Ukucindezeleka Komkhaya—Isici Esivelele Sezikhathi Zethu
UKUCINDEZELEKA komkhaya—abaningi bakubheka njengesibonakaliso sokuphelelwa isikhathi kwemithetho yomshado neyobuzali eyisiko ebilokhu ilandelwa. Abanye bakubheka njengomkhiqizo woshintsho lwezombangazwe, ezomnotho, nezenhlalo. Kanti abanye bakubheka futhi njengenye yezinhlekelele zezobuchwepheshe banamuhla. Empeleni izinkinga imikhaya elwisana nazo namuhla zikhomba kokuthile okusho okukhulu kakhulu kunalokho. Phawula amazwi eBhayibheli akweyesi-2 Thimothewu 3:1-4:
“Yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”
Ingabe lamazwi awafinyeleli kuwo kanye umsuka wezinkinga zanamuhla? Ngokusobala ukucindezeleka komkhaya kwanamuhla kuwumphumela oqondile wezimo okwabikezelwa ukuthi zizoba khona phakathi nezinsuku zokugcina zalelizwe. Futhi kunobufakazi obukholisayo bokuthi lenkathi yokucindezeleka yaqala ngonyaka ka-1914.a Kusukela ngalesosikhathi, ithonya lesidalwa somoya esingaphezu komuntu esibizwa ngokuthi uSathane uDeveli belibhubhisa ngezinga elingavamile.—Mathewu 4:8-10; 1 Johane 5:19.
Njengoba evaleleke emhlabeni kusukela ngo-1914, uSathane ‘unolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!’ (IsAmbulo 12:7-12) Njengoba uSathane eyisitha esikhulu sikaNkulunkulu “eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,” ingabe kuyamangalisa ukuthi umhlaba uye waba indawo eyingozi ngemikhaya? (Efesu 3:15) USathane uzimisele ukuba adedisele sonke isintu kude noNkulunkulu. Iyiphi indlela engcono ebengakufeza ngayo lokhu ngaphandle kokuhlasela imikhaya ngezinkinga?
Kungadingeka okungaphezu kwemibono ekha phezulu yalabo okuthiwa ochwepheshe ukuze kuvikelwe imikhaya ekuhlaselweni okunjalo okungaphezu kwamandla omuntu. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi ngoSathane: “Asisibo abangawazi amacebo akhe.” (2 Korinte 2:11) Kunesilinganiso esithile sesivikelo ekwazini ezinye zezindlela ezikhethekile ahlasela ngazo.
Imali Nomsebenzi
Ukucindezela kwezomnotho kungesinye sezikhali zikaSathane esinamandla kakhulu ahlasela ngaso. Lezi “izikhathi ezinzima,” noma njengoba iRevised Standard Version ihumusha eyesi-2 Thimothewu 3:1, “izikhathi zokucindezeleka.” Emazweni asathuthuka, izinkinga ezinjengokungatholakali kwemisebenzi, amaholo aphansi, nokuntuleka kwezidingo eziyisisekelo kubangela ubunzima obukhulu emikhayeni. Nokho, ngisho naseUnited States enothile uma kuqhathaniswa, ukucindezela kwezomnotho kunomphumela ongathi sína. Okunye ukuhlola kwaseU.S. kwembula ukuthi imali ingesinye sezisusa eziyinhloko zezingxabano zomkhaya. Incwadi ethi Secrets of Strong Families ichaza ukuthi “isikhathi, ukunaka, [kanye] namandla” okunikelwayo ekuhlangabezaneni nezimfuneko zomsebenzi nakho kungaba “isitha esingabonakali” esigugula isibopho somshado.
Izimo ziye zaphoqelela amanani angenakubalwa abesifazane ukuba afune umsebenzi. Umbhali uVance Packard uyabika: “Okwamanje, okungenani ingxenye yesine yezinsana nabantwana abacathulayo abangaphansi kweminyaka emithathu ubudala baseMelika inomama abenza uhlobo oluthile lomsebenzi ngaphandle kwekhaya.” Ukunakekela izidingo cishe ezingapheli zezingane ezincane kanye nomsebenzi wokuziphilisa kungaba umsebenzi ongathandeki, okhathazayo—onemiphumela ebuhlungu kokubili kubazali nakubantwana. UPackard unezela ngokuthi ngenxa yokuntuleka kwamalungiselelo okunakekelwa kwabantwana okwanele eUnited States, “abantwana abayizigidi eziningana namuhla bancishwa ukunakekelwa okuhle eminyakeni yabo yokuqala.”—Our Endangered Children.
Indawo yomsebenzi ngokwayo ngokuvamile iyakulimaza ukuzwana komkhaya. Izisebenzi eziningi ziyengelwa ekuziphatheni okubi ngokobulili kanye nalabo ezisebenza nabo. Kanti ezinye zihileleka ekuphishekeleni impumelelo okuyize futhi zidele ukuphila komkhaya wazo ukuze zithuthukise umsebenzi wokuziphilisa. (Qhathanisa nomShumayeli 4:4.) Enye indoda yayixakeka kakhulu ngomsebenzi wayo njengomkhulumeli wemikhiqizo yenkampane kangangokuthi umkayo wazichaza “njengomzali ongayedwa wangempela.”
Izibopho Zomshado Ezibuthakathaka
Umshado ngokwawo nawo uye waba ngaphansi kokuhlaselwa. Incwadi ethi The Intimate Environment ithi: “Esikhathini esidlule, kwakulindeleke ukuthi umbhangqwana wawuyohlala ushadile ngaphandle kwalapho omunye umlingane one umshado ngokungathi sína—ukuphinga, unya, ukudebesela okukhulu. Manje abantu abaningi bathi injongo yomshado iwukuzanelisa komuntu siqu.” Yebo, umshado ubhekwa njengekhambi lokungajabuli, isithukuthezi noma isizungu—hhayi njengokuzibopha komunye umuntu kukho konke ukuphila. Okugxilwe kukho manje yilokho okuzuzayo emshadweni, hhayi lokho okunikela kuwo. (Qhathanisa nezEnzo 20:35.) “Lolushintsho olukhulu ezimisweni zomshado” luye lwazenza buthakathaka kakhulu izibopho zomshado. Lapho ukwaneliseka komuntu siqu kuyiphunyuka, imibhangqwana ngokuvamile iphendukela esahlukanisweni njengekhambi elisheshayo.
Abantu ‘kulezinsuku zokugcina’ bachazwe ngokwesiprofetho eBhayibhelini ‘njengabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.’ (2 Thimothewu 3:4, 5) Iningi lochwepheshe linomuzwa wokuthi ukuwohloka kwenkolo kube nesandla ekwenzeni buthaka umshado. Encwadini yakhe ethi The Case Against Divorce, uDkt. Diane Medved wabhala: “Ngokwezinkolo eziningi, uNkulunkulu wathi umshado kwakumelwe uhlale njalo. Uma ungaqiniseki ngoNkulunkulu noma ungakholelwa kuYe, khona-ke wenza lokho okufunayo.” Ngenxa yalokho, uma umshado uba nezinkinga, imibhangqwana ayifuni amakhambi anengqondo. “Ngokuxhamazela idabula izincwadi zomshado.”
Intsha Ingaphansi Kokuhlaselwa
Abantwana badiyazeliswa ukucindezela kwanamuhla. Amanani ashaqisayo abantwana ashaywa ngesihluku futhi axhashazwa ngamazwi noma ngokobulili abazali bawo siqu. Ngesahlukaniso, izigidi ezengeziwe ziphucwa ukuba nethonya lothando lwabazali ababili, futhi ubuhlungu besahlukaniso sabazali ngokuvamile buhlala sonke isikhathi sokuphila.
Intsha ihlaselwa amathonya anamandla. Ngesikhathi umuntu osemusha ovamile waseMelika eba neminyaka engu-14 ubudala, uyobe esebone ukubulawa kwabantu okungu-18 000 nezinye izinhlobo zobudlova ezingenakubalwa, ubulili obungemthetho, ukuzitika ngobulili okuyisihluku, nobugebengu ngokubukela nje ithelevishini. Umculo nawo unethonya elikhulu entsheni, futhi omningi wawo ungcole ngokushaqisayo, ukhuluma ingcaca ngobulili, noma uqukathe ngisho nokukhulekelwa kukaSathane. Izikole zenza intsha ivulekele ezimfundisweni ezinjengokuziphendukela kwemvelo ezilulaza ukholo kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Ukucindezela kontanga kushukumisela abaningi ukuba bahileleke ebulilini bangaphambi komshado nasotshwaleni noma ekusebenziseni kabi izidakamizwa.
Imisuka Yokucindezeleka Komkhaya
Ngakho-ke ukuhlaselwa kwemikhaya kubanzi kakhulu futhi kungaba okubhubhisayo. Yini engasiza imikhaya ukuze isinde? Umeluleki wemikhaya uJohn Bradshaw uyasikisela: “Imithetho yethu yobuzali ayizange ishintshe ngempela ukuze ihambisane nesikhathi eminyakeni engu-150. . . . Ngikholelwa ukuthi imithetho emidala ayisasebenzi.” Nokho, imithetho eminingi eyenziwe abantu ayilona ikhambi. UJehova uNkulunkulu unguMsunguli womkhaya. Wazi kangcono kunanoma ubani omunye ukuthi ukuphila komkhaya kufeza indima ebaluleke kangakanani enjabulweni yethu yomuntu siqu nokuthi yini edingekayo ukuze umkhaya ujabule futhi uqine. Ingabe kufanele kusimangalise ukuthi iZwi lakhe, iBhayibheli, linikeza ikhambi ekucindezelekeni komkhaya?
Leyoncwadi endala ichaza ukuthi ukuphila komkhaya konakala kanjani. Umbhangqwana wokuqala wabantu, uAdamu noEva, wabekwa endaweni eyayinjengensimu enhle futhi wanikezwa umsebenzi ovuzayo wokuguqula umhlaba ube yipharadesi lembulunga yonke. UNkulunkulu wanquma ukuthi uAdamu wayezoba inhloko yomkhaya. UEva wayezobambisana nobunhloko bakhe ‘njengomsizi’ wakhe, noma [“umphelelisi,” NW] Kodwa uEva walivukela lelilungiselelo. Wagabadela ubunhloko bomyeni wakhe futhi weqa umyalo owodwa nowukuphela kwawo uNkulunkulu ayebanikeze wona. Khona-ke uAdamu walahla ubunhloko bakhe futhi wahlanganyela naye kulokhu kuvukela.—Genesise 1:26–3:6.
Imiphumela ebhubhisayo yalokhu kuphambuka elungiselelweni likaNkulunkulu yaba sobala ngokushesha. Bengasahlanzekile futhi bengasemsulwa, uAdamu noEva baba namahloni futhi bazizwa benecala. UAdamu, ekuqaleni owayechaze umkakhe ngamazwi amnandi, asankondlo, manje ngokungenakwazisa wabhekisela kuye ngokuthi “owesifazane, owangipha yena.” Lokho kuphawula okungekuhle kwakumane kuwukuqala kosizi lomshado. Imizamo ka-Adamu eyize yokubuyisela ubunhloko bakhe yayizophumela ‘ekumbuseni’ kwakhe. Ngakolunye uhlangothi, uEva ‘wayezonxanela’ indoda yakhe, mhlawumbe ngendlela eyeqisayo noma yokungalinganiseli.—Genesise 2:23; 3:7-16.
Ngokusobala, ukuxabana emshadweni kuka-Adamu noEva kwaba nethonya elilimazayo phezu kwabantwana babo. Indodana yabo eyizibulo, uKayini, yaba umbulali ononya. (Genesise 4:8) ULameka, umntakaKayini, wanezela ekuwohlokeni kokuphila komkhaya ngokuthi abe umuntu wokuqala emlandweni owaba nesithembu. (Genesise 4:19) Kanjalo uAdamu noEva abazange badlulisele ifa lesono nokufa kuphela kodwa nesibonelo esibi somkhaya ogulayo uhlanga lwesintu obelulokhu lubambelele kuso kusukela ngalesosikhathi. Phakathi nalezinsuku zokugcina, ukungezwani komkhaya kuye kwafinyelela iqophelo elingakaze libonwe.
Imikhaya Ephumelelayo
Nokho, akuyona yonke imikhaya, evumela ukunqotshwa ukucindezela kwanamuhla. Ngokwesibonelo, enye indoda, ihlala nomkayo namadodakazi amabili emphakathini omncane eUnited States. Nakuba abaningi bomakhelwane babo behlushwa yigebe lesizukulwane phakathi kwabazali nabantwana babo, akunjalo ngayo nomkayo, futhi abakhathazekile ngokuthi amadodakazi abo angase afune ukuzihlolela ngezidakamizwa noma ngobulili. Njalo kusihlwa ngoMsombuluko, lapho enye intsha igqolozele iTV, wonke umkhaya wabo ubuthana etafuleni lendlu yokudlela ukuze ube nengxoxo yeBhayibheli. “Ubusuku bangoMsombuluko buwubusuku bethu obukhethekile bokuba sibe ndawonye futhi sixoxe,” uyachaza. “Amadodakazi ethu azizwa ekhululekile ukuba axoxe nathi ngezinkinga zawo.”
Ngakolunye uhlangothi, kunomzali ongayedwa eDolobheni laseNew York naye ojabulela ubunye bomkhaya obungavamile namadodakazi akhe amabili. Iyini imfihlo yakhe? Uyachaza: “Sigcina iTV icishiwe kuze kube impela-sonto. Siba nengxoxo yansuku zonke yetekisi leBhayibheli. Futhi sibekela eceleni ubusuku obubodwa ukuze sibe nengxoxo yeBhayibheli yomkhaya.”
Yomibili lemikhaya ingoFakazi BakaJehova. Ilandela iseluleko semikhaya esinikezwe eBhayibhelini—futhi siyasebenza. Nokho, akuyona yodwa. Kunamakhulu ezinkulungwane zemikhaya efana nayo ethola imiphumela emihle ngokusebenzisa imithetho yokuphila komkhaya okutholakala kuleyoncwadi.b Yimiphi ngempela leyomithetho? Ingakuzuzisa kanjani wena nomkhaya wakho? Ukuze uthole impendulo sikumema ukuba ucabangele izihloko eziqala ekhasini elilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ubufakazi obengeziwe bokuthi izinsuku zokugcina zaqala ngo-1914, bheka isahluko 18 sencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, enyatheliswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, oFakazi BakaJehova banikeza usizo lomuntu siqu ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli emkhayeni. Kungaxhunyanwa nabo ngokubhalela abanyathelisi balomagazini.
[Isithombe ekhasini 4]
Izimo zezomnotho ezingezinhle zibangela ukucindezeleka okukhulu ngemikhaya emazweni asathuthuka
[Umthombo]
U.S. Navy photo
[Isithombe ekhasini 7]
Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, imikhaya eminingi imelana nokucindezela kwanamuhla