Badala—Phathisani Abanye!
WAYEYINDODA enesineke, ethobekile, enomuzwa onamandla wobulungisa othanjiswa okuhlangenwe nakho kwakhe ekuphileni. Kanjalo, amadoda, abesifazane, nabantwana abangaphezu kwezigidi ezintathu babebheka kuye ngokuqiniseka ukuze bathole iseluleko. Wazama ukuba angabadumazi. Kusukela ekuseni kuze kuhlwe, wayelalela izinkinga zabo futhi ebasiza ngesineke ukuba babone indlela imithetho kaNkulunkulu esebenza ngayo esimweni sabo. Yebo, enkathini emfushane, eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, izizwe ezingu-12 zakwaIsrayeli zazehlulelwa indoda eyodwa eyayingasizwa-muntu—uMose.
Nokho, uJetiro, umkhwe kaMose, wayekhathazekile. UMose wayengaba kanjani nethemba lokuqhubeka angakhathali? Ngakho-ke uJetiro wathi: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uyakudinwa nokudinwa, wena nalababantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.” (Eksodusi 18:17, 18) Ikhambi? UJetiro weluleka uMose ukuba aphathise abanye eminye yemithwalo yakhe yemfanelo. (Eksodusi 18:19-23) Iseluleko esihle!
Ebandleni lobuKristu namuhla, kunabadala abaningi labo, njengoMose, abazama ukunakekela okungaphezu kwalokho abangakufeza bebodwa. Bahlela imihlangano futhi balungiselele bese bethula izingxenye zesimiso ngendlela ehlelekile, ephumelelayo. (1 Korinte 14:26, 33, 40; 1 Thimothewu 4:13) Abadala banakekela nezidingo zamalungu ngamanye ebandla. (Galathiya 6:1; 1 Thesalonika 5:14; Jakobe 5:14) Bayahola emsebenzini obaluleke kakhulu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14; Heberu 13:7) Futhi, bahlela ukutholakala kwezincwadi ebandleni ukuze zisakazwe emphakathini.
Ngaphezu kwalokho, abanye abadala babelwa izingxenye ezimisweni zemihlangano yesifunda neyesigodi. Bakhonza ekuhlelweni kwemihlangano emikhulu nasemakomitini okubonisana nezibhedlela. Abanye basiza ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. Futhi konke lokhu akuhlanganisi imithwalo yabo yemfanelo yomkhaya nesidingo sabo sokuzondla ngokomoya. (Qhathanisa noJoshuwa 1:8; IHubo 110:3; 1 Thimothewu 3:4, 5; 4:15, 16.) Amadoda anjalo angamaKristu akwenza kanjani konke lokhu? NjengoMose kumelwe athole usizo. Kumelwe afunde ukuphathisa abanye. Ngempela, umuntu ongabaphathisi abanye ungumuntu ongakwazi ukuhlela.
Ukubaluleka Kokuqeqesha Abanye
Kunezinye izizathu zokuphathisa abanye. Emfanekisweni kaJesu wamatalenta, inkosi, ngaphambi kokuthatha uhambo olude, yabiza izinceku zayo futhi yaziphathisa imithwalo yemfanelo ehlukahlukene. (Mathewu 25:14, 15) Ngokwenza kanjalo, lenkosi yakwazi ukufinyelela imigomo eminingana. Okokuqala, lapho ingekho, izinceku zayo zayibambela isikhundla sayo futhi umsebenzi odingekile awuzange ume lapho ingekho. Okwesibili, njengoba izenzo zikhuluma kangcono kunamazwi, lenkosi yayingase ikwazi ukuphawula amakhono nobuqotho bezinceku zayo. Okwesithathu, lenkosi yanikeza izinceku zayo ithuba lokuzuza okuhlangenwe nakho okudingeka kakhulu.
Lomfanekiso usho okuthile kithina namuhla. Lapho uJesu esehamba emhlabeni, wanikeza abafundi bakhe abagcotshiwe umthwalo wemfanelo. Abaseleyo balaba basenomthwalo wemfanelo wokunakekela izithakazelo zoMbuso zomhlaba wonke. (Luka 12:42) Phakathi nomsebenzi wobunceku wosuku lwanamuhla wabagcotshiwe, isibusiso sikaJehova siye saba sobala phezu kwenhlangano yakhe. Ngenxa yalokho, iye yanda ngokumangalisayo. Phela, eminyakeni nje emihlanu edlule, abasanda kuhlanganyela abangaphezu kakhulu kwesigidi baye babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngobhapathizo lwamanzi! Lokhu kuye kwaphumela ezinkulungwaneni zamabandla amasha nasemakhulwini ezifunda ezintsha.
Njengoba uJesu Kristu aphathisa ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ imithwalo yemfanelo, nayo ngokufanayo iye yabela abadala nezinceku ezikhonzayo ‘zezinye izimvu’ imithwalo yemfanelo yebandla. (Mathewu 24:45-47; Johane 10:16) Nakuba kunjalo, kudingeka amadoda azinikezele engeziwe ukuze anakekele lokhu kwanda okukhulu. Ayovelaphi? Abadala kumelwe awaqeqeshe. Kodwa abadala bangawaqeqesha kanjani amadoda anjalo uma bengaphathisi abantu ngabanye ababonisa ikhono imithwalo yemfanelo? Kungayiphi enye indlela abadala benethuba lokuqaphela amakhono nokwethembeka kwamadoda asemasha?
Kusho Ukuthini Ukuphathisa Abanye?
Kwabanye, “ukuphathisa abanye” kusho ukwethula, ukugwema, ukunganaki, noma ukulahla imithwalo yabo yemfanelo. Nokho, lapho kusetshenziswa ngokufanele, “ukuphathisa abanye” ngempela kuyindlela yokufeza imithwalo yemfanelo. Isenzo sesiZulu esithi “phathisa abanye” sichazwa ngokuthi, “ukuphathisa omunye; ukumisa njengommeleli; ukwabela umthwalo wemfanelo noma igunya.” Nakuba kunjalo, ekugcineni ophathisa abanye uhlala enomthwalo wemfanelo ngalokho okwenziwayo.
Abanye bangase bakugweme ukuphathisa abanye ngoba besaba ukuthi bayophelelwa igunya. Nokho, ukuphathisa abanye akusho ukuphelelwa igunya. Nakuba engabonakali futhi ebusa esemazulwini, uKristu Jesu unegunya kakhulu ebandleni lobuKristu. Yena futhi, uphathisa amadoda anokuhlangenwe nakho ibandla.—Efesu 5:23-27; Kolose 1:13.
Abanye bangase bangakuthandisisi ukuphathisa abanye ngoba benomuzwa wokuthi bangazenzela lowomsebenzi ngokushesha. Nokho, uJesu wakubona ukubaluleka kokuqeqesha abanye. Akukho-muntu emhlabeni owayefundisa ngokuphumelela ngokwengeziwe kunoJesu. (Johane 7:46) Nokho, ngemva kokunikeza iziyalezo kwabangu-70 babafundi bakhe, wabathumela emsebenzini wokushumayela. Nakuba babengenakukwazi ukulingana noJesu ngekhono lokufundisa, babuya bechichima injabulo ngenxa yokuphumelela kwabo. UJesu wathokoza kanye nabo futhi wabancoma, ngoba wayazi ukuthi babeyoqhubeka nalomsebenzi isikhathi eside ngemva kokuhamba kwakhe futhi ekugcineni babeyofeza okungaphezu kwalokho ayengakufeza lapho esebenza yedwa.—Luka 10:1-24; Johane 14:12.
Ukuphathisa abanye kusho futhi ukuthola usizo olunemininingwane edingekile. Ngosuku olungaphambi kokuba uJesu afe, wabela uPetru noJohane ukuba benze amalungiselelo adingekile esidlo sakhe sokugcina sePhasika. (Luka 22:7-13) UJesu akuzange kudingeke akhathazeke ngokuthengwa kwewundlu, iwayini, isinkwa esingenamvubelo, nemifino ebabayo; futhi akuzange kudingeke aqoqe izitsha, izinkuni, nokunye okunjalo. UPetru noJohane bayinakekela leyomininingwane.
Abadala namuhla bangajabulela izinzuzo ezifanayo uma belingisa isibonelo sikaJesu. Ngokwesibonelo, lowo onakekela izincwadi angase acelwe ukuba a-ode izincwadi ezidingekile zomkhankaso osondelayo. Angase ayalwe ukuba ahlaziye amarekhodi akhe ukuze athole ukuthi izinto ezifanayo zasetshenziswa kanjani emikhankasweni edlule. Angase acabangele nezici zensimu yebandla ngaphambi kokugcwalisa ifomu loku-oda elifanele. Uyobe esedlulisela lelifomu kunobhala webandla ukuze alihlole. Uma nje umphathi wezincwadi esewazi umsebenzi wakhe, ngeke kusadingeka ukuba unobhala ahlolisise amarekhodi adlule uma nje izingqikithi efomini loku-oda zinengqondo. Ngokucacile, isenzo esilula sokuphathisa abanye siyokwenza ukufaka i-oda lezincwadi kube lula ngokwengeziwe futhi kungabi umsebenzi ongako kubo bonke abahilelekile.
Ngokuqaphela izinzuzo ezinjalo ezingatholakala, umuntu angabaphathisa kanjani abanye ngokuphumelelayo?
Indlela Yokuphathisa Abanye
Chazani umsebenzi. Okokuqala, kwenzeni kucace ukuthi yimiphi imiphumela elindelekile. “Umuntu othile wohlanga olukhulu” emfanekisweni kaJesu womina watshela izinceku zakhe eziyishumi: “Hwebani ngabo, ngize ngibuye.” (Luka 19:12, 13) Lenkosi yayilindele ukuba izinceku zihwebe ngokunenzuzo ngomina bazo bese zibika lokho ezikuzuzile lapho ibuya. Zazikwazi okumelwe zikwenze. Lesimiso singasebenza kanjani esakhiweni sosuku lwanamuhla seHholo LoMbuso? Njengesibonelo, umzalwane owabelwe ukulungisa uphahla ngokuvamile uzotshelwa izinto okufanele azisebenzise, lapho zitholakala khona, nokuthi awuqale nini umsebenzi, uma isimo sezulu sivuma. Iziqondiso ezinjalo ziphumela ekuhlelekeni okuhle.
Kubalulekile ukungachazi nje kuphela lokho okuhlanganiswa umsebenzi kodwa nokuthi yiziphi izinqumo umuntu avunyelwe ukuzenza nokuthi yiziphi izinto okufanele azidlulisele kothile. UMose watshela ayebamisile ukuthi babeyokwahlulela amacala amancane, kodwa amacala anzima kwakufanele eze kuye.—Eksodusi 18:22.
Lapho naba imithwalo yemfanelo, qaphelani ukuba nigweme ukunikeza abantu ababili imisebenzi efanayo. Lapho abantu abangaphezu koyedwa babelwa imisebenzi efanayo, kuba khona ukudideka. Cabanga okwakungenzeka emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova, uma kokubili uMnyango Wokuhlanza noMnyango Wenkonzo Yokudla yayinikezwe umthwalo wemfanelo wokuhlanza izindawo zokudla, noma uma kokubili uMnyango Wabalindi noMnyango Wezokucwilisa yayabelwe ukuqondisa izibukeli phakathi nobhapathizo.
Khethani amadoda afanelekayo. UJetiro weluleka uMose: “Kumelwe wena ngokwakho ufune amadoda anekhono, esaba uNkulunkulu phakathi kwabo bonke abantu, amadoda athembekile nangenakho ukonakala, uwamise phezu kwabantu.” (Eksodusi 18:21, The New English Bible) Ngokusobala, indoda kumelwe kuqala ihlangabezane nezimfanelo ezingokomoya. Ukuze kunqunywe ukuthi umuntu unalo yini “ikhono” lokwenza umsebenzi okhona, kumelwe kucatshangelwe izici ezinjengezobuntu, okuhlangenwe nakho, ukuqeqeshwa, neziphiwo. Kanjalo, umKristu onokuthambekela okunomusa, okuhle, nokuwusizo cishe ubengasebenza kahle kumagazini noma njengomlindi. Ngomqondo ofanayo, lapho kukhethwa othile ukuze asize unobhala webandla, kuyocatshangelwa ngokunengqondo indlela ahleleke ngayo. Ingabe uyayinakekela imininingwane, ingabe unokwethenjelwa, futhi angayigcina yini imfihlo? (Luka 16:10) Ukucabangela izici ezinjalo naphezu kwezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo kuyosiza ekufakeni indoda efanele emsebenzini.
Nikezani izinto ezanele ezidingekayo. Lowo okhonzayo kuyodingeka abe nezinto ezithile ezidingekayo ukuze aqede umsebenzi awabelwe. Mhlawumbe uyodinga amathuluzi, izimali, noma usizo. Nikezani izinto ezanele ezidingekayo. Ngokwesibonelo, umzalwane othile angase acelwe ukuba enze ukulungisa okudingekayo eHholo LoMbuso. Ngokusobala, uyotshelwa lokho okufanele kwenziwe, kodwa angase adinge nemadlana ukuze athenge izinto ezingase zidingeke. Mhlawumbe uyodinga usizo. Khona-ke abadala bangacela abanye ukuba bamsize noma benze isaziso ebandleni esinjengokuthi ‘UMzalwan’ uSibanibani uyobe enza umsebenzi owukuthi nokuthi ehholo, futhi angase akhulume nabanye benu ukuze acele usizo.’ Ukucabangela okunjalo kuyovimbela othile ekwabeni umsebenzi ngaphandle kokulungiselela izinto ezidingekayo ezanele. Omunye umeluleki wabaphathi ukubeka kanje: “Ningaphathisi abanye ngokwengxenye.”
Lapho waba imithwalo yemfanelo, yazisa abanye ukuthi lomuntu usebenza esikhundleni sakho. Igunya lokusebenza esikhundleni sakho lingokudingekayo futhi. UJoshuwa wathunywa ukuba abe umholi omusha kaIsrayeli phambi “kwayo yonke inhlangano.” UMose wayalwa ukuba ‘abeke udumo lwakhe phezu kwakhe.’ (Numeri 27:18-23) Esimweni sebandla, kungafezwa okufanayo ngokumane kuchonywe uhlu lwalabo ababelwe imisebenzi ebhodini lezaziso.
Sekelani izinqumo zabo. Manje lowo owabelwe angaqhubeka nomsebenzi okumelwe wenziwe. Nokho, khumbula, ungaba umthombo wangempela wesikhuthazo kuye uma usekela izinqumo ezinhle azenzayo. Ngokwesibonelo, wena njengomdala ungase ube nendlela yakho siqu oyithandayo ngokuphathelene nendlela izikhulisa-zwi namatafula okubekwa ngayo endaweni yesikhulumi eHholo LoMbuso, mhlawumbe okuhlukile ngandlela-thile kunendlela umzalwane owabelwe akwenza ngayo. Nokho, uma lomzalwane onakekela indawo yesikhulumi enikezwa inkululeko ethile emsebenzini wakhe, ngokunokwenzeka uyozuza ukuzethemba nokuhlangenwe nakho. Ngaphandle kwalokho, angase athuthukise ngisho nezinto. Omunye umeluleki wezamabhizinisi wathi: “Phathisa abanye umsebenzi, hhayi indlela owenziwa ngayo. . . . Ngokuvamile, ikhono elihle lifihlekile.”
Ngaphezu kwalokho, lomzalwane okunguyena kanye owenza lomsebenzi, ngokuvamile usondelene ngokwengeziwe nesimo esithile futhi angase aziqonde kangcono izinkinga ezihlobene naso. Ngokunokwenzeka uyosabela ezinkingeni ngamakhambi asebenza ngempela. Kungenzeka ubhekene nezici ezingabonakali kalula kwababhekile. Ngakho-ke, omunye umbonisi ongumKristu wathi ngomsizi wakhe onokuhlangenwe nakho: “Uma ethi uthola izinkinga ezithile, kumelwe ngimethembe.”
Yebo, usizo olubaluleke kakhulu olutholakalela abadala abangamaKristu, amadoda nabesifazane abazinikezele abazimisele futhi abakwaziyo ukusiza nganoma iyiphi indlela abaqondiswa ngayo. Badala, lusebenziseni lolusizo oluhle kakhulu! Ukuphathisa abanye kuwuphawu lwesizotha futhi kunganciphisa ukucindezeleka nokukhungatheka. Akukhona nje ukuthi niyokwazi ukwenza okwengeziwe kodwa niyonikeza abanye ithuba lokuzuza okuhlangenwe nakho okudingekayo.