla.—Jeremiya 17:9.
UWilliam Sargant, umcwaningi wemiphumela yemizwelo engqondweni, uveza isidingo “sokuqapha ngokumelene nezinkolelo ezitholakala ezimweni lapho imizwelo iphakeme khona lapho izingqondo zethu zingase zisikhohlise.” NgokukaSargant, esinye isibonelo siwumphumela wentshumayelo yomfundisi oqhuba izimvuselelo nezinsongo zesijeziso sesihogo somlilo. Ubani obengakwenqaba ukuzalwa ngokusha ukuze aye ezulwini uma okungalé kwalokho kuwukuhlushwa kwaphakade? USargant uthi ngaphansi kokucindezeleka okunjalo okungokomzwelo, “ukucabanga kubekelwa eceleni, icomputer evamile yobuchopho ingasebenzi okwesikhashana, futhi imibono nezinkolelo ezintsha zamukelwa ngaphandle kokungabaza.”—The Mind Possessed.
Ngakho-ke, umuntu angabona kanjani ukuthi inkolelo yendaba yokuzalwa ngokusha iye “yamukelwa ngaphandle kokungabaza”? Inkambo yokuhlakanipha kweqiniso iwukuqondiswa yikho konke umoya ongcwele kaNkulunkulu owenza abalobi beBhayibheli ukuba bakulobe. AmaKristu akhuthazwa ukuba akhulekele uNkulunkulu ‘ngokuqonda’ futhi kudingeka aqiniseke ukuthi lokho akukholelwayo kuyiqiniso.—Roma 12:1, 2; 1 Thesalonika 5:21.
Ukuzalwa ngokusha kuvula elinye lamalungelo abaluleke kakhulu ake adluliselwa kubantu. Kuhlangene nesenzakalo esiphawuleka ngempela ekufezekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu. Nakuba konke lokhu kuyiqiniso, kuphakama imibuzo enjengalena: Obani abazalwa ngokusha? Kwenzeka kanjani lokhu? Yimaphi amathemba abekwe phambi kwabantu abanjalo? Futhi ingabe yibona kuphela abayosindiswa?
[Isithombe ekhasini 3]
UNikodemu wazibuza ukuthi umuntu angazalwa kanjani ngokusha